Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 55

Umfanyana Ukhonza UJehova

Umfanyana Ukhonza UJehova

INGABE akabukeki emuhle lo mfanyana? Igama lakhe uSamuweli. Indoda ebeke isandla ekhanda lakhe umpristi omkhulu kwa-Israyeli u-Eli. Omunye uyise kaSamuweli u-Elkana nonina uHana abalethe uSamuweli ku-Eli.

USamuweli cishe uneminyaka emine noma eyisihlanu. Uzohlala lapha etabernakele likaJehova no-Eli nabanye abapristi. Kungani u-Elkana noHana babenganikela ngomuntu omncane njengoSamuweli ukuba akhonze uJehova etabernakele? Ake sibone.

Eminyakeni emibalwa nje ngaphambi kwalokhu uHana wayedabuke kakhulu. Kwakungenxa yokungamfumani umntwana, kanti wayemthanda kakhulu. Ngakho ngelinye ilanga lapho uHana esetabernakele likaJehova, wathandaza: ‘O Jehova, ungangikhohlwa! Uma ungipha indodana, ngithembisa ukuthi ngiyoyinikela kuwe ukuze ikukhonze konke ukuphila kwayo.’

UJehova wawuphendula umkhuleko kaHana, ezinyangeni ezimbalwa kamuva wazala uSamuweli. UHana wayemthanda umfana wakhe, waqala ukumfundisa ngoJehova esemncane kakhulu. Uthi endodeni yakhe: ‘Uma uSamuweli esemdala ngokwanele, engasanceli, ngiyomyisa etabernakele akhonze uJehova khona.’

Yilokho esibona uHana no-Elkana bekwenza kulesi sithombe. Ngenxa yokuthi uSamuweli bamfundise kahle abazali bakhe, uyakujabulela ukukhonza uJehova lapha etendeni likaJehova. Njalo ngonyaka uHana no-Elkana bayeza bazokhuleka kuleli tende, bavakashele nomfana wabo. Njalo ngonyaka uHana uletha ijazi elisha elingenamikhono alenzele uSamuweli.

Njengoba isikhathi sihamba, uSamuweli uyaqhubeka ekhonza etabernakele likaJehova, uJehova nabantu bayamthanda. Kodwa amadodana ompristi omkhulu u-Eli, oHofini noFinehasi abalungile. Benza izinto eziningi ezimbi, benze abanye bangamlaleli uJehova. U-Eli kufanele abasuse ebupristini, kodwa akakwenzi.

USamuweli osemncane akazivumeli lezi zinto ezimbi ezenziwa etabernakele zimbangele ayeke ukukhonza uJehova. Ngenxa yokuthi bambalwa abantu abamthanda ngempela uJehova, sekuyisikhathi eside uJehova engasakhulumi nabantu. Uma uSamuweli esekhulile kwenzeka lokhu:

USamuweli ulele etabernakele. Uvuswa yizwi. Uyaphendula: ‘Ngilapha.’ Avuke agijimele ku-Eli, athi: ‘Ungibizile, ngilapha.’

Kodwa u-Eli uyaphendula: ‘Angikubizanga; buyela uyolala.’ USamuweli abuyele ayolala.

Kuba khona ukumemeza kwesibili: ‘Samuweli!’ USamuweli avuke agijimele ku-Eli futhi, athi: ‘Ungibizile, sengikhona.’ U-Eli uyaphendula: ‘Angikubizanga, ndodana yami. Hamba uyolala futhi.’ USamuweli abuyele ayolala.

‘Samuweli!’ kumemeza izwi okwesithathu. USamuweli agijimele ku-Eli, athi: ‘Ngilapha, ngoba ngempela ungibizile manje.’ U-Eli uyabona manje ukuthi kufanele kube uJehova ombizayo. Ngakho utshela uSamuweli: ‘Hamba uyolala futhi, uma ekubiza futhi, uthi: “Khuluma Jehova, inceku yakho iyezwa.”’

Usho kanjalo uSamuweli uma uJehova embiza futhi. UJehova atshele uSamuweli ukuthi uzojezisa u-Eli namadodana akhe. Kamuva uHofini noFinehasi bafe kulwiwa namaFilisti. Uma u-Eli ezwa okwenzekile, uyawa, aphuke intamo afe naye. Izwi likaJehova liyiqiniso.

USamuweli uyakhula, abe umahluleli wokugcina kwa-Israyeli. Uma ekhula, abantu bayamcela: ‘Khetha inkosi isibuse.’ USamuweli akafuni ukwenza lokhu, ngoba eqinisweni uJehova inkosi yabo. Kodwa uJehova uthi makalalele abantu.