Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 51

URuthe NoNawomi

URuthe NoNawomi

EBHAYIBHELINI uyothola incwadi okuthiwa uRuthe. Iyindaba ngomkhaya owawuphila ngesikhathi u-Israyeli enabahluleli. URuthe ungowesifazane omusha wezwe lakwaMowabi. Akayena owesizwe sikaNkulunkulu sama-Israyeli. Kepha lapho efunda ngoNkulunkulu weqiniso uJehova, umthanda kakhulu. UNawomi ungowesifazane osekhulile owasiza uRuthe ukuba afunde ngoJehova.

UNawomi ungowesifazane ongumIsrayeli. Yena nendoda yakhe namadodana amabili abo baya ezweni lakwaMowabi ngesikhathi kunokudla okuncane kwa-Israyeli. Ngelinye ilanga wafa umyeni kaNawomi. Kamuva amadodana akhe ashada nezintombi zakwaMowabi oRuthe no-Orpa. Ngemva kweminyaka ecishe ibe yi-10, amadodana kaNawomi afa. UNawomi namantombazane amabili badabuka kakhulu! Wayezokwenzenjani manje uNawomi?

Ngelinye ilanga uNawomi unquma ukuthatha uhambo olude abuyele kwabakubo. URuthe no-Orpa bafuna ukuhamba naye. Ngemva kokuba sebehambe isikhashana, uNawomi uphendukela kubona athi: ‘Buyelani emakhaya nihlale nomama benu.’

UNawomi uyawanga amantombazane avalelise. Ngalokho aqala ukukhala ngoba amthanda kakhulu uNawomi. Athi: ‘Cha! Sizohamba nawe siye kubantu bakini.’ UNawomi aphendule: ‘Buyelani emuva madodakazi ami. Kuyoba ngcono ngani emakini.’ Ngakho u-Orpa uphindela emuva ekhaya. Kodwa uRuthe uyasala.

UNawomi uthi kuye: ‘U-Orpa usehambile. Nawe futhi hamba naye.’ Kodwa uRuthe uyaphendula: ‘Ungazami ukungenza ngikushiye! Mangihambe nawe. Lapho uya khona ngiyoya khona, lapho uyohlala khona ngiyohlala khona. Abantu bakho bayokuba abantu bami, uNkulunkulu wakho uyokuba ngowami. Lapho uyofela khona ngiyofela khona, ngiyongcwatshwa khona.’ Uma uRuthe esho lokhu, uNawomi akasazami ukumphindisela ekhaya.

Ekugcineni abesifazane ababili bafika kwa-Israyeli bathola indawo bahlale. URuthe uqala ukusebenza emasimini ngoba kwakuyisikhathi sokuvuna ibhali. Indoda okwakuthiwa uBhowazi iyamvumela avune ensimini yayo. Uyazi ukuthi wayengubani umama kaBhowazi? KwakunguRahabi womuzi waseJeriko.

Ngelinye ilanga uBhowazi uthi kuRuthe: ‘Ngizwile ngawe, nokuthi umphethe kahle kanjani uNawomi. Ngiyazi ukuthi wamshiya kanjani uyihlo nonyoko nezwe lakini nokuthi weza kanjani wazohlala phakathi kwabantu ongabazi. Sengathi uJehova angakubusisa!’

URuthe uyaphendula: ‘Unomusa kimi nkosi yami. Ungenza ngizizwe ngingcono ngendlela okhuluma ngayo kimi.’ UBhowazi umthanda kakhulu uRuthe, futhi ngemva kwesikhashana bayashada. Yeka indlela okumjabulisa ngayo uNawomi lokho! Kodwa ujabula ngokungaphezulu uma uRuthe noBhowazi beba nendodana yabo yokuqala, u-Obede. Kamuva u-Obede uba uyisemkhulu kaDavide, esizofunda ngaye kamuva.

Incwadi yeBhayibheli kaRuthe.