Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 106

Ukukhululwa Ejele

Ukukhululwa Ejele

BHEKA ingelosi lapha ivule umnyango wejele. Amadoda ewakhululayo abaphostoli bakaJesu. Ake sizwe ukuthi yini eyabangela ukuba baboshwe.

Kuseyisikhathi esifushane nje kusukela umoya ongcwele uthululelwe kubafundi bakaJesu. Nakhu okwenzekayo: UPetru noJohane baya ethempelini eJerusalema ngenye intambama. Lapho, eduze komnyango kunendoda okuselokhu yazalwa ikhubazekile. Abantu bayithwala bayilethe lapha nsuku zonke ukuze icele imali kwabaya ethempelini. Uma ibona uPetru noJohane, icela ukuba bayiphe okuthile. Bazokwenzenjani abaphostoli?

Bayama babuke le ndoda. UPetru athi: ‘Anginamali, kodwa ngizokunika enginakho. Egameni likaJesu, sukuma uhambe!’ UPetru athathe le ndoda ngesandla sokudla, ngokushesha igxume iqale ukuhamba. Uma abantu bebona lokhu, bayamangala bajabule kakhulu ngalesi simangaliso.

UPetru uthi: ‘Kungamandla kaNkulunkulu, owavusa uJesu kwabafileyo, esenze ngawo lesi simangaliso.’ Lapho yena noJohane besakhuluma, abaholi benkolo bayathukuthela ngoba uPetru noJohane batshela abantu ngokuvuswa kukaJesu kwabafileyo. Ngakho bayababamba babavalele ejele.

Ngakusasa abaholi benkolo banomhlangano omkhulu. OPetru noJohane, nendoda abayiphilisile, bayangeniswa. Abaholi benkolo bayabuza: ‘Lesi simangaliso nisenze ngamaphi amandla?’

UPetru uyabatshela ukuthi kungamandla kaNkulunkulu, owavusa uJesu kwabafileyo. Abapristi abazi ukuthi bazokwenzenjani, ngoba abanakuphika ukuthi lesi simangaliso senzeke ngempela. Ngakho baxwayisa abaphostoli ukuba bangabe besakhuluma ngoJesu, bese bebakhulula.

Njengoba isikhathi sihamba abaphostoli bayaqhubeka beshumayela ngoJesu bephilisa abagulayo. Izindaba ngalezi zimangaliso ziyasakazeka. Ngakho ngisho nezixuku ezisemadolobheni azungeze iJerusalema ziletha abagulayo ukuba abaphostoli babaphilise. Lokhu kwenza abaholi benkolo babe nomona, ngakho babamba abaphostoli babafake ejele. Kodwa abahlali lapho isikhathi eside.

Phakathi kobusuku ingelosi kaJehova ivula umnyango wejele, njengoba ubona lapha. Ingelosi ithi: ‘Hambani niye ethempelini, nikhulume kubantu.’ Ngakusasa ekuseni, uma abaholi benkolo bethumela amadoda ejele ukuyokhipha abaphostoli, abathola bengasekho. Kamuva amadoda abathole befundisa ethempelini abalethe ehholo lomphakathi.

Abaholi benkolo bathi: ‘Saniyala nokuniyala ukuba ningafundisi ngoJesu. Kodwa senigcwalise iJerusalema ngemfundiso yenu.’ Abaphostoli bayaphendula: ‘Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.’ Ngakho bayaqhubeka befundisa ‘ngezindaba ezinhle.’ Ingabe akusona leso isibonelo esihle sokusilandela?