Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 54

Indoda Enamandla

Indoda Enamandla

UYALAZI igama lendoda enamandla eyake yaphila? Umahluleli ogama lakhe uSamsoni. UJehova onika uSamsoni amandla. Ngisho nangaphambi kokuzalwa kwakhe, uJehova utshela unina: ‘Uzoba nendodana. Izoba umholi wokusindisa ama-Israyeli kwabaseFilisti.’

AmaFilisti angabantu ababi abahlala eKhanani. Banamadoda amaningi empi, bawahlupha ngempela ama-Israyeli. Ngesinye isikhathi, uSamsoni esendleleni eya lapho kuhlala khona amaFilisti, uhlangabezana nebhubesi elikhulu libhodla liza kuye. Kodwa uSamsoni uyalibulala ibhubesi ngezandla zakhe. Ubulala futhi amaningi amaFilisti amabi.

Kamuva uSamsoni uthandana nowesifazane uDelila. Abaholi bamaFilisti bathembisa ukuthi ngamunye wabo uzonika uDelila izinhlamvu zesiliva ezingu-1 100 uma ewatshela ukuthi yini eyenza uSamsoni abe namandla. UDelila uyayifuna leyo mali. Akayena umngane wangempela kaSamsoni noma wabantu bakaNkulunkulu. Ngakho ubuza uSamsoni njalo ukuthi uwathathaphi amandla.

Ekugcineni, uDelila wenza uSamsoni amtshele imfihlo yamandla akhe. Uthi, ‘Izinwele zami azikaze zigundwe. Kusukela ngizalwa, uJehova wangikhetha ukuba ngibe inceku yakhe ekhethekile okuthiwa umNaziri. Uma ngigundwa izinwele, ngingaphelelwa ngamandla.’

Uma uDelila ezwa lokhu, ulalisa uSamsoni ethangeni lakhe. Ubiza indoda ukuba izomgunda izinwele. Uma uSamsoni evuka, akasenawo amandla. AmaFilisti eze ambambe. Amkhipha amehlo womabili, amenze inceku yawo.

Ngelinye ilanga abaseFilisti banedili elikhulu lokukhonza unkulunkulu wabo uDagoni, bakhipha uSamsoni etilongweni ukuba badlale ngaye. Ngaleso sikhathi, izinwele zikaSamsoni zase zikhulile futhi. USamsoni athi kumfana omholayo: ‘Ake ungincikise ezinsikeni zendlu.’ USamsoni athandaze kuJehova ecela amandla, abambe izinsika. Amemeze: ‘Mangife namaFilisti.’ KunamaFilisti ayizi-3 000 kuleli dili, uma uSamsoni egoba ephusha izinsika isakhiwo siyawa kufe bonke laba bantu ababi.