Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 80

Ama-Israyeli Aphuma EBhabhele

Ama-Israyeli Aphuma EBhabhele

CISHE sekudlule iminyaka emibili iBhabhiloni lathunjwa ngamaMede namaPheresiya. Bheka ukuthi kwenzekani manje! Yebo, ama-Israyeli ashiya iBhabhiloni. Akhululeke kanjani? Ubani owadedele?

UKoresi inkosi yasePheresiya. Ngaphambi kokuba uKoresi azalwe, uJehova wenza ukuba umprofethi wakhe u-Isaya abhale ngaye: ‘Uyofeza intando yami. Amasango awayikuvalwa ukuze uthumbe umuzi.’ Yebo, uKoresi wahola ekuthumbeni iBhabhiloni. AmaMede namaPheresiya angena emzini ebusuku ngamasango ayeshiywe engavaliwe.

Kodwa umprofethi kaJehova u-Isaya wathi futhi uKoresi wayeyokhipha umyalo wokuba kwakhiwe futhi iJerusalema nethempeli lalo. Ingabe uKoresi wawunikeza lo myalo? Yebo. Nakhu uKoresi akutshela ama-Israyeli: ‘Hambani niye eJerusalema nakhe ithempeli likaJehova, uNkulunkulu wenu.’ Njengamanje ama-Israyeli asendleleni ayokwenza lokho.

Kodwa akuwona wonke ama-Israyeli anamandla okuhamba lolu hambo olude lokubuyela eJerusalema. Luwuhambo lwamakhilomitha angu-800 kanti amaningi asegugile noma agula kakhulu ukuba angahamba. Kunezinye izizathu zokuba abanye bangahambi. Kodwa uKoresi utshela labo abangahambi: ‘Nikezani igolide nesiliva nezinye izipho kubantu abayokwakha iJerusalema nethempeli lalo.’

La ma-Israyeli asendleleni eya eJerusalema anikezwa izipho eziningi. UKoresi uwanikeza futhi izitsha nezinkomishi ezathathwa iNkosi uNebukhadinezari ethempelini likaJehova lapho ebhubhisa iJerusalema. Abantu banokuningi okufanele bakuthwale.

Ngemva kohambo lwezinyanga ezine, ama-Israyeli afika eJerusalema ngesikhathi. Sekuyiminyaka engama-70 umuzi wabhujiswa, izwe lashiywa lingenabantu ngokuphelele. Nakuba ama-Israyeli esebuyele ezweni lakubo azobhekana nobunzima, njengoba sizofunda ngokulandelayo.