Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 83

Izindonga ZaseJerusalema

Izindonga ZaseJerusalema

BHEKA umsebenzi oqhubeka lapha. Ama-Israyeli amatasatasa akha izindonga zaseJerusalema. Lapho iNkosi uNebukhadinezari ibhubhisa iJerusalema eminyakeni engu-152 edlule, wadiliza izindonga washisa amasango omuzi. Ama-Israyeli awazange azakhe futhi izindonga uma ebuya okokuqala evela eBhabhiloni.

Ucabanga ukuthi abantu bazizwa kanjani ngokuhlala lapha yonke le minyaka kungenazindonga ezizungeze umuzi? Babe-ngazizwa belondekile. Izitha zabo zazi-senokungena kalula zibahlasele. Kodwa le ndoda uNehemiya manje isiza abantu ukuba bakhe izindonga futhi. Uyazi ukuthi uNehemiya ubani?

UNehemiya ungumIsrayeli ovela emzini waseShushani, lapho uMoridekayi no-Esteri behlala khona. UNehemiya wayesebenza endlini yenkosi, ngakho kungenzeka ukuthi ungumngane omkhulu kaMoridekayi neNkosikazi u-Esteri. Kodwa iBhayibheli alisho ukuthi uNehemiya wayesebenzela indoda ka-Esteri, iNkosi u-Ahashiveroshi. Wasebenzela inkosi elandelayo, iNkosi u-Aritahishashita.

Khumbula, u-Aritahishashita uyinkosi enhle eyanikeza u-Ezra yonke imali aya nayo eJerusalema ukuze alungise ithempeli likaJehova. Kodwa u-Ezra akazange akhe izindonga zomuzi ezazidilikile. Ake sibone ukuthi kwenzeka kanjani ukuba uNehemiya enze lo msebenzi.

Sekuyiminyaka eyi-13 u-Aritahishashita anikeza u-Ezra imali yokulungisa ithempeli. Manje uNehemiya usengumphathizitsha omkhulu weNkosi u-Aritahishashita. Lokho kusho ukuthi upha inkosi iwayini, futhi aqiniseke ukuba kungabibikho ozama ukufakela inkosi ubuthi. Umsebenzi obaluleke kakhulu.

Ngelinye ilanga umfowabo kaNehemiya uHanana namanye amadoda asezweni lakwa-Israyeli bavakashela uNehemiya. Bamtshela ngenkinga ama-Israyeli anayo, nokuthi izindonga zeJerusalema zisawile. Lokhu kuyamdabukisa uNehemiya, athandaze kuJehova ngakho.

Ngelinye ilanga inkosi iphawula ukuthi uNehemiya udumele, ibuze: ‘Kungani ubukeka udumele?’ UNehemiya uyayitshela ukuthi kungenxa yokuthi iJerusalema lisesimweni esibi nezindonga zisadilikile. Inkosi iyabuza: ‘Ufunani?’

UNehemiya uthi: ‘Ngivumele ngiye eJerusalema, ngivuselele izindonga.’ INkosi u-Aritahishashita inomusa. Ithi uNehemiya angahamba, iyamsiza ukuba athole amapulangwe okwenza umsebenzi wokwakha. Ngokushesha uma uNehemiya efika eJerusalema, utshela abantu ngamalungiselelo akhe. Bayawuthanda lowo mqondo, bathi: ‘Masiqale ukwakha.’

Uma izitha zama-Israyeli zibona izindonga zikhuphuka, zithi: ‘Sizokwenyuka sibabulale, siwuvimbe umsebenzi wokwakha.’ UNehemiya uyezwa ngalokhu, anikeze izisebenzi izinkemba, athi: ‘Ningazesabi izitha zethu. Yilwelani abafowenu, izingane zenu, abafazi benu, namakhaya enu.’

Abantu banesibindi. Bagcina izikhali zabo zilungile ubusuku nemini, baqhubeke bakha. Ngakho ngezinsuku ezingu-52 nje izindonga ziyaphela. Manje abantu sebezizwa belondekile ngaphakathi komuzi. UNehemiya no-Ezra bafundisa abantu umthetho kaJehova, abantu bajabule.

Kodwa izinto azikakabi njengoba zazinjalo ngaphambi kokuthunjelwa kwabo eBhabhiloni. Babuswa yinkosi yasePheresiya futhi kufanele bayikhonze. Kodwa uJehova uye wathembisa ukuthi uyothumela inkosi entsha, futhi le nkosi iyoletha ukuthula kubantu. Ingubani le nkosi? Iyokuletha kanjani ukuthula emhlabeni? Kudlula iminyaka ecishe ibe ngu-450 kungakazwakali lutho ngalokhu. Bese kuba khona ukuzalwa komntwana okubalulekile. Kodwa leyo sekungenye indaba.