Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 113

UPawulu ERoma

UPawulu ERoma

BHEKA amaketango kuPawulu, bheka futhi isosha laseRoma elimgadile. UPawulu uyisiboshwa eRoma. Ulindile kuze kube yilapho uKhesari waseRoma enquma azokwenza ngaye. Ngesikhathi eyisiboshwa, abantu bavunyelwe ukumvakashela.

Ezinsukwini ezintathu ngemva kokufika kukaPawulu eRoma uthumela izwi kubaholi abangamaJuda ukuba bazombona. Ngenxa yalokho, amaJuda amaningi eRoma ayeza. UPawulu uwashumayeza ngoJesu nombuso kaJehova. Amanye ayakholwa abe ngamaKristu, amanye awakholwa.

UPawulu futhi ushumayela emasosheni ahlukahlukene anomsebenzi wokumgada. Eminyakeni emibili agcinwe ngayo njengesiboshwa uPawulu ushumayela kubo bonke angabashumayeza. Ngenxa yalokho, ngisho nabendlu kaKhesari bayezwa ngezindaba ezinhle zoMbuso, abanye babo babe ngamaKristu.

Kodwa singubani isivakashi esibhala lapha etafuleni? Ungaqagela? Yebo, uThimothewu. NoThimothewu ubesejele ngenxa yokushumayela ngoMbuso, kodwa usekhululekile futhi. Ufike lapha ukuzosiza uPawulu. Uyazi ukuthi uThimothewu ubhalani? Ake sibone.

Uyayikhumbula imizi owaseFilipi nowase-Efesu eNdabeni 110? UPawulu wasiza ekuqaliseni amabandla obuKristu kuleyo mizi. Manje ngesikhathi eboshiwe, uPawulu ubhalela la maKristu izincwadi. Lezi zincwadi ziseBhayibhelini, zithiwa Kwabase-Efesu enye KwabaseFilipi. UPawulu manje utshela uThimothewu ukuba ababhalele athini abangane abangamaKristu baseFilipi.

AbaseFilipi bebenomusa kakhulu kuPawulu. Bamthumelela isipho lapha ejele, ngakho uPawulu uyababonga ngaso. U-Ephafrodithu ubelethé isipho. Kodwa wagula kakhulu wacishe wafa. Manje usephilile, futhi uselungele ukuya ekhaya. Uzophatha le ncwadi evela kuPawulu noThimothewu uma ebuyela eFilipi.

Ngesikhathi esesejele uPawulu ubhala ezinye izincwadi ezimbili esinazo eBhayibhelini. Enye iya kumaKristu eKolose. Uyayazi igama layo? KwabaseKolose. Enye incwadi yomuntu siqu eya kumngane omkhulu uFilemoni naye ohlala eKolose. Le ncwadi iphathelene nenceku kaFilemoni u-Onesimu.

U-Onesimu wabaleka kuFilemoni waya eRoma. Ngandlela-thile uzwile ngokuboshwa kukaPawulu ejele lapha. Ufikele ukuzo-mvakashela, uPawulu wamshumayeza u-Onesimu. Ngokushesha u-Onesimu uba ngumKristu. Manje u-Onesimu udabukile ngokubaleka kwakhe. Uyazi ukuthi uPawulu ubhalani kule ncwadi eya kuFilemoni?

UPawulu ucela uFilemoni ukuba axolele u-Onesimu. Uyabhala: ‘Ngimbuyisela kuwena. Kodwa manje akaseyona nje inceku yakho kuphela. Ungumzalwane ongumKristu okahle.’ Uma u-Onesimu ebuyela emuva eKolose uphatha lezi zincwadi ezimbili, enye iya kwabaseKolose enye iya kuFilemoni. Singacabanga nje indlela ajabula ngayo uFilemoni uma ezwa ukuthi inceku yakhe isingumKristu.

Uma uPawulu ebhalela abaseFilipi noFilemoni, unezindaba ezinhle ngempela. ‘Nginithumelela uThimothewu,’ uPawulu etshela abaseFilipi. ‘Kodwa nami sekuseduze nginivakashele.’ KuFilemoni uyabhala: ‘Ngilungisele indawo yokuhlala lapho.’

Uma uPawulu ekhululwa uhambela abafowabo abangamaKristu nodade ezindaweni eziningi. Kamuva uPawulu uyaboshwa futhi eRoma. Manje uyazi ukuthi uzobulawa. Ubhalela uThimothewu amcele afike ngokushesha. Uyabhala: ‘Bengithembekile kuNku-lunkulu, futhi uyongivuza.’ Eminyakeni emibalwa ngemva kokubulawa kukaPawulu, iJerusalema liyachithwa, manje ngamaRoma.

Kodwa kunokwengeziwe eBhayibhelini. UJehova wenza ukuba umphostoli uJohane abhale izincwadi zalo zokugcina, kuhlanganise nesAmbulo. Le ncwadi isitshela ngesikhathi esizayo. Ake sifunde manje ukuthi isikhathi esizayo sisiphatheleni.