Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuhlubuka Endaweni Yemimoya

Ukuhlubuka Endaweni Yemimoya

Lapho uSathane esebenzisa inyoka ukuba ikhulume noEva, uEva wahlanganyela naye eku-hlubukeni kwakhe kuNkulunkulu

Bonke abantu bomoya uJehova abadala babelungile. Khona-ke enye ingelosi yaphenduka yaba yimbi. InguSathane uDeveli. USathane wayefuna ukuba abantu abasemhlabeni bakhulekele yena kunokuba bakhulekele uJehova. Nakhu okwenzeka:

Ensimini yase-Edene, kwakunemithi eminingi eyayithela izithelo ezimnandi. UJehova watshela uAdamu nomkakhe, uEva, ukuthi babengadla ngenkululeko kuyo. Kodwa kwakunomuthi owodwa uNkulunkulu athi akufanele badle kuwo. Wathi uma bedla kuwo, babezokufa nakanjani.—Genesise 2:9, 16, 17.

Ngolunye usuku uEva wayeyedwa lapho inyoka ikhuluma naye. Yiqiniso, kwakungeyona ngempela inyoka eyayikhuluma; kwakunguSathane uDeveli owenza kwabonakala sengathi inyoka yayikhuluma. USathane watshela uEva ukuthi uma engadla isithelo esenqatshelwe, wayezohlakanipha njengoNkulunkulu. Wathi futhi wayengeke afe. Zombili lezinkulumo zazingamanga. Nokho, uEva wamkholelwa uSathane futhi wasidla lesithelo. Kamuva, wasinikeza noAdamu, naye wasidla.—Genesise 3:1-6.

Ngokwalendaba eyenzeka ngokoqobo, sithola ukuthi uSathane uyisihlubuki nomqambimanga. Watshela uEva ukuthi uma engamlaleli uNkulunkulu, wayengeke afe. Lokho kwakungamanga. Wafa futhi kwenzeka okufanayo nangoAdamu. USathane akazange afe ngalesosikhathi, nakuba ekugcineni ezokufa ngoba wona. Nokho, okwamanje usaphila futhi uyaqhubeka edukisa isintu. Usalokhu engumqambimanga, futhi uzama ukwenza abantu baphule imithetho kaNkulunkulu.—Johane 8:44.

Ezinye Izingelosi Ziyahlubuka

Kamuva, ezinye izingelosi zaphenduka zaba zimbi. Lezingelosi zabona abesifazane abahle emhlabeni futhi zafuna ukuba nobuhlobo bobulili nabo. Ngakho zeza emhlabeni futhi zembatha imizimba yabantu besilisa. Zase zizithathela abafazi. Lokhu kwakumelene nenjongo kaNkulunkulu.—Genesise 6:1, 2; Juda 6.

Izingelosi ezimbi zeza emhlabeni ukuze ziziphathe kabi nabesifazane

Futhi kwabangela isintu inkinga enkulu. Abafazi balezingelosi bazala abantwana, kodwa babengebona abantwana abavamile. Baba iziqhwaga ezinobudlova nezinonya. Ekugcineni umhlaba wagcwala ubudlova kangangokuba uJehova wanquma ukubhubhisa abantu ababi ngozamcolo omkhulu. Okuwukuphela kwabantu abasinda kuZamcolo kwakunguNowa olungile nomkhaya wakhe.—Genesise 6:4, 11; 7:23.

Nokho, izingelosi ezimbi zaphindela endaweni yomoya; azizange zife. Kodwa zajeziswa. Azizange zivunyelwe ukuba ziphindele emkhayeni kaNkulunkulu wezingelosi ezilungile. Ngaphezu kwalokho, uJehova akabange esazivumela ukuba zembathe imizimba yabantu. Futhi ekugcineni zizokufa ekwahluleleni okukhulu.—2 Petru 2:4; Juda 6.

USathane Uyakhishwa Ezulwini

USathane nezingelosi zakhe ezimbi bakhishwa ezulwini

Engxenyeni yokuqala yekhulu lethu leminyaka, kwaba nempi ezulwini. Incwadi yeBhayibheli yesAmbulo ichaza okwenzeka: “Kwase kuba-khona ukulwa ezulwini; uMikayeli [uJesu Kristu ovusiwe] nezingelosi zakhe [ezilungile] balwa nodrako [uSathane]. Nodrako walwa enezingelosi zakhe [ezimbi], kepha kabaze banqoba, nendawo yabo kayabe isafunyanwa ezulwini. Wayesephonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke, waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe [ezimbi] zaphonswa kanye naye.”

Waba yini umphumela? Ukulandisa kuyaqhubeka: “Ngalokho thokozani nina-mazulu nabahlala kuwo.” Izingelosi ezilungile zazingajabula ngoba uSathane nezingelosi ezimbi, noma imimoya, babengasekho ezulwini. Kodwa kuthiwani ngabantu abasemhlabeni? IBhayibheli lithi: “Maye kuwe-mhlaba nakuwe-lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!”—IsAmbulo 12:7-9, 12.

Yebo, uSathane nabangane bakhe ababi badukisa abantu abasemhlabeni futhi bababangele umaye omkhulu. Lezingelosi ezimbi zibizwa ngokuthi amademoni. Ziyizitha zikaNkulunkulu. Zimbi zonke.