Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 74

Indoda Engesabi

Indoda Engesabi

BHEKA abantu bahleka le nsizwa. Uyazi ukuthi ingubani? Igama nguJeremiya. Ingumprofethi obalulekile kaNkulunkulu.

Ngemva nje kokuqala kweNkosi uJosiya ukuphohloza izithombe ezweni, uJehova utshela uJeremiya ukuba abe umprofethi waKhe. Nokho, uJeremiya ucabanga ukuthi usemncane kakhulu ukuba abe umprofethi. Kodwa uJehova uthi uzomsiza.

UJeremiya utshela ama-Israyeli ukuba ayeke ukwenza izinto ezimbi. Uthi: ‘Onkulunkulu abakhulekelwa ngabezizwe bangabamanga.’ Kodwa ama-Israyeli amaningi akhetha ukukhonza izithombe kunokukhonza uNkulunkulu weqiniso. Uma uJeremiya etshela abantu ukuthi uJehova uzobajezisa ngobubi babo, bamane bamhleke usulu.

Kudlula iminyaka. UJosiya uyafa, ngemva kwezinyanga ezintathu indodana yakhe uJehoyakimi uba yinkosi. UJeremiya uyaqhubeka etshela abantu: ‘IJerusalema lizobhujiswa uma ningashintshi ezindleleni zenu ezimbi.’ Abapristi babamba uJeremiya bamemeze: ‘Kufanele ubulawe ngokusho lezi zinto.’ Bese betshela izikhulu zakwa-Israyeli: ‘UJeremiya kufanele abulawe, ukhuluma kabi ngomuzi wethu.’

UJeremiya uzokwenze njani manje? Akesabi! Ubatshela bonke: ‘UJehova ungithume ukuba ngisho lezi zinto kini. Uma ningazishintshi izindlela zenu zokuphila, uJehova uzolibhubhisa iJerusalema. Kodwa qinisekani ngalokhu: Uma ningibulala, niyobe nibulala umuntu ongenacala.’

Izikhulu azimbulali uJeremiya, kodwa ama-Israyeli awashintshi ezindleleni zawo ezimbi. Kamuva uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhiloni, ihlasela iJerusalema. Ekugcineni uNebukhadinezari wenza ama-Israyeli izinceku zakhe. Uthatha izinkulungwane eziningi aziyise eBhabhiloni. Ake ucabange nje ukuthi kungaba njani uma abantu ongabazi bekuthatha kini bakuyise endaweni ongayazi!