Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 12

“Ingabe Kukhona Ukungabi Nabulungisa KuNkulunkulu?”

“Ingabe Kukhona Ukungabi Nabulungisa KuNkulunkulu?”

1. Izigigaba zokungabi nabulungisa zingasithinta kanjani?

 UMFELOKAZI osekhulile uqhwagwa konke abezibekela kona ekuphileni. Usana olungenakuzisiza lulahlwa umzali onenhliziyo embi. Indoda iboshelwa icala engalenzanga. Zikuphatha kanjani lezi zigigaba? Cishe ngasinye sikuphatha kabi, futhi kube kufanele. Thina bantu sinomuzwa onamandla wokulungile nokungalungile. Uma kwenziwa isenzo sokungabi nabulungisa, siyathukuthela. Siye sifune ukuba owoniwe anxeshezelwe, nomoni ajeziswe. Uma kungenzeki lokho, singase sizibuze: ‘Kazi uNkulunkulu uyakubona yini okwenzekayo? Kungani pho engenzi lutho ngakho?’

2. UHabakuki wazizwa kanjani ngokungabi khona kobulungisa, futhi kungani uJehova engazange amsole?

2 Kuwo wonke umlando, izinceku zikaJehova ezithembekile ziye zabuza imibuzo efuze lena. Ngokwesibonelo, umprofethi uHabakuki wathandaza kuNkulunkulu: “Ungibukiselani ukungabi nabulungisa okubi kangaka? Uvumelani ukuba ubudlova, ukwephulwa komthetho, ubugebengu, nolunya kusakazeke yonke indawo?” (Habakuki 1:3, Contemporary English Version) UJehova akazange amsole uHabakuki ngalo mbuzo wakhe oqotho, ngoba uYena owafaka kubantu umuzwa wobulungisa. Yebo, uJehova usibusise ngesilinganiso esincane sobulungisa bakhe obukhulu.

UJehova Uyakuzonda Ukungabi Nabulungisa

3. Kungani kungathiwa uJehova ukubona ngaphezu kwethu ukungabi nabulungisa?

3 UJehova uyakubona ukungabi nabulungisa. Uyakubona okwenzekayo. Ngokuqondene nosuku lukaNowa, iBhayibheli liyasitshela: “UJehova wabona ukuthi ububi bomuntu babubukhulu emhlabeni nokuthi imicabango nezifiso zenhliziyo yakhe kwakukubi ngaso sonke isikhathi.” (Genesise 6:5) Cabanga ukuthi isho ukuthini leyo nkulumo. Ngokuvamile, indlela esiqonda ngayo ukungabi nabulungisa isekelwe ezigigabeni ezimbalwa esizizwile noma ezenzeke kithi ngokwethu. Kanti uJehova yena wazi ukungabi nabulungisa okwenzeka emhlabeni wonke. Uyakubona konke! Ngaphezu kwalokho, ubona ukuthambekela kwenhliziyo​—ukucabanga okukhohlakele okuwumsuka wezenzo ezingenabulungisa.​—Jeremiya 17:10.

4, 5. (a) IBhayibheli libonisa kanjani ukuthi uJehova uyabakhathalela labo abaye baphathwa ngokungabi nabulungisa? (b) UJehova yena kumthinte kanjani ukungabi nabulungisa?

4 Kodwa uJehova wenza okungaphezu kokumane abone ukungabi nabulungisa. Uyabakhathalela nalabo abayizisulu zako. Ngesikhathi izizwe eziyizitha ziphatha kabi abantu bakhe, uJehova wadabuka ‘ngokububula kwabo okwakubangelwa yilabo ababebacindezela nalabo ababebahlukumeza.’ (AbaHluleli 2:18) Hleze uye waphawula ukuthi lapho abantu belokhu bebona ukungabi nabulungisa okuningi, bagcina bengasenandaba nako. UJehova akanjalo! Sekuyiminyaka engaba ngu-6 000 ebona wonke amazinga okungabi nabulungisa, kodwa akakashintshi, usakuzonda. Kunokuba ashintshe, iBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi izinto ‘ezinjengolimi olunamanga,’ ‘izandla ezichitha igazi elingenacala,’ ‘nofakazi wamanga ophafuza amanga,’ ziyanengeka kuye.​—IzAga 6:16-19.

