Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 11

“Konke Akwenzayo Kunobulungisa”

“Konke Akwenzayo Kunobulungisa”

1, 2. (a) Yisiphi isenzo esingenabulungisa nakancane esenziwa kuJosefa? (b) UJehova wasilungisa kanjani lesi senzo esingenabulungisa?

 KWAKUYISENZO esingenabulungisa nakancane. Le nsizwa ebukekayo yayingenzanga lutho olubi, kodwa yazithola ivalelwe ejele elisemgodini, iqanjelwa amanga kuthiwa ibizama ukudlwengula. Kodwa yayingaqali ukuphathwa ngendlela engenabulungisa. Ngaphambilini, ngesikhathi ineminyaka engu-17, le nsizwa enguJosefa yayikhashelwe abafowabo abacishe bayibulala. Yathengiselwa ebugqilini kwelinye izwe. Ilapho, yenqaba ukweshelwa umkankosi yayo. Le nkosikazi eyaliwe yamqambela amanga uJosefa, wangena kanjalo ejele. Okudabukisayo ukuthi kwakubonakala kungenamuntu owayengakhulumela uJosefa.

2 Kodwa uNkulunkulu ‘othanda ukulunga nobulungisa’ wayebukele. (IHubo 33:5) UJehova wathatha isinyathelo sokulungisa lesi senzo esingenabulungisa, wajika izinto ukuze uJosefa agcine ekhululiwe. Ngaphezu kwalokho, uJosefa​—owayephonswe ejele—​ekugcineni waba sesikhundleni esamnika umthwalo omkhulu nodumo olumangalisayo. (Genesise 40:15; 41:41-43; IHubo 105:17, 18) Ekugcineni, kwacaca ukuthi uJosefa wayengenacala, futhi isikhundla sakhe esiphakeme wasisebenzisela ukuqhubekisela phambili injongo kaNkulunkulu.​—Genesise 45:5-8.

UJosefa wahlupheka ngendlela engenabulungisa ejele

3. Kungani kungamangalisi ukuthi sonke sifuna ukuphathwa ngendlela enobulungisa?

3 Indaba enjena iyazithinta izinhliziyo zethu, akunjalo? Ubani kithina ongakaze akubone ukungabi nabulungisa kwenziwa kwabanye noma kuye uqobo? Yebo, sonke sifisa ukuphathwa ngendlela enobulungisa nengakhethi. Akumangalisi lokho ngoba uJehova wasinika izimfanelo ezibonisa ubuntu bakhe, futhi ubulungisa bungenye yezimfanelo zakhe eziyinhloko. (Genesise 1:27) Ukuze simazi kahle uJehova, kudingeka sibuqonde ubulungisa bakhe. Uma senza kanjalo siyozazisa nangokwengeziwe izindlela zakhe ezinhle futhi sifune ukusondela kuye.

Buyini Ubulungisa?

4. Abantu ngokuvamile babuqonda kanjani ubulungisa?

4 Abantu baqonda ubulungisa ngokuthi bumane buwukusetshenziswa kwemithetho ngendlela engakhethi. Incwadi ethi Right and Reason​—Ethics in Theory and Practice ithi “ubulungisa buhlobene nomthetho, isibopho, amalungelo, futhi bukhipha izahlulelo zabo ngokulingana noma ngokwalokho umuntu okumfanele.” Ubulungisa bukaJehova bona buhilela okungaphezu kokusetshenziswa kwemithetho ngokungacabangeli ngenxa nje yomuzwa wesibopho.

5, 6. (a) Asho ukuthini amagama ezilimi zokuqala ahunyushwe ngokuthi “ubulungisa”? (b) Kusho ukuthini ukuthi uNkulunkulu unobulungisa?

5 Ubulungisa bukaJehova bungaqondwa kangcono ngokucabangela amagama ezilimi zokuqala asetshenziswe eBhayibhelini. EmiBhalweni YesiHebheru, kusetshenziswe amagama amathathu abalulekile. Igama elivame ukuhunyushwa ngokuthi ‘ubulungisa’ lingase lihunyushwe nangokuthi “okulungile.” (Genesise 18:25) Lawa amanye amagama amabili avame ukuhunyushwa ngokuthi “ukulunga.” EmiBhalweni YamaKristu YesiGreki, igama elihunyushwa ngokuthi “ukulunga” lichazwa ngokuthi “imfanelo yokuba olungile noma onobulungisa.” Empeleni-ke imfanelo yokulunga ihlobene neyobulungisa.​—Amose 5:24.

