Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 94

Uyabathanda Abantwana

Uyabathanda Abantwana

BHEKA uJesu lapha egone lo mfanyana. Awunakungabaza ukuthi uJesu ubathanda ngempela abancane. Amadoda abukelayo ngabaphostoli bakhe. Uthini uJesu kubo? Ake sizwe.

UJesu nabaphostoli bakhe basanda kubuya nje ohambweni olude. Endleleni abaphostoli bebephikisana bodwa. Ngakho ngemva kohambo uJesu uyababuza: ‘Beniphikisana ngani endleleni?’ Eqinisweni, uJesu uyazi ukuthi impikiswano ibingeyani. Kodwa ubuza umbuzo ukuze abone ukuthi abaphostoli bazomtshela yini.

Abaphostoli abaphenduli, ngoba endleleni bebephikisana ngokuthi ubani kubo omkhulu. Abanye abaphostoli bafuna ukuba ngabavelele kunabanye. UJesu uzobatshela kanjani ukuthi akulungile ukufuna ukuba ngomkhulu?

Ubiza lo mfana omncane, ammise phambi kwabo bonke. Abese ethi kubafundi bakhe: ‘Ngifuna ukuba nazi ukuthi ngaphandle kokuba nishintshe nibe njengabantwana, ngeke ningene embusweni kaJehova. Omkhulu embusweni yilowo oba njengalo mntwana.’ Uyazi ukuthi kungani uJesu esho kanjalo?

Abantwana abancane kakhulu abanandaba nokuthi ubani omkhulu noma obalulekile kunabanye. Ngakho abaphostoli kufanele bafunde ukuba njengabantwana kulokhu bangaphikisani ngokuthi ubani omkhulu noma obalulekile.

Kunezinye izikhathi futhi lapho uJesu ebonisa khona ukuthi uyabakhathalela abantwana. Ezinyangeni ezimbalwa kamuva abanye abantu baletha abantwana babo bazobona uJesu. Abaphostoli bazama ukubavimbela. Kodwa uJesu utshela abaphostoli bakhe: ‘Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngoba umbuso kaJehova ungowabanjengabo.’ UJesu wabe esegona abantwana, wababusisa. Akukuhle yini ukwazi ukuthi uJesu uyabathanda abantwana abancane?