Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 68

Abafana Ababili Abavuswa

Abafana Ababili Abavuswa

UMA ungafa, umama wakho ubengazizwa kanjani uma uvuselwa ekuphileni futhi? Angajabula kakhulu! Kodwa umuntu ofile angavuka yini futhi? Kwake kwenzeka ngaphambili?

Bheka le ndoda lapha, nowesifazane nomfana omncane. Indoda ingumprofethi u-Eliya. Owesifazane ungumfelokazi wasemzini waseZarefati, umfana indodana yakhe. Ngelinye ilanga umfana uyagula. Ubangwa nezibi aze afe ekugcineni. U-Eliya utshela owesifazane: ‘Mlethe kimi umfana.’

U-Eliya athathe umfana aye naye ekamelweni eliphezulu amlalise embhedeni. Athandaze: ‘O Jehova, philisa lo mfana futhi.’ Umfana uqala ukuphefumula! U-Eliya ambuyisele ekamelweni eliphansi athi kowesifazane: ‘Bheka, indodana yakho iyaphila!’ Kungakho umama ejabule kangaka.

Omunye umprofethi kaJehova obalulekile u-Elisha. Ungumsizi ka-Eliya. Kamuva uJehova usebenzisa no-Elisha ekwenzeni izimangaliso. Ngelinye ilanga u-Elisha uya emzini waseShunemi. Owesifazane khona amphathe kahle. Kamuva owesifazane uba nomntwana.

Ngelinye ilanga ekuseni, lo mfana esekhulile, uya kuyise osebenza ensimini. Ngokushesha umfana uyakhala: ‘Ikhanda lami libuhlungu!’ Ngemva kokuyiswa ekhaya, uyafa. Yeka ukudabuka kukanina! Usuka ngokushesha ulanda u-Elisha.

Uma u-Elisha efika, ungena ekamelweni nomntwana ofile. Uthandaza kuJehova, alale phezu kwesidumbu. Ngokushesha umzimba womfana uyafudumala, athimule kasikhombisa. Yeka indlela ajabula ngayo unina uma engena ethola ukuthi umfana wakhe uyaphila!

Baningi abantu asebafa. Lokhu kuye kwenza imikhaya nabangane babo badabuka kakhulu. Asinawo amandla okuvusa abafileyo. Kodwa uJehova unawo. Kamuva sizozwa ukuthi uzozivusa kanjani izigidi eziningi zabantu zibuye ziphile.