6 Ngakho, uma iBhayibheli lithi uNkulunkulu unobulungisa, lisuke lisitshela ukuthi wenza okulungile, nokuthi lokho ukwenza ngokungaguquki, nangokungakhethi. (Roma 2:11) Akunakwenzeka neze enze ngenye indlela. U-Elihu othembekile wathi: “UNkulunkulu weqiniso akakucabangi nokukucabanga ukwenza okubi, uMninimandla Onke akakucabangi ukwenza okungalungile!” (Jobe 34:10) Ngempela, akunakwenzeka ukuba uJehova enze okungalungile. Kungani? Ngenxa yezizathu ezimbili ezibalulekile.

7, 8. (a) Kungani kungekho kuJehova ukwenza izenzo ezingenabulungisa? (b) Yini eyenza uJehova abe olungile, noma onobulungisa, endleleni aphatha ngayo abanye?

7 Esokuqala, ungcwele. Njengoba sibonile eSahlukweni 3, uJehova uhlanzekile futhi uqotho. Ngakho, akukho kuye ukwenza ngokungalungi, noma ngokungabi nabulungisa. Cabanga ukuthi kusho ukuthini lokho. Ubungcwele bukaBaba wethu wasezulwini businikeza isizathu esizwakalayo sokwethemba ukuthi akasoze aziphatha kabi izingane zakhe. UJesu wayeqiniseka ngalokho. Ngobusuku bakhe bokugcina ephila emhlabeni, wathandaza: “Baba ongcwele, babheke [abafundi] ngenxa yegama lakho.” (Johane 17:11) “Baba ongcwele”​—nguJehova kuphela obizwa kanjalo emiBhalweni. Kuyafaneleka lokhu ngoba akekho ubaba ongumuntu ongafana naye ngobungcwele. UJesu wayenokholo oluphelele lokuthi abafundi bakhe babeyovikeleka uma begadwe uBaba omsulwa nohlanzeke ngokuphelele futhi ohlukaniswe ngokuphelele nokona.​—Mathewu 23:9.

8 Esesibili, uthando olungenabugovu luyingxenye yobuntu bukaNkulunkulu. Lolo thando lumenza abe olungile, noma onobulungisa, endleleni aphatha ngayo abanye. Kodwa zonke izinhlobo zezenzo ezingenabulungisa​—ezihlanganisa ukucwasana ngokohlanga, ukubandlulula, nokukhetha—​ngokuvamile zibangelwa ukuhaha nobugovu, okuyizinto eziphambene nothando. Ngokuphathelene noNkulunkulu wothando, iBhayibheli liyasiqinisekisa: “UJehova ulungile; uyazithanda izenzo zokulunga.” (IHubo 11:7) UJehova uthi ngaye ngokwakhe: “Mina Jehova, ngithanda ubulungisa.” (Isaya 61:8) Akududuzi yini ukwazi ukuthi uNkulunkulu wethu uyakujabulela ukwenza okulungile, noma ubulungisa?​—Jeremiya 9:24.

Isihe Nobulungisa BukaJehova Obuphelele

9-11. (a) Buhlobene kanjani ubulungisa bukaJehova nesihe sakhe? (b) Ubulungisa bukaJehova nesihe sakhe bubonakala kanjani endleleni aphatha ngayo abantu abanesono?

9 Ubulungisa bukaJehova buphelele, abuntuli lutho, njengoba kunjalo nangezinye izimfanelo zobuntu bakhe obungafani nobamuntu. Edumisa uJehova, uMose wabhala: “UyiDwala, uphelele umsebenzi wakhe,konke akwenzayo kunobulungisa. UnguNkulunkulu wokwethembeka, okungenzeki angabi nabulungisa; ulungile futhi uqotho.” (Duteronomi 32:3, 4) Indlela uJehova abonisa ngayo ubulungisa bakhe ayinaphutha​—akalokothi athambise isandla ngokweqile, akalokothi aqinise isandla ngokweqile.

