Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 101

UJesu Uyabulawa

UJesu Uyabulawa

BHEKA le nto embi eyenzekayo! UJesu uyabulawa. Bampha-nyeke esigxotsheni. Kushayelelwa izipikili ezandleni zakhe nasezinyaweni. Kungani noma ngubani ayengathanda ukwenza lokhu kuJesu?

Kungoba abanye abantu bayamzonda uJesu. Uyazi ukuthi bangobani? Omunye wabo ingelosi embi uSathane uDeveli. Uye owakwazi ukwenza u-Adamu no-Eva bangamlaleli uJehova. Futhi uSathane uye obangele izitha zikaJesu zenze lobu bulwane.

Ngisho nangaphambi kokuba uJesu aphanyekwe lapha esigxotsheni, izitha zakhe zenza izinto ezimbi kuye. Uyayikhumbula indlela ezafika ngayo ensimini yaseGetsemane zamthatha? Zazingobani lezo zitha? Yebo, zazingabaholi benkolo. Ake sibone okwenzeka ngokulandelayo.

Uma uJesu ethathwa ngabaholi benkolo, abaphostoli bakhe bayabaleka. Bashiya uJesu nezitha zakhe, ngoba bayesaba. Kodwa abaphostoli uPetru noJohane abayi kude kakhulu. Bayalandela ukuze babone okwenzeka kuJesu.

Abapristi bayisa uJesu ku-Anase, owayengumpristi omkhulu. Isixuku asihlali isikhathi eside lapha. Bathatha uJesu bamyisa endlini kaKayafase, osengumpristi omkhulu manje. Kunabaholi benkolo abaningi abahlangene endlini yakhe.

Lapha endlini kaKayafase kuthethwa icala. Kungeniswa abantu abakhuluma amanga ngoJesu. Bonke abaholi benkolo bathi: ‘UJesu kufanele abulawe.’ Khona-ke bamfela ngamathe ebusweni, bamshaye ngezibhakela.

Njengoba kwenzeka konke lokhu, uPetru ungaphandle egcekeni. Kuwubusuku obubandayo, ngakho abantu babasa umlilo. Lapho bothile emlilweni, intombazane ethile ibuka uPetru, ithi: ‘Lo muntu ubenoJesu.’

‘Cha, bengingenaye!’ kuphendula uPetru.

Kwaba kathathu abantu bethi kuPetru ubenoJesu. Isikhathi ngasinye uPetru uyaphika. Uma uPetru ephika okwesithathu, uJesu uyaphenduka ambheke. UPetru udabuka kakhulu ngokukhuluma amanga, ahambe ayokhala.

Uma kuphuma ilanga ngoLwesihlanu ekuseni, abapristi bathatha uJesu aye enkundleni yabo yokuhlangana, ihholo lomphakathi. Lapha bayakhuluma ukuthi bazomenzani. Bamyisa kuPontiyu Pilatu, umbusi wesifunda saseJudiya.

Abapristi bathi kuPilatu: ‘Lona umuntu omubi, kufanele abulawe.’ Ngemva kokubuza uJesu imibuzo, uPilatu uthi: ‘Angiboni bubi abenzile.’ Khona uPilatu athumele uJesu kuHerode Antipase. UHerode ungumbusi waseGalile, kodwa useJerusalema. NoHerode akaboni bubi obenziwe uJesu, ngakho umbuyisela kuPilatu.

UPilatu ufuna ukumkhulula uJesu. Kodwa izitha zikaJesu zifuna kukhululwe esinye isiboshwa kunaye. Le ndoda umphangi uBharaba. Manje cishe sekusemini ngesikhathi uPilatu ekhiphela uJesu ngaphandle. Uthi kubantu: ‘Bhekani! INkosi yenu!’ Kodwa abapristi abakhulu bayamemeza: ‘Msuse! Mbulale! Mbulale!’ Ngakho uPilatu ukhulula uBharaba, bathatha uJesu bayombulala.

NgoLwesihlanu ntambama uJesu ubethelwa esigxotsheni. Ababonakali esithombeni, kodwa ohlangothini ngalunye lukaJesu kunesigebengu esibulawayo esigxotsheni. Ngaphambi nje kokufa kukaJesu, esinye sezigebengu sithi kuye: ‘Ngikhumbule uma ususembusweni wakho.’ UJesu uyaphendula: ‘Ngiyakuthembisa ukuthi uyokuba nami ePharadesi.’

Ingabe akusona leso isithembiso esimangalisayo? Uyalazi ipharadesi uJesu akhuluma ngalo? Lalikuphi ipharadesi uJehova alenza ekuqaleni? Yebo, lalisemhlabeni. Futhi uma uJesu esebusa njengenkosi ezulwini, uyobuyisela le ndoda ekuphileni ukuba ijabulele iPharadesi elisha emhlabeni. Asinakujabula ngalokho?