Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 100

UJesu Ensimini

UJesu Ensimini

NGEMVA kokuhamba ekamelweni eliphezulu, uJesu na-baphostoli bakhe baya ensimini yaseGetsemane. Bake beze kaningi lapha. UJesu manje ubatshela ukuba bahlale beqaphile bathandaze. Abese ehamba ibangana, akhothame phansi athandaze.

Kamuva uJesu ubuyela kubaphostoli bakhe. Ucabanga ukuthi benzani? Balele! UJesu ubatshela kathathu ukuba bahlale beqaphile, kodwa isikhathi ngasinye uma ebuya ubathola belele. Uma ebuya okokugcina uJesu uthi: ‘Ningalala kanjani esikhathini esinjengalesi? Sesifikile isikhathi sokuba nginikelwe ezitheni zami.’

Ngaso leso sikhathi kuzwakala umsindo wesixuku esikhulu. Bheka! Amadoda eza nezinkemba nezinduku! Aphethe izibani ukuze ziwakhanyisele. Uma esondela, othile uyaphuma esixukwini eze kuJesu. Uyamanga, njengoba ungase ubone lapha. Le ndoda uJuda Iskariyothe! Kungani anga uJesu?

UJesu uyabuza: ‘Juda, ungikhaphela ngokunganga?’ Yebo, ukwanga kuyisibonakaliso. Kwenza ukuba la madoda anoJuda azi ukuthi nangu uJesu, umuntu amfunayo. Izitha zikaJesu ziyasondela zimbambe. Kodwa uPetru akafuni bathathe uJesu ngaphandle kwempi. Uhosha inkemba agalele endodeni eseduze kwakhe. Uyaligeja ikhanda lale ndoda agence indlebe yayo yesokudla. UJesu uthinta indlebe yale ndoda iphole.

UJesu uthi kuPetru: ‘Buyisela inkemba yakho endaweni yayo. Anginakucela yini kuBaba athumele izinkulungwane zezingelosi zingisindise?’ Yebo angakwenza! Kodwa uJesu akaceli ukuba uJehova athumele izingelosi, uyazi ukuthi isikhathi sifikile ngezitha zakhe ukuba zimthathe. Ngakho uyaziyeka zimthathe. Ake sibone ukuthi kwenzekani kuJesu manje.