Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 115

IPharadesi Elisha Emhlabeni

IPharadesi Elisha Emhlabeni

BHEKA le mithi emide, izimbali ezinhle nezintaba eziphakeme. Akukuhle yini lapha? Bheka le nyamazane efunzwa umfana omncane. Bheka futhi amabhubesi namahhashi kumi laphaya. Awunakuthanda yini ukuhlala endlini esendaweni enjengalena?

UNkulunkulu ufuna uphile phakade emhlabeni oyipharadesi. Akafuni futhi ukuba ube nobuhlungu abantu abanabo namuhla. Nasi isithembiso seBhayibheli kulabo abayophila epharadesi elisha: ‘UNkulunkulu uyokuba nabo. Ngeke kusaba khona ukufa noma ukukhala noma ubuhlungu. Okudala sekudlulile.’

UJesu uyokwenza ukuba lolu shintsho lwenzeke. Uyazi ukuthi nini? Yebo, ngemva kokuhlanza bonke ububi nabantu ababi emhlabeni. Khumbula, lapho uJesu esemhlabeni waphilisa abantu kukho konke ukugula, wavusa ngisho nabafileyo. UJesu wenza lokhu ukuze abonise lokho ayokwenza emhlabeni uma eseyiNkosi yombuso kaNkulunkulu.

Ake ucabange nje ukuthi kuyoba kuhle kanjani epharadesi elisha emhlabeni! UJesu, nabanye balabo abakhethayo, bayobusa ezulwini. Laba babusi bayonakekela wonke umuntu emhlabeni futhi benze abantu bajabule. Ake sibone esidinga ukukwenza ukuze siqiniseke ukuthi uJehova uyosinikeza ukuphila okuphakade epharadesi lakhe elisha.