Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 99

Ekamelweni Eliphezulu

Ekamelweni Eliphezulu

NJENGAMANJE uLwesine ebusuku, ngemva kwezinsuku ezimbili. UJesu nabaphostoli bakhe abayi-12 beze kuleli kamelo elikhulu eliphezulu bazodla isidlo sePhasika. Indoda oyibona ihamba uJuda Iskariyothe. Uyotshela abapristi ukuthi bangamthola kanjani uJesu.

Osukwini olungaphambili, uJuda uye waya kubo wabuza: ‘Niyonginikani uma nginisiza nibambe uJesu?’ Bathi: ‘Izinhlamvu ezingamashumi amathathu zesiliva.’ Ngakho uJuda manje uyohlangabeza la madoda ukuze awayise kuJesu. Akukubi yini lokho?

Isidlo sePhasika sesiphelile. Kodwa uJesu manje uqalisa esinye isidlo esikhethekile. Unikeza abaphostoli bakhe isinkwa athi: ‘Yidlani, ngoba lokhu kungumzimba wami onikelelwa nina.’ Abese ebanika ingilazi yewayini athi: ‘Phuzani, ngoba lokhu kusho igazi lami, elizochithwa ngenxa yenu.’ IBhayibheli libiza lokhu ngokuthi ‘isidlo seNkosi sakusihlwa.’

Ama-Israyeli adla iPhasika ukuze liwakhumbuze nge-sikhathi ingelosi kaJehova idlula izindlu zawo eGibhithe, ibulala amazibulo ezindlini zabaseGibhithe. Kodwa manje ufuna abalandeli bakhe bamkhumbule, nendlela anikela ngayo ukuphila kwakhe ngenxa yabo. Kungakho ethi bagubhe lesi sidlo esikhethekile unyaka ngamunye.

Ngemva kokudla iSidlo SeNkosi Sakusihlwa, uJesu utshela abaphostoli bakhe ukuba bame isibindi baqine okholweni. Ekugcineni bahlabelelela uNkulunkulu bahambe. Sekuhlwe kakhulu manje, cishe sekungalé kwaphakathi kwamabili. Ake sibone ukuthi bayaphi.