Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 73

Inkosi Yokugcina Enhle

Inkosi Yokugcina Enhle

UJOSIYA uneminyaka engu-8 uma eba inkosi yezizwe ezimbili zaseningizimu kwa-Israyeli. Usemncane ka-khulu ukuba abe yinkosi. Ngakho okokuqala abantu abadala bayamsiza ekubuseni isizwe.

Uma uJosiya esebuse imi-nyaka eyisikhombisa uqala ukufuna uJehova. Ulandela izibonelo zamakhosi amahle njengoDavide, uJehoshafati noHezekiya. Lapho engakafiki eminyakeni engu-20, wenza into yobuqhawe.

Esikhathini eside ama-Isra-yeli amaningi abemabi. Akho-nza izithombe. Ngakho uJosi-ya uphuma namadoda akhe baqale ukususa konke ukukhulekela kwamanga ezweni. Lona umsebenzi omkhulu ngoba baningi abantu abakhonza izithombe. Ungase umbone uJosiya namadoda akhe lapha bephohloza izithombe.

Kamuva, uJosiya ubeka amadoda amathathu anakekele ukulungiswa kwethempeli likaJehova. Kuqoqwa imali kubantu inikezwe la madoda akhokhele umsebenzi ozokwenziwa. Lapho kusetshenzwa ethempelini, umpristi omkhulu uHilikiya uthola okuthile okubaluleke kakhulu. Incwadi yomthetho uJehova athuma uMose ukuba ayibhale esikhathini eside esidlule. Yayisilahleke iminyaka eminingi.

Le ncwadi iyiswa kuJosiya, acele ukuba afundelwe yona. Njengoba elalele, uJosiya uyabona ukuthi abantu bebengawugcini umthetho kaJehova. Kumphatha kabi lokhu, ngakho uklebhula izingubo zakhe, njengoba umbona lapha. Uthi: ‘UJehova usithukuthelele, ngoba obaba abayigcinanga imithetho elotshwe kule ncwadi.’

UJosiya uyala umpristi omkhulu uHilikiya ukuba abuze ukuthi uJehova uzokwenzani kubo. UHilikiya uya kowesifazane ongumprofethikazi uHulida ambuze. Umnikeza lesi sigijimi esivela kuJehova ukuba asibuyisele kuJosiya: ‘IJerusalema nabo bonke abantu bazojeziswa ngoba baye bakhonza onkulunkulu bamanga nezwe liye lagcwala ububi. Kodwa, ngenxa yokuthi wena Josiya uye wenza okuhle, lesi sijeziso ngeke sifike ungakafi.’