Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 111

Umfana Owazunywa Ubuthongo

Umfana Owazunywa Ubuthongo

AWU! Awu! Kwenzekani lapha? Ingabe lo mfana olele phansi ulimele kabi? Bheka! enye yamadoda aphuma endlini uPawulu! Uyambona uThimothewu lapho? Ingabe lo mfana uwe ewindini?

Yebo, yilokho okwenzekile. UPawulu ubenikeza inkulumo kubafundi lapha eTrowa. Wazile ukuthi akasenakubabona futhi isikhathi eside ngoba kufanele ahambe ngomkhumbi ngakusasa. Ngakho uye waqhubeka ekhuluma kwaze kwaba phakathi kobusuku.

Lo mfana okuthiwa u-Evitiku ubehlezi eduze kwewindi, wayesezunywa ubuthongo. Uye wawa, waphuma ngewindi, izitezi ezintathu kuya phansi! Ngakho uyabona ukuthi kungani abantu bebukeka bekhathazekile. Uma bemphakamisa umfana, usefile!

Uma uPawulu ebona ukuthi umfana usefile, uwa phezu kwakhe amsingathe. Abesethi: ‘Ningakhathazeki. Uyaphila!’ Kunjalo ngempela! Isimangaliso! UPawulu umvusele ekuphileni! Isixuku sigcwala injabulo.

Bonke bakhuphukela phezulu futhi badle. UPawulu uyaqhubeka ekhuluma kuze kuse. Ngokuqinisekile u-Evitiku akabuyange alale futhi! Khona-ke uPawulu, uThimothewu nalabo abanabo bagibela emkhunjini. Uyazi ukuthi bayaphi?

UPawulu uqedela uhambo lwakhe lwesithathu lokushumayela, usendleleni uya ekhaya. Kulolu hambo uPawulu uye wahlala iminyaka emithathu e-Efesu kuphela. Ngakho lolu hambo lude kunolwesibili.

Ngemva kokusuka eTrowa, umkhumbi uma eMilethu isikhashana. Njengoba e-Efesu kungekude kakhulu, uPawulu ubiza amadoda amadala ebandla ukuba eze eMilethu ukuze akhulume nawo okokugcina. Kamuva, uma sekuyisikhathi sokuhamba komkhumbi, yeka indlela abadabuka ngayo ukubona uPawulu ehamba!

Ekugcineni umkhumbi ubuyela eKhesariya. Ngesikhathi uPawulu ehleli lapha endlini yomfundi uFiliphu umprofethi u-Agabu uxwayisa uPawulu. Uthi uPawulu uzoboshwa uma eya eJerusalema. Nangempela, kwenzeka lokho. Khona-ke, ngemva kokuboshwa iminyaka emibili eKhesariya, uPawulu uthunyelwa eRoma ayothetha icala phambi kombusi wamaRoma uKhesari. Ake sibone okwenzeka ohambweni lokuya eRoma.