Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingxenye 7

Ukuvuswa KukaJesu Kuya Ekuboshweni KukaPawulu

Ukuvuswa KukaJesu Kuya Ekuboshweni KukaPawulu

Ngosuku lwesithathu ngemva kokufa kwakhe, uJesu wavuswa. Ngalolo suku wabonakala kubalandeli bakhe izikhathi eziyisihlanu ezihlukene. UJesu waqhubeka ebonakala kubo izinsuku ezingu-40. Khona-ke, lapho abanye babafundi bakhe bebukela, uJesu wenyukela ezulwini. Ezinsukwini eziyishumi kamuva uNkulunkulu wathululela umoya wakhe ongcwele kubalandeli bakaJesu ababelinde eJerusalema.

Kamuva, izitha zikaNkulunkulu zafaka abaphostoli ejele, kodwa ingelosi yabakhulula. Umfundi uStefanu wakhandwa ngabaphikisi ngamatshe wafa. Kodwa sifunda indlela uJesu akhetha ngayo omunye walaba baphikisi ukuba abe inceku yakhe ekhethekile, waba umphostoli uPawulu. Khona-ke, eminyakeni emithathu nengxenye ngemva kokufa kukaJesu, uNkulunkulu wathuma umphostoli uPetru ukuba ashumayele kuKorneliyu ongemJuda nomkhaya wakhe.

Cishe eminyakeni engu-13 kamuva uPawulu waqala uhambo lwakhe lokuqala lokushumayela. Ohambweni lwakhe lwesibili uThimothewu wahambisana naye. Sifunda indlela uPawulu nabangane ayehambisana nabo ababa nezikhathi ezivusa amadlingozi ngayo ekukhonzeni uNkulunkulu. Ekugcineni, uPawulu waboshwa eRoma. Eminyakeni emibili kamuva wakhululwa, kodwa wabuye waboshwa futhi wabulawa. Izenzakalo ZENGXENYE 7 zenzeka esikhathini seminyaka ecishe ibe u-32.

 

KULE NGXENYE

INDABA 102

UJesu Uyaphila

Ngemva kokuba ingelosi esuse itshe ethuneni likaJesu, amasosha amangazwa yilokho akubona ngphakathi.

INDABA 103

Endlini Ekhiyiwe

Kungani abafundi baJesu bengamboni ngemva kokuba esevusiwe?

INDABA 104

UJesu Ubuyela Ezulwini

Ngaphambi kokuba uJesu anyukele ezulwini unika abafundi bakhe umyalo wokugcina.

INDABA 105

Ukulinda EJerusalema

Kungani uJesu athululela umoya ongcwele kubafundi ngePhentekoste?

INDABA 106

Ukukhululwa Ejele

Abaholi benkolo yamaJuda bafaka abaphostoli ejele ukuze bebayekise ukushumayela, kodwa uNkulunkulu unokunye okuthile engqondweni.

INDABA 107

UStefanu Ukhandwa Ngamatshe

Njengoba ebulawa, uStefanu uthandaza ngokusuka enhliziyweni.

INDABA 108

Endleleni Eya EDamaseku

Ukukhanya okuphuphuthekisayo nezwi elivela ezulwini kwashintsha ukuphila kukaSawulu.

INDABA 109

UPetru Uya KuKorneliyu

Ingabe uNkulunkulu ubheka abohlanga oluthile bengcono kunabanye?

INDABA 110

UThimothewu—Umsizi KaPawulu

UThimothewu ushiya ikhaya lakhe ahambe noPawulu ukuze bethathe uhambo olujabulisayo lokuyoshumayela.

INDABA 111

Umfana Owazunywa Ubuthongo

U-Evitiku uzunywa ubuthongo phakathi nenkulumo yakhe yokuqala, kodwa hhayi enkulumeni yesibili. Okwenzeka phakathi kwezinkulumo ezimbili kwaba nesimangaliso.

INDABA 112

Ukuphuka Komkhumbi

Lapho nje sebecabanga ukuthi konke kuyaphela, uPawulu uthola umyalezo ovela kuNkulunkulu omnikeza ithemba.

INDABA 113

UPawulu ERoma

UPawulu angawenza kanjani umsebenzi wakhe njengoba eyisiboshwa?