Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 50

Abesifazane Abanesindi

Abesifazane Abanesindi

LAPHO ama-Israyeli engena enkathazweni, akhala kuJehova. UJehova uwaphendula ngokuwanikeza abaholi abanesibindi ukuba bawasize. IBhayibheli libabiza ngokuthi abahluleli. UJoshuwa wayengumahluleli wokuqala, abanye babahluleli ngemva kwakhe kwakungo-Otheniyeli, u-Ehudi noShamgari. Kodwa ababili kubantu abasiza ama-Israyeli ngabesifazane oDebora noJayeli.

UDebora ungumprofethikazi. UJehova umnikeza ukwaziswa ngokuqondene nesikhathi esizayo, abe esetshela abantu ukuthi uthini uJehova. UDebora futhi ungumahluleli. Uhlala ngaphansi komuthi wesundu ethafeni, abantu beze kuye abasize ezinkingeni zabo.

Ngalesi sikhathi uJabini uyinkosi eKhanani. Unezinqola zempi ezingama-900. Impi yakhe inamandla kangangokuthi ama-Israyeli amaningi aye aphoqelelwa ukuba izinceku zikaJabini. Induna yempi yeNkosi uJabini, nguSisera.

Ngolunye usuku uDebora uthumela kumahluleli uBharaki, uthi kuye: ‘UJehova uthe: “Thatha amadoda ayizi-10 000 uwaholele eNtabeni iThabori. Ngiyonikela uSisera kuwe khona. Uyomnqoba yena nempi yakhe.”’

UBharaki athi kuDebora: ‘Ngiyohamba uma nawe uhamba nami.’ UDebora uyavuma, kodwa athi kuBharaki: ‘Akuyikuba ngolwakho udumo lokunqoba, ngoba uJehova uyonikela uSisera esandleni sowesifazane.’ Futhi kwenzeka kanjalo.

UBharaki wehla entabeni iThabori ahlangane nempi kaSisera. Ngokushesha uJehova uletha isikhukhula, amaningi amabutho esitha aminze. USisera uyehla enqoleni yakhe abaleke ngezinyawo.

Ngemva kwesikhathi uSisera ufika etendeni likaJayeli. Uyamngenisa, amnikeze ubisi. Lokhu kuyamezelisa, alale azumeke. UJayeli athathe isikhonkwane setende asifake ekhanda lale ndoda. Kamuva, uma uBharaki eza, umkhombisa uSisera ofile! Ngakho ungabona ukuthi okwashiwo uDebora kwaba yiqiniso.

Ekugcineni neNkosi uJabini iyabulawa, ama-Israyeli abe nokuthula futhi isikhathi esithile.