Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 69

Intombazane Isiza Induna

Intombazane Isiza Induna

UYAZI ukuthi le ntombazanyana ithini? Itshela owesifazane ngomprofethi kaJehova u-Elisha, nezimangaliso uJehova amsiza ukuba azenze. Owesifazane akazi ngoJehova, akayena umIsra-yeli. Ake sibone ukuthi kungani le ntombazane isemzini wakhe.

Owesifazane ungowase-Aramu (Siriya). Indoda yakhe ingu-Nahamani, induna yempi yase-Aramu. Abase-Aramu babethumbe le ntombazanyana yakwa-Israyeli, yalethwa kumkaNahamani yaba incekukazi yakhe.

UNahamani unesifo esibi, uchoko. Lokhu kufa kungabangela ngisho nokuwa kwenyama yomuntu. Ngakho le ntombazane ithi kumkaNahamani: ‘Ngifisa sengathi inkosi yami ingaya kumprofethi kaJehova kwa-Israyeli. Angayiphilisa ochokweni lwayo.’ Kamuva owesifazane utshela indoda yakhe okushiwo yile ntombazanyana.

UNahamani ufuna kabi ukuphila; ngakho uya kwa-Israyeli. Uma efika khona, uya endlini ka-Elisha. U-Elisha uthuma inceku yakhe ukuba itshele uNahamani ayogeza eMfuleni iJordani kasikhombisa. Lokhu kuyamthukuthelisa uNahamani, athi: ‘Imifula yakithi ingcono kunoma imuphi umfula wakwa-Israyeli!’ Ngemva kokusho lokhu, uNahamani uyahamba.

Enye yezinceku zakhe ithi kuye: ‘Nkosi, uma u-Elisha ubekutshele ukuba wenze into enzima, ubuzoyenza. Manje kungani ungazigezi, njengoba eshilo?’ UNahamani uyalalela, ahambe azicwilise eMfuleni iJordani kasikhombisa. Uma ekwenza, inyama yakhe iyaqina iphile!

UNahamani ujabula kakhulu. Ubuyela ku-Elisha athi: ‘Manje ngiyaqiniseka ukuthi uNkulunkulu ka-Israyeli ukuphela kukaNkulunkulu weqiniso emhlabeni wonke. Thatha lesi sipho kimi.’ Kodwa u-Elisha uyaphendula: ‘Cha, anginakusithatha.’ U-Elisha uyazi ukuthi kungaba okungalungile ukuthatha isipho, ngoba uJehova ophilise uNahamani. Kodwa inceku ka-Elisha uGehazi ifuna ukuzithathela yona isipho.

Ngakho uGehazi wenza lokhu. Ngemva kokuhamba kuka-Nahamani, uGehazi uyagijima amfice, athi: ‘U-Elisha ungithume ukuba ngikutshele ukuthi angathanda ukuthola ingxenye yesipho ngenxa yabangane abasanda kufika nje.’ Yebo, lokhu kungamanga, kodwa uNahamani akazi. Ngakho unikeza uGehazi ezinye zezinto.

Uma uGehazi ebuyela ekhaya, u-Elisha uyazi ukuthi wenzeni. UJehova umtshelile. Ngakho uthi: ‘Ngenxa yokwenza le nto embi, uchoko lukaNahamani luzoba kuwe.’ Kwaba njalo, khona lapho!

Yini esiyifunda kulokhu? Okokuqala, sifanele sibe njengale ntombazanyana sikhulume ngoJehova. Kungafeza okuhle. Okwesibili, akufanele sizazise njengoba uNahamani enza okokuqala, kodwa masilalele izinceku zikaJehova. Okwesithathu, akufanele sikhulume amanga njengoGehazi. Asinakufunda okuningi ngokufunda iBhayibheli?