Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 91

UJesu Ufundisa ENtabeni

UJesu Ufundisa ENtabeni

BHEKA uJesu ehleli lapha. Ufundisa bonke laba bantu entabeni eGalile. Labo abahleli eduze kakhulu kwakhe ngabafundi bakhe. Ukhethe abayi-12 kubo baba ngabaphostoli. Abaphostoli ngabafundi bakaJesu abakhethekile. Uyabazi amagama abo?

Kukhona uSimoni Petru nomfowabo u-Andreya. Bese kuba uJakobe noJohane nabo abelamanayo. Omunye umphostoli naye uJakobe, omunye futhi uSimoni. Ababili babaphostoli oJuda. Omunye uJuda Iskariyothe, omunye uJuda kuthiwa futhi uThadewu. Bese kuba uFiliphu noNathanayeli (okuthiwa uBartolomewu), noMathewu noTomase.

Ngemva kokubuya eSamariya, uJesu waqala ukushumayela ngokokuqala ngqa: ‘Umbuso wezulu usondele.’ Uyazi ukuthi uyini lowo mbuso? Unguhulumeni woqobo kaNkulunkulu. UJesu uyinkosi yawo. Uyobusa esezulwini alethe ukuthula emhlabeni. Lo mhlaba uyokuba yipharadesi elihle elenziwe umbuso kaNkulunkulu.

UJesu lapha ufundisa abantu ngalo mbuso. Uyachaza: ‘Kufanele nikhuleke kanje: Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho. Mawufike umbuso wakho. Intando yakho mayenziwe emhlabeni, njengasezulwini.’ Abantu abaningi bawubiza ngokuthi ‘UMthandazo WeNkosi.’ Abanye bathi ‘UBaba Wethu.’ Ungawusho wonke lo mthandazo?

UJesu futhi ufundisa abantu indlela okufanele baphathane ngayo. Uthi: ‘Yenza kwabanye njengoba ufuna benze kuwe.’ Awuthandi uma abanye bekuphatha ngomusa? Ngakho, uJesu uthi, kufanele siphathe abanye ngomusa. Ngeke yini kube kuhle emhlabeni oyipharadesi uma bonke abantu benza lokhu?