Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 108

Endleleni Eya EDamaseku

Endleleni Eya EDamaseku

UYAZI ukuthi ubani lona olele phansi? USawulu. Khumbula, uye owayegade izingubo zamadoda ayekhanda uStefanu ngamatshe. Bheka lokhu kukhanya okukhulu! Kwenzekani?

Ngemva kokufa kukaStefanu, uSawulu uyahola ekuzingeleni abalandeli bakaJesu ukuze abahluphe. Ungena indlu ngendlu abahudule abafake emajele. Abaningi kubafundi babalekela kweminye imizi bamemezele “izindaba ezinhle.” Kodwa uSawulu uya kweminye imizi ayothola abalandeli bakaJesu. Manje usendleleni uya eDamaseku. Endleleni, kwenzeka le nto emangalisayo:

Ngokushesha kuba nokukhanya okuvela ezulwini. USawulu uwa phansi, njengoba simbona lapha. Khona izwi lithi: ‘Sawulu, Sawulu! Ungizingelelani na?’ Amadoda anoSawulu ayakubona ukukhanya futhi ezwe izwi kodwa awaqondisisi ukuthi kuthiwani.

‘Ungubani, Nkosi?’ kubuza uSawulu.

‘NginguJesu, omhluphayo,’ kusho izwi. UJesu usho kanjalo ngoba uma uSawulu ehlupha abalandeli bakhe, uJesu uzwa njengokungathi kuhlushwa yena uqobo.

USawulu abuze manje: ‘Ngizokwenzenjani, Nkosi?’

UJesu uthi: ‘Vuka uye eDamaseku. Khona uzotshelwa ukuthi wenzeni.’ Uma uSawulu evuka evula amehlo, akasaboni lutho. Uyimpumputhe! Ngakho amadoda anaye ambamba ngesandla amholele eDamaseku.

UJesu manje ukhuluma nomunye wabafundi bakhe eDamaseku, athi: ‘Sukuma Ananiya. Yiya emgwaqweni okuthiwa uQondile. Endlini kaJuda funa umuntu okuthiwa uSawulu. Ngimkhethele ukuba abe inceku yami ekhethekile.’

U-Ananiya uyalalela. Uma ehlangana noSawulu, ubeka izandla zakhe kuye athi: ‘INkosi ingithumele kuwe ukuba ubone futhi, ugcwaliswe ngomoya ongcwele.’ Ngokushesha okubonakala njengenkwethu kuwa emehlweni kaSawulu, abone futhi.

USawulu usetshenziswa ngendlela emangalisayo ukuba ashu-mayele kubantu bezizwe eziningi. Waziwa njengomphostoli uPawulu, esizofunda okuningi ngaye. Kodwa, okokuqala ake sibone ukuthi uNkulunkulu uthuma uPetru ukuba enzeni.