Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXENYE 2

“UJehova Uyabuthanda Ubulungisa”

“UJehova Uyabuthanda Ubulungisa”

Ukungabi nabulungisa kudlangile namuhla ezweni, futhi kusolwa uNkulunkulu kungafanele. Kodwa iBhayibheli lisifundisa iqiniso eliduduzayo​—lokuthi “uJehova uyabuthanda ubulungisa.” (IHubo 37:28) Kule ngxenye sizothola ukuthi uwafakazele kanjani lawo mazwi ukuthi ayiqiniso, okunikeza sonke isintu ithemba.

KULE NGXENYE

ISAHLUKO 11

“Konke Akwenzayo Kunobulungisa”

Kungani ubulungisa bukaNkulunkulu buyimfanelo ekhangayo?

ISAHLUKO 12

“Ingabe Kukhona Ukungabi Nabulungisa KuNkulunkulu?”

Uma uJehova ekuzonda ukungabi nabulungisa, kungani umhlaba ugcwele kona?

ISAHLUKO 13

“UMthetho KaJehova Uphelele”

Umthetho ulukhuthaza kanjani uthando?

ISAHLUKO 14

UJehova Ulungiselela “Isihlengo Sabaningi”

Imfundiso elula kodwa enamandla ingakusiza usondele kuNkulunkulu.

ISAHLUKO 15

UJesu ‘Uletha Ubulungisa Emhlabeni’

UJesu wabubonisa kanjani ubulungisa esikhathini esidlule? Ububonisa kanjani manje? Uyobuletha kanjani esikhathini esizayo?

ISAHLUKO 16

‘Bonisa Ubulungisa’ Ekuhambeni NoNkulunkulu

Ubulungisa buhlanganisa nendlela esibheka ngayo okulungile nokungalungile nendlela esiphatha ngayo abanye.