Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 52

UGideyoni Namadoda Awu-300

UGideyoni Namadoda Awu-300

UYABONA ukuthi kwenziwani lapha? Lawa amadoda empi akwa-Israyeli. Amadoda aguqile ayaphuza. Umahluleli uGideyoni umi eduze kwawo. Ubheka indlela aphuza ngayo amanzi.

Bhekisisa izindlela ezihlukahlukene amadoda aphuza ngazo. Amanye agobela emanzini aphuze ngomlomo. Kodwa enye iphuza ngezandla, ukuze ibone ukuthi kwenzekani. Kubalulekile, ngoba uJehova watshela uGideyoni ukuba akhethe kuphela amadoda aqaphelayo ngesikhathi ephuza. Amanye, uNkulunkulu wathi aphindiselwe ekhaya. Ake sibone ukuthi kungani.

Ama-Israyeli asenkathazweni futhi. Isizathu siwukuthi awamlalelanga uJehova. Aba ngaphansi kwabakwaMidiyani futhi bayawahlupha. Ngakho ama-Israyeli akhalela usizo kuJehova, naye uyakuzwa ukukhala kwawo.

UJehova utshela uGideyoni ukuba abuthe impi, ngakho uGideyoni ubutha amadoda empi ayizi-32 000. Kodwa kunempi yamadoda awu-135 000 alwa no-Israyeli. UJehova uthi kuGide-yoni: ‘Unamadoda amaningi kakhulu.’ Kungani uJehova esho kanjalo?

Ngenxa yokuthi uma u-Israyeli enqoba impi, babengase bacabange ukuthi inqotshwe yibo ngokwabo. Babengase bacabange ukuthi babengaludingi usizo lukaJehova. Ngakho uJehova uthi kuGideyoni: ‘Tshela wonke amadoda esabayo ukuba aphindele ekhaya.’ Uma uGideyoni ebatshela, abayizi-22 000 baphindela ekhaya. Lokhu kumshiya namadoda ayizi-10 000 kuphela azokulwa namasosha angu-135 000.

Kodwa lalela! UJehova uthi: ‘Usenabaningi kakhulu.’ Ngakho utshela uGideyoni ukuba aphuzise amadoda kulo mfula. Abaphuza ngomlomo emanzini, abaphindisele ekhaya. UJehova uyathembisa, ‘Uzonqoba ngamadoda angu-300 aqaphayo lapho ephuza.’

Siyafika isikhathi sokulwa. UGideyoni uhlukanisa amadoda kathathu. Ngayinye uyinikeza uphondo nesitsha esino-kokukhanyisa phakathi. Cishe phakathi kwamabili, bonke bahlangana ekamu lamabutho ayizitha. Khona-ke, kanyekanye, bonke bashaya amacilongo nezitsha zabo, bamemeze: ‘Inkemba kaJehova nekaGideyoni!’ Uma amasosha ayizitha evuka, ayakhungatheka abe nokwesaba. Aqale ukubaleka, ama-Israyeli ayinqobe impi.