Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 82

UMoridekayi No-Esteri

UMoridekayi No-Esteri

AKE sihlehlele emuva emi-nyakeni emibalwa ngaphambi kokuya kuka-Ezra eJerusalema. UMoridekayi no-Esteri bangama-Israyeli abalulekile embusweni wasePheresiya. U-Esteri uyinkosikazi yenkosi, umfowabo ngawoyise uMoridekayi ungowesibili ngemva kwenkosi ekubuseni. Ake sibone ukuthi lokhu kwenzeka kanjani.

Abazali baka-Esteri bafa esemncane kakhulu, ngakho uMoridekayi wamkhulisa. U-Ahashiveroshi inkosi yasePheresiya, inendlu emzini waseShushani, uMoridekayi ungenye yezinceku zayo. Ngelinye ilanga umkankosi uVashiti akayilaleli. Ngakho inkosi ithatha umfazi omusha. Uyamazi owesifazane eyamkhetha? Yebo, u-Esteri omuhle osemncane.

Uyayibona le ndoda eziqhenyayo abantu abayikhulekelayo? UHamani. Uyindoda ebalulekile ePheresiya. UHamani ufuna uMoridekayi, lowo ongase umbone ehlezi lapha, ukuba naye amkhulekele. Kodwa uMoridekayi akanakukwenza. Akakuboni kufanelekile ukukhothamela umuntu omubi kanjalo. Lokhu kuyamthukuthelisa uHamani. Ngakho wenza lokhu.

UHamani utshela inkosi amanga ngama-Israyeli. Uthi: ‘Angabantu ababi abangayilaleli imithetho yakho. Kufanele babulawe.’ U-Ahashiveroshi akazi ukuthi umkakhe u-Esteri ungumIsrayeli. Ngakho ulalela uHamani. Umisa umthetho wokuthi ngosuku oluthile wonke ama-Israyeli azobulawa.

Uma uMoridekayi ezwa ngalo mthetho, uphatheka kabi. Uthumela ku-Esteri: ‘Kufanele utshele inkosi, uyincenge isisindise.’ Kumelene nomthetho wasePheresiya ukubonana nenkosi ngaphandle kokuba ikubize. Kodwa u-Esteri uya ngaphandle kokuba abizwe. Inkosi imkhiphela induku yayo yegolide, okusho ukuthi akanakubulawa. U-Esteri umema inkosi noHamani edilini elikhulu. Lapho, inkosi ibuza u-Esteri ukuthi ufuna imenzeleni. U-Esteri uthi uyoyitshela uma yona noHamani beza kwelinye idili ngakusasa.

Kulelo dili u-Esteri utshela inkosi: ‘Abantu bakithi kanye nami sizobulawa.’ Inkosi iyathukuthela. Iyabuza: ‘Ubani ongalinga enze into enjalo?’

‘Umuntu oyisitha, yilo Hamani omubi!’ kusho u-Esteri.

Manje inkosi ithukuthele kakhulu. Iyala ukuba uHamani abulawe. Kamuva, inkosi yenza uMoridekayi abe ngowesibili embusweni ngemva kwayo. UMoridekayi wenza ukuba kumiswe umthetho omusha ovumela ama-Israyeli ukuba avikele ukuphila kwawo ngosuku obekufanele abulawe ngalo. Ngenxa yokuthi uMoridekayi ungumuntu obalulekile manje, abantu abaningi basiza ama-Israyeli. Ayasindiswa ezitheni zawo.

Incwadi yeBhayibheli ka-Esteri.