5 Cabanga nangendlela enamandla uJehova asola ngayo abaholi bakwa-Israyeli abangenabulungisa. Waphefumulela umprofethi wakhe ukuba ababuze: “Akufanele yini nazi okuwubulungisa?” Ngemva kokuchaza ngokucacile ukusebenzisa kwabo amandla kabi, uJehova wabikezela okwakuzokwehlela la madoda akhohlakele: “Bayocela usizo kuJehova, kodwa ngeke abaphendule. Uyobafihlela ubuso bakhe ngaleso sikhathi ngenxa yezenzo zabo ezimbi.” (Mika 3:1-4) Yeka indlela okumnenga ngayo uJehova ukungabi nabulungisa! Phela uye wakubona kwenzeka kuye uqobo! Sekuphele izinkulungwane zeminyaka uSathane elokhu emklolodela ngendlela engenabulungisa. (IzAga 27:11) Ngaphezu kwalokho, uJehova wabona isenzo sokungabi nabulungisa esinyantisa kunazo zonke ngesikhathi iNdodana yakhe, ‘eyayingenzanga sono,’ ibulawa njengesigebengu. (1 Petru 2:22; Isaya 53:9) Kusobala ukuthi uJehova akayena ongabushayi mkhuba nongenandaba nobunzima balabo abahlushwa ukungabi nabulungisa.

6. Yini esingase siyenze uma sibhekene nokungabi nabulungisa, futhi kungani?

6 Noma kunjalo, uma sibona ukungabi nabulungisa​—noma uma thina ngokwethu siphathwa kabi—​kungokwemvelo ukuvele sicasuke. Senziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, futhi ukungabi nabulungisa akuhambisani neze nakho konke uJehova ayikho. (Genesise 1:27) Pho kungani uNkulunkulu ekuvumela ukungabi khona kobulungisa?

Impikiswano Ebalulekile

7. Chaza indlela igama likaJehova nendlela yakhe yokubusa okwabekelwa ngayo inselele.

7 Impendulo yalo mbuzo ihlobene nempikiswano ebalulekile. Njengoba sibonile, uMdali unegunya lokubusa umhlaba nabo bonke abahlala kuwo. (IHubo 24:1; IsAmbulo 4:11) Kodwa igama likaJehova elihle lahlanjalazwa nendlela yakhe yokubusa yabekelwa inselele kwasekuqaleni komlando wesintu. Kwenzeka kanjani lokhu? UJehova wayala umuntu wokuqala u-Adamu, ukuba angadli esihlahleni esithile ensimini eyayiyikhaya lakhe eliyiPharadesi. Kwakuyokwenzekani uma engalaleli? UNkulunkulu wamtshela: “Uyokufa nokufa.” (Genesise 2:17) Umyalo kaNkulunkulu wawungenzima ku-Adamu noma kumkakhe, u-Eva. Noma kunjalo, uSathane wenza u-Eva wakholwa ukuthi uNkulunkulu wayeqinisa isandla ngokungenasidingo. Kwakuzokwenzekani uma edla esihlahleni? USathane watshela u-Eva ngokuqondile: “Ngokuqinisekile ngeke nife. Yingoba uNkulunkulu uyazi ukuthi ngalo kanye usuku enidla ngalo kuso, amehlo enu ayovuleka futhi niyoba njengoNkulunkulu, nazi okuhle nokubi.”​—Genesise 3:1-5.

8. (a) Wayesho ukuthini uSathane ngamazwi awatshela u-Eva? (b) Yini uSathane ayibekela inselele ngokuphathelene negama likaNkulunkulu nobukhosi baKhe?

8 La mazwi kaSathane ayengasho nje kuphela ukuthi uJehova wayegodlele u-Eva ulwazi olubalulekile, kodwa ayesho nokuthi wayeqambe amanga ku-Eva. UMlingi wenza u-Eva wangabaza ubuntu baLowo omelelwa igama elithi Jehova. Ngalokho akwenza, uSathane waletha isihlamba esikhulu egameni likaNkulunkulu. Waphinde wahlasela ubukhosi bukaJehova noma indlela yaKhe yokubusa. USathane waqikelela ukuthi akalingabazi iqiniso lobukhosi bukaNkulunkulu. Kodwa wakubekela inselele ukufaneleka, nokulunga kwabo. Ngamanye amazwi, wagomela ngokuthi uJehova wayengabusi ngendlela elungile nangendlela eyozuzisa izikhonzi zaKhe.

9. (a) Waba yini umphumela wokungalaleli ku-Adamu no-Eva, futhi lokhu kwaphakamisa miphi imibuzo ebalulekile? (b) Kungani uJehova engazange amane azibhubhise izihlubuki?

