Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amademoni Angababulali!

Amademoni Angababulali!

USathane namademoni bebelokhu benonya futhi beyingozi. Ezikhathini zangaphambili uSathane wabulala imfuyo nezinceku zikaJobe othembekile. Wayesebulala abantwana bakaJobe abayishumi ngokubangela “umoya omkhulu” ukuba ubhubhise indlu ababekuyo. Ngemva kwalokho uSathane washaya uJobe “ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kufike okhakhayini.”—Jobe 1:7-19; 2:7.

Ngosuku lukaJesu, amademoni enza abantu abathile baba yizimungulu nezimpumputhe. (Mathewu 9:32, 33; 12:22) Ahlupha indoda ethile futhi abangela ukuba izilimaze ngamatshe. (Marku 5:5) Futhi abangela ukuba umfana othile amemeze, amwisela phansi, futhi ‘amhlukumeza kakhulu.’—Luka 9:42.

Esikhathini esidlule, amademoni ayegulisa abantu futhi abanye ebahlukumeza

Namuhla, uSathane namademoni basengababulali njengoba babenjalo. Empeleni, selokhu bakhishwa ezulwini umsebenzi wabo omubi uye wanda. Imibiko evela kulo lonke izwe ifakazela unya lwabo. Bahlupha abantu ngokugula. Abanye babahlupha ebusuku, bebaqwashisa noma bebenza baphuphe amaphupho amabi. Abanye babaphatha kabi ngokobulili. Abanye futhi bayabahlanyisa, babashukumisele ekubeni babulale abanye, noma babenze bazibulale ngokwabo.

Namuhla amademoni abangela abanye abantu ukuba babe nobudlova; abanye abahlupha ebusuku, abenze baphuphe amaphupho amabi

ULintina, ohlala eSuriname, ulandisa ukuthi idemoni, noma umoya omubi, labulala amalungu angu-16 omkhaya wakubo futhi yena lamhlupha emzimbeni nasengqondweni iminyaka engu-18. Ekhuluma ngokuhlangenwe nakho kwakhe siqu uthi amademoni ‘ayakujabulela ukuhlupha izisulu zawo ezingathandi zize zife.’

Kodwa uJehova uyakwazi ukuvikela izinceku zakhe ekuhlaseleni kukaSathane.—IzAga 18:10.