Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 84

Ingelosi Ihambela UMariya

Ingelosi Ihambela UMariya

LONA owesifazane omuhle nguMariya. UngumIsrayelikazi, ohlala emzaneni waseNazaretha. UJehova uyazi ukuthi ungumuntu olungileyo. Kungakho ethumele ingelosi yakhe uGabriyeli ukuba ikhulume naye. Uyazi ukuthi uGabriyeli uzothini kuMariya? Ake sibone.

UGabriyeli uthi kuye: ‘E, wena ophiwe umusa! UJehova unawe.’ UMariya akakaze ambone lo muntu ngaphambili. Ukhathazekile, akazi ukuthi usho ukuthini. Kodwa khona lapho uGabriyeli ususa ukwesaba kwakhe.

Uthi: ‘Ungesabi, Mariya, ngoba ufumene umusa kuJehova. Kungakho ezokwenzela into emangalisayo. Uzofumana umntwana. Umbize ngokuthi uJesu.’

UGabriyeli uyaqhubeka achaze: ‘Lo mntwana uyoba mkhulu, uyobizwa ngokuthi iNdodana yoPhezukonke. UJehova uyomenza inkosi, njengoDavide. Kodwa uJesu uyoba yinkosi kuze kube phakade, nombuso wakhe awuyikunqamuka!’

UMariya uyabuza: ‘Kungaba kanjani lokho? Angikashadi nokushada. Angikaze ngihlale nendoda, ngingaba kanjani-ke nomntwana?’

UGabriyeli uyaphendula: ‘Amandla kaNkulunkulu azokusibekela. Ngakho umntwana uyakuthiwa yiNdodana kaJehova.’ Abese etshela uMariya: ‘Khumbula isihlobo sakho u-Elizabethe. Abantu bathi wayemdala kakhulu ukuba abe nabantwana. Kodwa ngokushesha nje uzoba nendodana. Ngakho-ke akukho lutho uNkulunkulu angenakulwenza.’

Khona lapho uMariya athi: ‘Ngiyincekukazi kaJehova! Sengathi kungenzeka njengoba ushilo.’ Ingelosi ihambe.

UMariya uyaphuthuma avakashele u-Elizabethe. Lapho u-Elizabethe ezwa izwi likaMariya, umntwana esiswini sika-Elizabethe agxume ngenjabulo. U-Elizabethe agcwale umoya kaNkulunkulu, athi kuMariya: ‘Ubusisiwe esifazaneni.’ UMariya uhlala no-Elizabethe cishe izinyanga ezintathu, abese ebuyela ekhaya eNazaretha.

UMariya useseduze nokushada nendoda okuthiwa uJosefa. Kodwa uma uJosefa ezwa ngokuthi uMariya uzoba nomntwana, akasathandisisi ukushada naye. Ingelosi kaJehova ithi kuye, ‘Ungesabi ukuthatha uMariya abe ngumkakho. Ngoba uNkulunkulu omnike indodana.’ Ngakho uMariya noJosefa bayashada, balindele ukuzalwa kukaJesu.