Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 96

UJesu Uphilisa Abagulayo

UJesu Uphilisa Abagulayo

NJENGOBA uJesu ehamba kulo lonke izwe, uphilisa abagulayo. Izindaba ngalezi zimangaliso zilandiswa kuyo yonke imizana. Ngakho abantu baletha kuye izimpumputhe, abakhubazekile nezithulu, nabaningi abagulayo. UJesu uyabaphilisa.

Sekudlule iminyaka engaphezu kwemithathu manje uJesu abhapathizwa nguJohane. UJesu utshela abaphostoli bakhe ukuthi uzokhuphukela eJerusalema ngokushesha, lapho ezobulawa khona abese evuka kwabafileyo. Okwangaleso sikhathi, uyaqhubeka ephilisa abagulayo.

Ngelinye ilanga uJesu ufundisa ngeSabatha. ISabatha liwusuku lokuphumula kumaJuda. Owesifazane ombona lapha ubegula kabi. Useqhothe iminyaka eyi-18, engenakukwazi ukuma aqonde. Ngakho uJesu ubeka izandla zakhe kuye, uyaqala ukuqonda. Uphilile!

Lokhu kuyabathukuthelisa abaholi benkolo. Omunye wabo uyamemeza ezixukwini: ‘Sinezinsuku eziyisithupha zokusebenza. Yilezo izinsuku eningeza ngazo nizophiliswa, hhayi iSabatha!’

Kodwa uJesu uyaphendula: ‘Bazenzisi, ukhona kini ongenakuyikhulula imbongolo yakhe ayiphuzise ngeSabatha? Pho, lona owesifazane obesegule iminyaka eyi-18, akufanele aphulukiswe ngeSabatha?’ Impendulo kaJesu yenza la madoda amabi ajabhe.

Kamuva uJesu nabaphostoli bakhe bayaqhubeka baya ngaseJerusalema. Lapho bengaphandle komuzi waseJeriko, iziphanzi ezimbili eziyizimpumputhe ziyezwa ukuthi uJesu uyadlula. Ngakho ziyamemeza: ‘Jesu, sisize!’

UJesu ubiza la madoda ayizimpumputhe, awabuze: ‘Nifuna nginenzeleni?’ Athi: ‘Vula amehlo ethu.’ UJesu uthinta amehlo awo, abone khona lapho! Uyazi ukuthi kungani uJesu enza lezi zimangaliso? Kungoba uyabathanda abantu futhi ufuna babe nokholo kuye. Ngakho singaqiniseka ukuthi uma esebusa njengeNkosi, akekho oyogula emhlabeni.