9 U-Adamu no-Eva babe sebephula umthetho kaJehova ngokudla esihlahleni ababenqatshelwe ukudla kuso. Ukungalaleli kwabo kwabalethela isijeziso sokufa, njengoba nje uNkulunkulu ayeshilo. Amanga kaSathane aphakamisa imibuzo ebalulekile. UJehova unalo ngempela nje igunya lokubusa isintu, noma umuntu kufanele azibuse ngokwakhe? Ingabe yinhle indlela uJehova asebenzisa ngayo ubukhosi bakhe? UJehova wayengasebenzisa amandla akhe amakhulu abhubhise lezi zihlubuki ngaso leso sikhathi. Kodwa imibuzo eyayiphakeme yayingaphathelene namandla kaNkulunkulu, kodwa yayiphathelene negama lakhe, okuhlanganisa nendlela abusa ngayo. Ngakho ukususa u-Adamu, u-Eva, noSathane kwakungeke kukufakazele ukulunga kokubusa kukaNkulunkulu. Kunalokho, kwakungase kwenze ukubusa kwakhe kungabazeke nakakhulu. Okuwukuphela kwendlela yokuthola ukuthi abantu bangaphumelela yini ukuzibusa ngaphandle kukaNkulunkulu, kwakuwukuba kuvunyelwe isikhathi sidlule.

10. Umlando uye wembulani ngokuqondene nokubusa komuntu?

10 Ukuhamba kwesikhathi kwembuleni? Ezinkulungwaneni zeminyaka edlule, abantu baye bazama izinhlobo eziningi zohulumeni, kuhlanganise uhulumeni wobushiqela, owentando yeningi, owesimiso sokusebenzela uhulumeni, nowobukhomanisi. Umphumela wazo zonke ufingqwe kula mazwi eBhayibheli acacile: ‘Umuntu uye wabusa umuntu kwaba ukulimala kwakhe.’ (UmShumayeli 8:9) Umprofethi uJeremiya washo kufanele ukuthi: “Ngazi kahle, Jehova, ukuthi indlela yomuntu akuyona eyakhe. Akalinikiwe igunya ngisho nelokuqondisa isinyathelo sakhe.”​—Jeremiya 10:23.

11. Kungani uJehova avumela ukuba isintu sihlupheke?

11 Kwasekuqaleni uJehova wayazi ukuthi umphumela wokuzibusa komuntu wawuyoba ukuhlupheka. Ingabe-ke kwakuwukungabi nabulungisa ukuba avumele isimo esibi siqhubeke? Cha! Ngokwesibonelo: Ake sithi unomntwana okudingeka ahlinzwe ukuze elashwe isifo esisongela ukuphila. Uyazi ukuthi ukuhlinzwa kuzomenza ezwe ubuhlungu, futhi lokho kukuphatha kabi kakhulu. Ngesikhathi esifanayo, uyazi ukuthi ukuhlinzwa kuzomenza abe nempilo engcono kamuva. Ngokufanayo, uNkulunkulu naye wayazi​—futhi wayekubikezele nokukubikezela—​ukuthi ukuvumela kwakhe ukuzibusa kwabantu kwakuzohambisana nobuhlungu nokuhlupheka. (Genesise 3:16-19) Kodwa futhi wayazi nokuthi impumuzo yangempela neyaphakade yayiyotholakala kuphela ngokuba avumele sonke isintu sizibonele izithelo ezimbi zokuhlubuka. Ngokwenza kanjalo, le mpikiswano yayingaxazululeka unomphela, kuze kube phakade.

Impikiswano Yobuqotho Bomuntu

12. Njengoba kuboniswe endabeni kaJobe, uSathane ubamangalele ngani abantu?

12 Kunesinye futhi isici kule ndaba. Ngokubekela inselele ukufaneleka nokulunga kokubusa kukaNkulunkulu, uSathane akazange nje kuphela anyundele uJehova ngokuqondene nobukhosi baKhe negama lakhe; wanyundela nezinceku zikaNkulunkulu ngokuqondene nobuqotho bazo. Ngokwesibonelo, phawula lokho uSathane akusho kuJehova ngendoda elungile uJobe: “Awuzange yini umbiyele yena nendlu yakhe nakho konke anakho? Uwubusisile umsebenzi wezandla zakhe nemfuyo yakhe yande kakhulu ezweni. Kodwa manje ake welule isandla sakho, uthathe konke anakho, nakanjani uzokuthuka ebusweni bakho.”​—Jobe 1:10, 11

