Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 112

Ukuphuka Komkhumbi

Ukuphuka Komkhumbi

BHEKA! Lo mkhumbi usenkathazweni! Uyaphuka! Uyababona abantu abagxumele emanzini? Abanye sebengaphandle kakade. Ingabe uPawulu lowaya? Ake sizwe ukuthi bekwenzekani kuye.

Khumbula, uPawulu ubeyisiboshwa eKhesariya iminyaka emibili. Khona-ke yena nezinye iziboshwa bafakwa emkhunjini, baya eRoma. Uma bedlula esiqhingini saseKrethe, bahlaselwa isiphepho esinzima. Umoya ushaya ngamandla kangangokuba bahluleke ukuqondisa umkhumbi. Abakwazi ukubona ilanga emini noma izinkanyezi ebusuku. Ekugcineni, ngemva kwezinsuku eziningi, abasemkhunjini baphelelwa yithemba lokusinda.

Khona uPawulu asukume athi: ‘Akekho kinina ozokufa; umkhumbi kuphela ozosilahlekela. Ebusuku ingelosi kaJehova ifiké kimi yathi, “Ungesabi Pawulu! Umelwe ukuma phambi kombusi wamaRoma uKhesari. UJehova uzobasindisa bonke abanawe emkhunjini.”’

Cishe phakathi kwamabili ngosuku lwe-14 ngemva kokuba isiphepho siqalile, amatilosi aphawula ukuthi amanzi awasajulile! Ngenxa yokwesaba ukushayisa ematsheni emnyameni, ehlisa amahange awo. Ngakusasa abona isikhumulo azame ukuqondisa umkhumbi kuso.

Uma besondela ogwini, umkhumbi ushayisa intaba yesihlabathi ubhajwe. Amagagasi aqale ukuwushaya, umkhumbi uqale ukuphuka. Umphathi wempi ophethe uthi: ‘Bonke benu abakwaziyo ukuhlamba gxumelani olwandle nihlambe niye ogwini. Nonke nina abanye gxumani nibalandele, nithathe izingxenye ezithile zomkhumbi nibambelele kuzo.’ Benza kanjalo. Ngale ndlela bonke abangama-276 abebesemkhunjini bafika ngokulondekile ogwini, njengoba ingelosi ithembisile.

Isiqhingi kuthiwa iMelitha. Abantu banomusa. Banakekela labo abebesemkhunjini. Uma izulu selingcono, uPawulu ufakwa komunye umkhumbi ayiswe eRoma.