Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 103

Endlini Ekhiyiwe

Endlini Ekhiyiwe

NGEMVA kokuba uPetru noJohane beshiye ithuna isidumbu sikaJesu esasikulo, uMariya usala yedwa. Uqala ukukhala. Khona-ke ulunguza ethuneni, njengoba sibonile esithombeni esidlule. Lapho ubona izingelosi ezimbili! Ziyambuza: ‘Ukhalelani?’

UMariya uyaphendula: ‘Bathathé iNkosi yami, angazi ukuthi bayibekephi.’ UMariya uyaphenduka abone indoda. Iyambuza: ‘Ufuna bani?’

UMariya ucabanga ukuthi le ndoda umphathi wensimu, futhi kungenzeka uye wathatha isidumbu sikaJesu. Ngakho uthi: ‘Uma umthathile, ngitshele ukuthi umbekephi.’ Eqinisweni, le ndoda uJesu. Usesimweni somzimba uMariya angawuboni. Kodwa uma embiza ngegama lakhe, uMariya uyazi ukuthi uJesu. Uyagijima atshele abafundi: ‘Ngiyibonile iNkosi!’

Kamuva ngalolo suku, lapho abafundi ababili behamba beya emzaneni wase-Emawuse, indoda ethile ihambisana nabo. Abafundi badabuké kakhulu ngokubulawa kukaJesu. Njengoba behamba, le ndoda ichaza izinto eziningi eBhayibhelini ezenza bazizwe kangcono. Ekugcineni, uma beyothola ukudla, abafundi bayabona ukuthi le ndoda uJesu. UJesu wabe esenyamalala, laba bafundi ababili ngokushesha baphindela eJerusalema bayotshela abaphostoli ngaye.

Lapho lokhu kusaqhubeka, uJesu uzibonakalisa kuPetru. Abanye bayajabula uma bezwa lokhu. Abafundi ababili baya eJerusalema bathole abaphostoli. Bayabatshela indlela uJesu abonakale ngayo kubo endleleni. Futhi lapho besalandisa ngalokhu, uyayazi into emangalisayo eyenzekayo?

Bheka lesi sithombe. UJesu uzibonakalisa khona kanye endlini ngisho noma ikhiyiwe. Yeka indlela abajabula ngayo abafundi! Ingabe kwakungelona lolo usuku olujabulisayo? Ungazibala izikhathi uJesu asezibonakalise ngazo kubalandeli bakhe? Ziyisihlanu?

Umphostoli uTomase akekho kubona uma uJesu ebonakala. Ngakho abafundi bayamtshela: ‘Siyibonile iNkosi!’ Kodwa uTomase uthi kuzofuneka ambone ngokwakhe uJesu ukuze akholwe. Ezinsukwini ezingu-8 kamuva abafundi bandawonye futhi endlini ekhiyiwe, noTomase ukhona. Ngokushesha, uJesu uyabonakala endlini. Manje uTomase uyakholwa.