13. USathane wayesho ukuthini ngezinto amangalela ngazo uJobe, futhi abantu bebonke bangena kanjani kulokhu?

13 USathane wama kwelokuthi uJehova wayesebenzisa amandla aKhe okuvikela ukuze athenge ukuzinikela kukaJobe. Lokhu kwasho ukuthi ubuqotho bukaJobe babuwubuqotho bokuzenzisa, wayekhonza uNkulunkulu ngenxa yalokho ayengakuthola. USathane wagomela ngokuthi uma uJobe engaphucwa isibusiso sikaNkulunkulu, wayengamthuka nokumthuka uMdali wakhe. USathane wayazi ukuthi uJobe ‘wayeqotho, esaba uNkulunkulu futhi ekugwema okubi.’ a Ngakho, uma uSathane ayengakwazi ukuphula ubuqotho bukaJobe, kuthiwani ngobuqotho besintu sisonke? Empeleni uSathane wayengabaza ubuqotho babo bonke abafuna ukukhonza uNkulunkulu. Esehilela nabanye kule mpikiswano, uSathane wathi kuJehova: Umuntu uyokhipha konke anakho ngenxa yokuphila kwakhe.”​—Jobe 1:8; 2:4.

14. Umlando uye wabonisani ngokuqondene nezinto uSathane amangalela ngazo abantu?

14 Umlando uye wabonisa ukuthi abaningi, njengoJobe, baye bahlala bethembekile kuJehova naphezu kovivinyo​—ngokuphambene nokuzisholo kukaSathane. Baye bajabulisa inhliziyo kaJehova ngenkambo yabo yokwethembeka, lokhu kwabe sekunikeza uJehova impendulo ekuklolodeni kukaSathane kokuthi abantu bayoyeka ukukhonza uNkulunkulu uma besebunzimeni. (Hebheru 11:4-38) Yebo, abanezinhliziyo ezilungile baye benqaba ukufulathela uNkulunkulu. Ngisho nalapho bexakwe izimo ezicindezela kakhulu, baye bancika ngisho nangokwengeziwe kuJehova ukuba abanikeze amandla okukhuthazela.​—2 Korinte 4:7-10.

15. Yimuphi umbuzo ongaphakama ngezahlulelo zikaNkulunkulu ezidlule nezesikhathi esizayo?

15 Kodwa ukusebenzisa kukaJehova ubulungisa kuhilela okwengeziwe kunempikiswano yobukhosi neyobuqotho bomuntu. IBhayibheli lisilandisa ngezahlulelo zikaJehova ezatholwa abantu ngabanye ngisho nezizwe. Linaneziprofetho zezahlulelo ayozikhipha esikhathini esizayo. Kungani singaqiniseka ukuthi uJehova uye wahlulela ngokulunga nokuthi uyokwahlulela ngokulunga?

Okwenza Ubulungisa BukaNkulunkulu Buphakame Kunabo Bonke

UJehova akasoze ‘abhubhise olungile kanye nomubi’

16, 17. Yiziphi izibonelo ezibonisa ukuthi abantu banombono olinganiselwe endabeni yobulungisa beqiniso?

16 Kungashiwo kufanele ngoJehova ukuthi: “Konke akwenzayo kunobulungisa.” (Duteronomi 32:4) Akekho noyedwa kithi ongazichaza kanjalo, ngoba ezikhathini eziningi umbono wethu olinganiselwe wenza kungacaci ukuthi yikuphi okulungile. Ngokwesibonelo, cabanga ngo-Abrahama. Wancenga uJehova ngokuqondene nokubhujiswa kweSodoma​—naphezu kobubi bakhona obabudlangile. Wabuza uJehova: “Ingabe ngempela uzobhubhisa olungile kanye nomubi?” (Genesise 18:23-33) Impendulo yayithi cha. UJehova “wenza ukuba kune isibabule nomlilo eSodoma” ngemva kokuba uLoti olungile namadodakazi akhe sebefike bephephile edolobheni laseZowari. (Genesise 19:22-24) Kanti uJona yena “wathukuthela wagana unwabu” ngesikhathi uNkulunkulu ebonisa abantu baseNineve isihe. Njengoba uJona ayesememezele ukuthi bazobhujiswa, kwakuzothi cosololo ukubabona beqothulwa​—naphezu kokuphenduka kwabo okusuka enhliziyweni.​—Jona 3:10–4:1.