10 Ubulungisa bukaJehova buhlobene eduze nesihe sakhe. IHubo 116:5 lithi: “UJehova unozwela futhi ulungile [“unobulungisa,” The New American Bible]; uNkulunkulu wethu unesihe.” Yebo, uJehova unobulungisa futhi unesihe. Lezi zimfanelo azingqubuzani. Uma ebonisa isihe usuke engathambisi ubulungisa bakhe, njengokungathi ubulungisa bakhe bebuyoba obuqine kakhulu uma engabuthambisi. Kunalokho, lezi zimfanelo uvame ukuzibonisa ngesikhathi esisodwa, ngisho nangesenzo esisodwa. Cabanga ngalesi sibonelo.

11 Bonke abantu banesono abasizuza ngefa futhi ngenxa yalokho bafanelwe isijeziso sesono​—ukufa. (Roma 5:12) Kodwa uJehova akathokozi ngokufa kwezoni. “UnguNkulunkulu ozimisele ukuthethelela, onozwela nonesihe.” (Nehemiya 9:17) Noma kunjalo, ngenxa yokuthi ungcwele, akakuvuni ukungalungi. Wayengasibonisa kanjani-ke isihe kubantu abazalwa nesono? Impendulo itholakala kwelinye lamaqiniso ayigugu kunawo wonke eZwini likaNkulunkulu: ilungiselelo likaJehova lesihlengo sokusindisa isintu. ESahlukweni 14 sizofunda okwengeziwe ngaleli lungiselelo lothando. Libonisa ubulungisa obukhulu, ngesikhathi esifanayo libonisa isihe esikhulu kakhulu. Ngalo, uJehova angazibonisa isihe izoni eziphendukayo ebe egcina imithetho yakhe yobulungisa obuphelele.​—Roma 3:21-26.

Ubulungisa BukaJehova Buyajabulisa

12, 13. (a) Kungani ubulungisa bukaJehova busisondeza kuye? (b) Yisiphi isiphetho uDavide afinyelela kuso ngobulungisa bukaJehova, futhi lokhu kusiduduza kanjani?

12 Ubulungisa bukaJehova abuyona imfanelo ebandayo esiqhelisayo kuye, kodwa buyimfanelo esenza simthande sisondele kuye. IBhayibheli lichaza ngokucacile ukuthi ubulungisa bukaJehova, noma ukulunga, bunozwela. Ake sikhulume ngezinye zezindlela ezijabulisayo uJehova abonisa ngazo ubulungisa bakhe.

13 Ubulungisa bukaJehova obuphelele bumenza abonise izinceku zakhe ukwethembeka nobuqotho. Umhubi uDavide wazibonela ngokoqobo lesi sici sobulungisa bukaJehova. Ngokwalokho azibonela kona nangokutadisha kwakhe izindlela zikaNkulunkulu, yisiphi isiphetho afinyelela kuso uDavide? Wathi: “UJehova uyabuthanda ubulungisa, ngeke abashiye abantu bakhe abaqotho. Bayohlale begadiwe.” (IHubo 37:28) Yeka isiqinisekiso esiduduzayo! UNkulunkulu wethu akasoze nanini abalahla abaqotho kuye. Ngakho singathembela ekutheni uyosondelana nathi futhi asinakekele ngothando. Ubulungisa bakhe buyakuqinisekisa lokhu!​—IzAga 2:7, 8.

14. Ukukhathalela kukaJehova abantu abaswele kubonakala kanjani eMthethweni awunika u-Israyeli?

14 Ubulungisa bukaNkulunkulu bunozwela ngezidingo zabahluphekile. Ukukhathalela kukaJehova abantu abaswele kubonakala eMthethweni awunika u-Israyeli. Ngokwesibonelo, uMthetho wawunamalungiselelo akhethekile ayeqinisekisa ukuthi izintandane nabafelokazi bayanakekelwa. (Duteronomi 24:17-21) Eqaphela indlela okwakungaba nzima ngayo ukuphila emindenini enjalo, uJehova ngokwakhe waba uyise onguMahluleli noMvikeli, ‘owenzela intandane nomfelokazi ubulungisa.’ (Duteronomi 10:18; IHubo 68:5) UJehova wawadonsa ngendlebe ama-Israyeli wathi uma edlala ngabesifazane nezingane ezingenabani, wayeyokuzwa nokukuzwa ukukhala kwabo. Wathi: “Intukuthelo yami iyovutha.” (Eksodusi 22:22-24) Nakuba intukuthelo ingekho phakathi kwezimfanelo zikaJehova ezivelele, izenzo ezingenabulungisa zimvusela ulaka olufanele, ikakhulu uma izisulu kungabantu abampofu nabangenabani.​—IHubo 103:6.

