Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 98

ENtabeni Yeminqumo

ENtabeni Yeminqumo

LONA uJesu eNtabeni Yeminqumo. Amadoda amane anaye aba-phostoli bakhe. Yizelamani u-Andreya noPetru, nezelamani uJakobe noJohane. Leliya ithempeli likaNkulunkulu eliseJerusalema.

Sekuyizinsuku ezimbili uJesu engene eJerusalema egibele ithole lembongolo. KungoLwesibili. Ngaphambidlana kulolo suku uJesu wayesethempelini. Abapristi bazama ukumbamba bambulale. Kodwa babesaba ukwenza lokhu ngoba abantu bayamthanda uJesu.

UJesu wabiza labo baholi benkolo ngokuthi: ‘Zinyoka, nzalo yamabululu!’ Khona-ke uJesu wathi uNkulunkulu wayezobajezisa ngenxa yazo zonke izinto ezimbi ababezenzile. Ngemva kwalokho uJesu wakhuphukela eNtabeni Yeminqumo, laba baphostoli abane baqala ukumbuza imibuzo. Uyazi ukuthi bambuzani uJesu?

Abaphostoli bambuza ngezinto zesikhathi esizayo. Bayazi ukuthi uJesu uyoqeda bonke ububi emhlabeni. Kodwa bafuna ukwazi ukuthi lokhu kuyokwenzeka nini. UJesu uyobuya nini futhi azobusa njengeNkosi?

UJesu uyazi ukuthi abalandeli bakhe emhlabeni ngeke bakwazi ukumbona uma ebuya futhi. Lokhu kungenxa yokuthi uyobe esezulwini, ngakho ngeke bakwazi ukumbona. Ngakho uJesu utshela abaphostoli bakhe ezinye zezinto eziyokwenzeka emhlabeni uma esebusa njengeNkosi ezulwini. Iziphi ezinye zalezi zinto?

UJesu uthi kuyoba nezimpi ezinkulu, abantu abaningi bayogula balambe, kuyoba nobugebengu obubi, nokuzamazama okukhulu komhlaba. UJesu futhi uthi izindaba ezinhle ngombuso kaNkulunkulu ziyoshunyayelwa kuwo wonke umhlaba. Ingabe sizibonile lezi zinto zenzeka esikhathini sethu? Yebo! Ngakho singaqiniseka ukuthi uJesu manje uyabusa ezulwini. Ngokushesha uzoqeda bonke ububi emhlabeni.