17 UJehova waqinisekisa u-Abrahama ukuthi ubulungisa baKhe abuhileli ukubhubhisa ababi kuphela, kodwa nokusindisa abalungile. Ngakolunye uhlangothi, uJona kwadingeka afunde ukuthi uJehova unesihe. Uma ababi beshintsha izindlela zabo, ‘uhlale ekulungele ukuthethelela.’ (IHubo 86:5) Ngokungafani nabantu abazizwa besongelwa, uJehova akakhiphi isahlulelo esibi ngoba nje efuna ukubukisa ngamandla akhe, engasigodli nesihawu ngoba nje esaba ukuthi kuzothiwa ubuthaka. Ubonisa isihe noma nini uma kunesizathu sako.​—Isaya 55:7; Hezekeli 18:23.

18. Usebenzisa iBhayibheli, bonisa ukuthi uJehova akabuswa imizwelo iyodwa.

18 UJehova yena akaxhoshwa imizwelo iyodwa. Ngesikhathi abantu bakhe bengene shi ekukhonzeni izithombe, uJehova washo kwezwakala: “[Ngizokwahlulela] ngokwezindlela zakho, ngikwenze ulandise ngazo zonke izenzo zakho ezinengekayo. Iso lami ngeke likuhawukele; ngeke ngibe naluzwela, ngoba ngizokuvuza ngokwezindlela zakho.” (Hezekeli 7:3, 4) Ngakho lapho abantu beqinisa amakhanda endleleni abenza ngayo, uJehova ubahlulela ngendlela ebafanele. Kodwa isahlulelo sakhe sisuke sisekelwe ebufakazini obuqinile. Ngaleso sizathu, lapho ezwa isikhalo ngeSodoma neGomora, uJehova wathi: “Ngizokwehla ukuze ngibone ukuthi benza ngokwesikhalo esiye safika kimi yini.” (Genesise 18:20, 21) Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi uJehova akafani nabantu abaningi abasheshe bafinyelele iziphetho bengakawezwa wonke amaqiniso! Ngempela, uJehova unjengoba nje iBhayibheli limchaza, “unguNkulunkulu wokwethembeka, okungenzeki angabi nabulungisa.”​—Duteronomi 32:4.

Qiniseka Ngobulungisa BukaJehova

19. Yini esingayenza uma sinemibuzo edidayo ngendlela uJehova asebenzisa ngayo ubulungisa?

19 IBhayibheli alizisho zonke izinto ezazihilelekile kulokho uJehova akwenza esikhathini esidlule; lingasinikezi nanemininingwane egcwele ngendlela uJehova ayobahlulela ngayo abantu ngabanye namaqembu abantu esikhathini esizayo. Uma kunezindaba noma iziprofetho ezisididayo eBhayibhelini ngoba imininingwane ethile ingekho, singabonisa ubuqotho obufana nobomprofethi uMika, owabhala: “Ngizomlinda ngesineke uNkulunkulu wensindiso yami.”​—Mika 7:7.

20, 21. Kungani singaqiniseka ukuthi uJehova uyokwenza okulungile ngaso sonke isikhathi?

20 Singaqiniseka ukuthi kuzo zonke izimo, uJehova uyokwenza okulungile. Ngisho noma umuntu ekushalazela ukungabi nabulungisa, uJehova uyathembisa: “Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina.” (Roma 12:19) Uma sibonisa isimo sengqondo sokulinda, siyokwenanela amazwi abonisa ukuqiniseka okukhulu ashiwo umphostoli uPawulu: “Ingabe kukhona ukungabi nabulungisa kuNkulunkulu? Lutho neze!”​—Roma 9:14.

21 Okwamanje, siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thimothewu 3:1) Ukungabi nabulungisa ‘nezenzo zokucindezela’ kubangele ukuhlukunyezwa kwabantu abaningi. (UmShumayeli 4:1) Noma kunjalo, uJehova akashintshile. Usakuzonda ukungabi nabulungisa, futhi ubakhathalela ngokujulile abayizisulu zako. Uma sihlala siqotho kuJehova nasebukhosini bakhe, uyosinika amandla okukhuthazela kuze kube isikhathi esimisiwe ayolungisa ngaso konke ukungabi nabulungisa ngaphansi koMbuso wakhe.​—1 Petru 5:6, 7.

a UJehova wathi ngoJobe: ‘Akekho ofana naye emhlabeni.’ (Jobe 1:8) Ngakho, kungenzeka ukuthi uJobe waphila ngemva kokufa kukaJosefa kodwa ngaphambi kokuba uMose amiswe njengomholi wama-Israyeli. Ngakho, ngaleso sikhathi kwakungase kushiwo ukuthi akekho owayeqotho njengoJobe.