15, 16. Yibuphi ubufakazi obuphawulekayo bokungakhethi kukaJehova?

15 UJehova usiqinisekisa nangokuthi ‘akakhethi muntu [futhi] akamukeli sifumbathiso.’ (Duteronomi 10:17) Ngokungafani nabantu abaningi abanegunya noma ithonya, uJehova akaxhoshwa ingcebo noma ukubukeka. Akabandlululi nhlobo futhi akakhethi. Cabanga ngobufakazi obuhle kakhulu bokungakhethi kukaJehova. Ithuba lokuba izikhonzi zakhe zeqiniso, elihambisana nokuphila okungapheli, alivulekele izitatanyiswa ezimbalwa. Kunalokho, “ezizweni zonke umuntu omesabayo nowenza okulungile uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 10:34, 35) Leli thuba elihle kangaka livulekele wonke umuntu kungakhathaliseki ukuthi isimo sakhe senhlalo sinjani, ukuthi linjani ibala lakhe lesikhumba, noma ukuthi uhlalaphi. Akubona yini ubulungisa beqiniso ngempela lobo?

16 Kunesinye isici sobulungisa bukaJehova obuphelele okufanelekayo ukuba sisicabangele futhi sisihloniphe: indlela aphatha ngayo labo abeqa imithetho yakhe yokulunga.

Akukho Ukukhululwa Esijezisweni

17. Chaza ukuthi kungani ukungalungi okusezweni kungasiniki isizathu sokungabaza ukuthi uJehova unobulungisa.

17 Abanye bangase bazibuze: ‘Njengoba uJehova engakuvuni ukungalungi, singakuchaza kanjani pho ukuhlupheka okungafanele nemikhuba yokukhohlakala egcwele kangaka ezweni namuhla?’ Ukungalungi okunjalo akusiniki isizathu sokungabaza ukuthi uJehova unobulungisa. Ukungalungi okuningi kuleli zwe elonakele kuwumphumela wesono abantu abasizuze njengefa ku-Adamu. Ezweni lapho abantu bezikhethela izindlela zabo zesono, ukungalungi kudlangile​—kodwa lokho sekuzophela.​—Duteronomi 32:5.

18, 19. Yini ebonisa ukuthi uJehova ngeke ababekezelele phakade abaphula imithetho yakhe yokulunga ngamabomu?

18 Nakuba uJehova ebabonisa isihe esikhulu labo abasondela kuye ngobuqotho, ngeke asibekezelele unomphela isimo esihlambalaza igama lakhe elingcwele. (IHubo 74:10, 22, 23) UNkulunkulu wobulungisa akayena owokuhlekwa; izoni zamabomu ngeke aziphephise esahlulelweni esibi esifanele inkambo yazo. UJehova ‘unguNkulunkulu onesihe nozwela, owephuza ukuthukuthela nochichima uthando oluqotho neqiniso, kodwa ongeke alinge angabajezisi abanecala.’ (Eksodusi 34:6, 7) Ngokuvumelana nala mazwi, ngezikhathi ezithile uJehova uye wakubona kudingekile ukujezisa labo abayephula ngamabomu imithetho yakhe yokulunga.

19 Ngokwesibonelo, cabanga ngendlela uNkulunkulu aphatha ngayo u-Israyeli wasendulo. Ngisho nalapho esezinzile eZweni Lesithembiso, ama-Israyeli ayelokhu engathembeki. Yize izindlela zawo zokonakala zenza uJehova ‘wezwa ubuhlungu,’ akawalahlanga ngaso leso sikhathi. (IHubo 78:38-41) Esikhundleni salokho, ngesihe wawanikeza amathuba okuba ashintshe inkambo yawo. Wanxusa: “Angijabuli ngokufa komuntu omubi, kodwa ngijatshuliswa ukuba omubi ashintshe indlela yakhe, aqhubeke ephila. Buyani, buyani ezindleleni zenu ezimbi, kungani kufanele nife nina ndlu ka-Israyeli?” (Hezekeli 33:11) Njengoba uJehova ebheka ukuphila njengokuyigugu, wathumela abaprofethi bakhe ngokuphindaphindiwe ukuze ama-Israyeli abuye ezindleleni zawo ezimbi. Kodwa laba bantu abanezinhliziyo ezilukhuni benqaba ukulalela nokuphenduka. Ekugcineni, ngenxa yegama lakhe elingcwele nakho konke elikumelele, uJehova wabanikela ezitheni zabo.​—Nehemiya 9:26-30.

