Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isandulela

Isandulela

Mfundi Othandekayo:

Ingabe uzizwa usondelene noNkulunkulu? Abaningi bakubona kuyinto engenakwenzeka. Abanye banomuzwa wokuthi ukude kakhulu; abanye bazizwa bengakufanelekeli nakancane ukusondela kuye. Noma kunjalo, iBhayibheli lisinxusa ngothando: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jakobe 4:8) Uze aqinisekise nezikhonzi zakhe: “Mina, Jehova uNkulunkulu wakho, ngibambe isandla sakho sokudla, Mina engithi kuwe, ‘Ungesabi. Ngizokusiza.’”​—Isaya 41:13.

Singabakha kanjani ubungani obuseduze kanjalo noNkulunkulu? Kunoma yibuphi ubungani esibakhayo, isibopho sisuke sisekelwe ekumazini lowo muntu, ekuthandeni nasekwaziseni izimfanelo zakhe ezimenza ahluke. Ngakho, kubalulekile ukutadisha izimfanelo zikaNkulunkulu nezindlela zakhe njengoba zembulwe eBhayibhelini. Ukuzindla ngendlela uJehova ayibonisa ngayo imfanelo yakhe ngayinye, ukubona indlela uJesu Kristu azibonakalisa ngayo ngendlela ephelele lezo zimfanelo, nokuqonda ukuthi thina singazihlakulela kanjani, kuyosisondeza kuNkulunkulu. Siyobona ukuthi uJehova unguMbusi wendawo yonke onegunya nofanelekayo. Ngaphezu kwalokho, unguBaba esimdingayo sonke. Njengoba enamandla, enobulungisa, ehlakaniphile, futhi enothando, akalokothi azishiye dengwane izingane zakhe ezithembekile.

Kwangathi le ncwadi ingakusiza usondele ngisho nakakhulu kuJehova uNkulunkulu, wakhe isibopho naye esingasoze sagqashuka ukuze uphilele ukumdumisa kuze kube phakade.

Abanyathelisi