Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 60

U-Abhigayili NoDavide

U-Abhigayili NoDavide

UYAMAZI owesifazane omuhle ozohlangabeza uDavide? Igama lakhe u-Abhigayili. Uhlakaniphile, uvimbela uDavide ekwenzeni into embi. Kodwa ngaphambi kokufunda ngalokho, ake sibone ukuthi bekwenzekani kuDavide.

Ngemva kokubaleka kukaDavide kuSawule, ucasha emhumeni. Abafowabo nawo wonke umkhaya wakubo bayohlala naye khona. Cishe amadoda angama-400 eza kuye, uDavide uba umholi wawo. UDavide abe eseya enkosini yakwaMowabi athi: ‘Ngicela ubaba nomama bazohlala nawe ngize ngazi ukuthi kwenzekani ngami.’ Kamuva uDavide namadoda akhe baqala ukucasha emaweni.

Kungemva kwalokhu lapho uDavide ehlangana no-Abhigayili. Indoda yakhe uNabali iyisicebi. Inezimvu eziwu-3 000 nezimbuzi eziwu-1 000. UNabali uyindoda elukhuni. Kodwa umkakhe u-Abhigayili muhle. Uyakwazi futhi ukwenza okulungileyo. Wake wasindisa ngisho nomkhaya wakhe. Ake sibone ukuthi kanjani.

UDavide namadoda akhe babonise umusa kuNabali. Basize ekuvikeleni izimvu zakhe. Ngakho ngelinye ilanga uDavide uthuma amadoda ukuba acele usizo kuNabali. Amadoda afika kuNabali lapho yena nabasizi bakhe begunda izimvu. Kuwusuku lwedili. UNabali unezinto eziningi azidlayo. Amadoda kaDavide athi: ‘Sibonisé umusa kuwe. Asizange sebe neyodwa yezimvu zakho, kodwa siye sasiza ekuzeluseni. Manje, ake usiphe ukudla.’

UNabali uthi: ‘Anginakuninika ukudla kwami.’ Ukhuluma ngendlela elukhuni, futhi akhulume izinto ezimbi ngoDavide. Uma amadoda ebuya etshela uDavide lokho, uDavide uyathukuthela. Utshela amadoda akhe: ‘Bhincani izinkemba zenu!’ Bangena indlela bayobulala uNabali namadoda akhe.

Enye emadodeni kaNabali, ewezwile amazwi kaNabali alukhuni, itshela u-Abhigayili okwenzekile. Khona lapho u-Abhigayili alungise ukudla. Ukulayisha ezimbongolweni angene indlela. Lapho ehlangana noDavide, uyehla embongolweni, akhothame athi: ‘Siza nkosi yami, ungayinaki indoda yami uNabali. Uyisiphukuphuku, wenza izinto zobuwula. Nasi isipho. Sithathe, usithethelele ngokwenzekile.’

UDavide uyaphendula: ‘Ungowesifazane ohlakaniphile. Ungivi-mbele ekubulaleni uNabali ngiphindisele ngobulukhuni bakhe. Hamba uye ekhaya ngokuthula.’ Kamuva, uma uNabali efa, u-Abhi-gayili uba ngomunye wabafazi bakaDavide.