Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 49

Ilanga Liyama

Ilanga Liyama

BHEKA uJoshuwa. Uthi: ‘Langa, yima!’ Ilanga liyama. Lima phakathi nesibhakabhaka usuku lonke. UJehova owenza kwenzeke! Kodwa ake sibone ukuthi kungani uJoshuwa efuna ilanga lingashoni.

Lapho amakhosi amabi ayisihlanu ezweni laseKhanani eqala ukulwa nabaseGibheyoni, abaseGibheyoni bathumela kuJoshuwa bacela usizo. Bathi: ‘Woza kithi ngokushesha! Sisindise! Wonke amakhosi ezwe ayakhuphuka azolwa nezinceku zenu.’

Ngokushesha uJoshuwa namadoda akhe empi bayahamba. Bahamba ubusuku bonke. Uma befika eGibheyoni, amabutho ala makhosi ayisihlanu ayesaba aqale ukubaleka. UJehova awise amatshe amakhulu esichotho ezulwini, kufe abaningi ngokushaywa yisichotho kunababulawa yimpi kaJoshuwa.

UJoshuwa uyabona ukuthi ngokushesha ilanga lizoshona. Kuzoba mnyama, bese kuthi abaningi emabuthweni amakhosi ayisihlanu amabi babaleke. Kungakho uJoshuwa ethandaza kuJehova abese ethi: ‘Langa, yima!’ Uma ilanga lihlala likhanya, ama-Israyeli ayakwazi ukuqedela ukunqoba impi.

Kunamaningi amanye amakhosi amabi eKhanani azonda abantu bakaJehova. Kuthatha uJoshuwa nempi yakhe cishe iminyaka eyisithupha ukunqoba amakhosi angu-31 ezweni. Uma lokhu sekwenziwe, uJoshuwa uhlukanisela izwe laseKhanani kulezo zizwe ezisadinga indawo.

Kudlula iminyaka eminingi, uJoshuwa ufa eneminyaka eyi-110. Lapho esaphila nabangane bakhe, abantu bamlalela uJehova. Kodwa lapho befa, abantu baqala ukwenza izinto ezimbi bangena enkathazweni. Kulapho lapho beludinga khona usizo lukaJehova.