Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 42

Imbongolo Iyakhuluma

Imbongolo Iyakhuluma

WAKE wayizwa imbongolo ikhuluma? ‘Cha,’ ungase usho. ‘Izilwane azikwazi ukukhuluma.’ Kodwa iBhayibheli lisitshela ngembongolo eyakhuluma. Ake sibone ukuthi kwenzeka kanjani.

Ama-Israyeli asecishe alungele ukungena ezweni laseKhanani. UBhalaki inkosi yakwaMowabi, uyawesaba ama-Israyeli. Ngakho uthuma indoda ehlakaniphile uBhalami ukuba aqalekise ama-Israyeli. UBhalaki uthembisa uBhalami imali eningi, ngakho uBhalami ugibela imbongolo yakhe aqalise uhambo lokuya kuBhalaki.

UJehova akafuni ukuba uBhalami aqalekise abantu baKhe. Ngakho uthuma ingelosi nenkemba ende ime endleleni ivimbele uBhalami. UBhalami akayiboni ingelosi, kodwa imbongolo yakhe iyayibona. Ngakho imbongolo izama ukugwema ingelosi, ekugcineni ivele ilale phansi endleleni. UBhalami uthukuthela kakhulu, ayishaye ngenduku imbongolo yakhe.

UJehova abangele ukuba uBhalami ezwe imbongolo yakhe ikhuluma naye. ‘Ngenzeni kuwe ukuba ungishaye?’ kubuza imbongolo.

‘Ungenza isiphukuphuku,’ kusho uBhalami. ‘Ukuba benginenkemba bengizokubulala!’

‘Ngake ngakuphatha ngale ndlela ngaphambili?’ kubuza imbongolo.

‘Cha,’ kuphendula uBhalami.

UJehova enze ukuba uBhalami abone ingelosi nenkemba imi endleleni. Ingelosi ithi: ‘Uyishayelani imbongolo yakho? Ngizele ukuzovimba indlela yakho, ngoba akufanele uyoqalekisa ama-Israyeli. Ukuba imbongolo yakho ayizange ingigweme, bengizokushaya ufe, kodwa bengingeke ngiyilimaze imbongolo yakho.’

UBhalami uthi: ‘Ngonile. Bengingazi ukuthi umi endleleni.’ Ingelosi idedele uBhalami ahambe, uBhalami ayobona uBhalaki. Usazama ukuqalekisa u-Israyeli, kodwa kunalokho, uJehova umenza abusise u-Israyeli kathathu.