Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 56

USawule​—Inkosi Yokuqala Kwa-Israyeli

USawule​—Inkosi Yokuqala Kwa-Israyeli

BHEKA uSamuweli ethela amafutha ekhanda lale ndoda. Babevame ukwenza lokhu kumuntu ukuze babonise ukuthi ukhethwe njengenkosi. UJehova utshela uSamuweli ukuba athele amafutha ekhanda likaSawule. Kungamafutha akhethekile anuka kamnandi.

USawule wayengacabangi ukuthi kumfanele ukuba yinkosi. ‘Ngingowesizwe sakwaBhenjamini, isizwe esincane kwa-Israyeli,’ etshela uSamuweli. ‘Usho kanjani ukuthi ngizoba yinkosi?’ UJehova uyamthanda uSawule ngoba akazikhukhumezi. Kungakho emkhetha ukuba abe yinkosi.

Kodwa uSawule akayona indoda empofu noma engelutho. Ungowasemkhayeni ocebile, futhi muhle, mude. Cishe mude kunawo wonke umuntu kwa-Israyeli! USawule unejubane futhi, uyindoda enamandla. Abantu bayajabula ngokukhetha kukaJehova uSawule abe yinkosi. Bonke baqala ukumemeza: ‘Mana njalo nkosi!’

Izitha zika-Israyeli zinamandla kakhulu. Zisabangela ama-Israyeli inkathazo enkulu. Ngemva nje kokubekwa kukaSawule, abakwa-Amoni bayabahlasela. Kodwa uSawule ubutha impi enkulu, abanqobe abakwa-Amoni. Kuyabajabulisa abantu ukuthi uSawule uyinkosi.

Njengoba iminyaka iqhubeka, uSawule uhola ama-Israyeli kokuningi ukunqoba izitha zawo. USawule futhi unendodana enesibindi uJonathani. UJonathani usiza ama-Israyeli ekunqobeni izimpi eziningi. AmaFilisti asalokhu eyizitha ezinkulu zika-Israyeli. Ngolunye usuku kuza izinkulungwane zamaFilisti azolwa nama-Israyeli.

USamuweli utshela uSawule ukuba amlinde aze enze umnikelo, noma isipho kuJehova. USamuweli uyaphuza ukuza. USawule wesaba ukuthi amaFilisti azoyisusa impi, ngakho uwenza ngokwakhe umnikelo. Uma uSamuweli esefika, utshela uSawule ukuthi akalalelanga. USamuweli uthi: ‘UJehova uzokhetha omunye umuntu abe yinkosi kwa-Israyeli.’

Kamuva uSawule akalaleli futhi. Ngakho uSamuweli uthi kuye: ‘Kungcono ukulalela uJehova kunokumenzela umhlatshelo. Ngenxa yokungamlaleli uJehova, uJehova ngeke akuyeke uyinkosi kwa-Israyeli.’

Singafunda isifundo esihle kulokhu. Kusibonisa indlela okubaluleke ngayo ukulalela uJehova njalo. Kuyasibonisa futhi ukuthi umuntu omuhle njengoba uSawule ayenjalo, angashintsha abe mubi. Asifuni ukuba babi, akunjalo?