20. (a) Indlela uJehova amphatha ngayo u-Israyeli isifundisani ngaye? (b) Kungani kufaneleka ukuthi ibhubesi lihlotshaniswa nokuba khona kukaNkulunkulu nesihlalo sobukhosi?

20 Indlela uJehova amphatha ngayo u-Israyeli isifundisa okuningi ngaye. Sifunda ukuthi amehlo akhe abona yonke into ayakubona ukungalungi, nokuthi lokho akubonayo kumthinta ekujuleni ngaphakathi. (IzAga 15:3) Kuyaduduza nokwazi ukuthi uyafuna ukubonisa isihe uma kunesizathu sokusibonisa. Kanti sifunda nokuthi ubulungisa bakhe akabenzi ngokuxhamazela. Ngenxa yokubekezela kukaJehova, abantu abaningi benza iphutha bacabange ukuthi akasoze abajezisa ababi. Kodwa akulona neze iqiniso lelo, ngoba indlela uNkulunkulu amphatha ngayo u-Israyeli isifundisa nokuthi ukubekezela kwakhe kunemikhawulo. UJehova ukumelela ngokuqinile ukulunga. Ngokungafani nabantu, bona abaye besabe ukwenza ubulungisa, akwenzeki uJehova antule isibindi sokumelela okulungile. Kuyafaneleka-ke ukuba ibhubesi, njengoba liwuphawu lobulungisa obunesibindi, lihlanganiswe nokuba khona kukaNkulunkulu nesihlalo sakhe sobukhosi. a (Hezekeli 1:10; IsAmbulo 4:7) Ngakho singaqiniseka ukuthi uyosifeza isithembiso sakhe sokususa ukungalungi emhlabeni. Yebo, indlela yakhe yokwahlulela ingafingqwa kanje: uyaqina lapho kudingeka khona, abonise isihe lapho singase siboniswe khona.​—2 Petru 3:9.

Ukusondela KuNkulunkulu Wobulungisa

21. Lapho sizindla ngendlela uJehova abonisa ngayo ubulungisa, kufanele sicabange ukuthi unjani, futhi kungani?

21 Uma sizindla ngendlela uJehova abonisa ngayo ubulungisa, akufanele sicabange ngaye njengomahluleli ongenamizwa nongenamusa, ofuna nje ukwahlulela abenzi bokubi kuphela. Kunalokho, kufanele sicabange ngaye njengoBaba onothando nokwazi ukwenza izinqumo, oziphatha kahle kakhulu izingane zakhe ngaso sonke isikhathi. NjengoBaba onobulungisa, noma olungile, uJehova uyakwazi ukulinganisa phakathi kokuyimelela ngokuqinile into elungile nesihawu lapho esebenzelana nezingane zakhe zasemhlabeni, zona ezidinga usizo lwakhe nentethelelo.​—IHubo 103:10, 13.

22. Eqondiswa ubulungisa bakhe, uJehova wenze ukuba sikwazi ukuba nekusasa elinjani, futhi kungani esiphatha kanjena?

22 Yeka indlela okufanele sibonge ngayo ngokuthi ubulungisa bukaNkulunkulu buhilela okungaphezulu kakhulu kokugweba abenzi bokubi! Eqondiswa ubulungisa bakhe, uJehova wenze ukuba sikwazi ukuba nekusasa elihle ngempela​—ukuphila okuphelele, nokungapheli ezweni ‘okuyohlala kulo ukulunga.’ (2 Petru 3:13) UNkulunkulu wethu usiphatha kanjena ngoba ubulungisa bakhe bumenza afune ukusindisa kunokugweba. Ngempela, ukuliqonda kangcono izinga lobulungisa bukaJehova kusisondeza kuye! Ezahlukweni ezilandelayo, sizohlolisisa indlela uJehova ayibonisa ngayo le mfanelo enhle kangaka.

a Kuyathakazelisa ukuthi uJehova uzifanisa nebhubesi lapho ejezisa u-Israyeli ongathembekile.​—Jeremiya 25:38; Hoseya 5:14.