Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 17

“O Ukujula Kokuhlakanipha KukaNkulunkulu!”

“O Ukujula Kokuhlakanipha KukaNkulunkulu!”

1, 2. Yayiyini injongo kaJehova yosuku lwesikhombisa, futhi ukuhlakanipha kwakhe kwavivinyeka kanjani ekuqaleni kwalolu suku?

 KONAKELE! Ngokuphazima kweso, abantu ababeyindalo ephuma phambili yosuku lwesithupha lokudala, akubange kusabahambela kahle. UJehova wayethe “konke ayekwenzile,” kuhlanganise nabantu, “kwakukuhle kakhulu.” (Genesise 1:31) Kodwa ekuqaleni kosuku lwesikhombisa, u-Adamu no-Eva bakhetha ukuvukela kanye noSathane. Bawela esonweni nasekufeni.

2 Kwakungase kubonakale sengathi injongo kaJehova yosuku lwesikhombisa yayibhuntshe unomphela. Lolo suku, njengeziyisithupha ezazilwandulele, lwaluzodonsa izinkulungwane zeminyaka. UJehova wayethe lungcwele, futhi ekupheleni kwalo wonke umhlaba wawuyobe sewenziwe ipharadesi eligcwele umndeni wabantu abangenasono. (Genesise 1:28; 2:3) Kodwa ngemva kwale nhlekelele yokuvukela, yayingenzeka kanjani into enjalo? Wayezokwenzenjani uNkulunkulu? Lesi kwakuyisivivinyo esikhulu sokuhlakanipha kukaJehova—mhlawumbe esizidlula zonke.

3, 4. (a) Kungani indlela uJehova asingatha ngayo ukuvukela kwase-Edene iyisibonelo esimangalisayo sokuhlakanipha kwakhe? (b) Ukuthobeka kufanele kusenze sihlale sikhumbula liphi iqiniso njengoba sifunda ngokuhlakanipha kukaJehova?

3 Khona manjalo uJehova wabe esenza okuthile. Wabagweba abavukeli base-Edene, wanikeza ithemba lento emangalisayo eyayiseza: injongo yakhe yokuqeda izinkinga abase bezidalile. (Genesise 3:15) Injongo kaJehova efinyelela kude isuka kulokho okwenzeka e-Edene, ihlanganisa neminyaka eyizinkulungwane yomlando wabantu, bese idlulela nasesikhathini esisekude esizayo. Ilula kakhulu kodwa futhi ijule kangangokuba umfundi weBhayibheli angayitadisha futhi ayihlaziye ukuphila kwakhe konke. Ngaphezu kwalokho, injongo kaJehova iyofezeka nakanjani. Iyoqeda bonke ububi, isono nokufa. Iyokwenza abantu abathembekile bangabe besaba nesono. Konke lokhu kuyokwenzeka ngaphambi kokuphela kosuku lwesikhombisa, ukuze kuthi naphezu kwako konke okwayiphazamisa, uJehova ayifeze ngesikhathi injongo yakhe ngomhlaba nesintu!

4 Ukuhlakanipha okunjalo kuyasimangaza, akunjalo? Umphostoli uPawulu washukumiseleka ukuba abhale: ‘O ukujula kokuhlakanipha kukaNkulunkulu!’ (Roma 11:33) Njengoba sifunda ngezici ezihlukahlukene zale mfanelo kaNkulunkulu, ukuthobeka kufanele kusenze sihlale sikhumbula leli qiniso elibalulekile—kuncane kakhulu esingakuqonda ngokuhlakanipha kukaJehova okukhulu. (Jobe 26:14) Ake siqale siyichaze le mfanelo emangalisayo.

Kuyini Ukuhlakanipha KukaNkulunkulu?

5, 6. Ulwazi nokuhlakanipha kuhlobene kanjani, futhi lubanzi kangakanani ulwazi lukaJehova?

5 Ukuhlakanipha akuyona into eyodwa nolwazi. Amakhompyutha akwazi ukugcina ulwazi oluningi kakhulu, kodwa akekho ongathi ahlakaniphile. Noma kunjalo, ulwazi nokuhlakanipha kuhlobene. (IzAga 10:14) Ngokwesibonelo, uma ufuna ukwelapha isifo esibucayi, ungaya yini kumuntu ongenalwazi olutheni ngemithi noma ongenalo nhlobo? Ngeke! Ngakho ukuze ube nokuhlakanipha kweqiniso kudingeka ulwazi olunembile.

6 UJehova unolwazi olungenamkhawulo. Njengoba ‘eyiNkosi yaphakade,’ uyena yedwa obelokhu ephila kusukela phakade. (IsAmbulo 15:3) Phakathi naso sonke leso sikhathi esingenakulinganiswa, ubekubona konke okwenzekayo. IBhayibheli lithi: “Akukho ndalo esithekile emehlweni akhe, kodwa zonke izinto azifihlekile futhi zisobala emehlweni alowo okumele siziphendulele kuye.” (Hebheru 4:13; IzAga 15:3) Njengoba enguMdali, uJehova ukuqonda ngokugcwele akwenzile, futhi kusukela ekuqaleni ubelokhu ekubhekile konke okwenziwa abantu. Uhlola inhliziyo yomuntu ngamunye, akeqiwa yilutho. (1 IziKronike 28:9) Njengoba asidala saba nenkululeko yokuzikhethela, uyajabula lapho esibona senza izinqumo ezihlakaniphile ekuphileni. Njengoba ‘elalela imithandazo,’ ulalela inqwaba yemithandazo ngesikhathi esisodwa! (IHubo 65:2) Futhi kusobala ukuthi uJehova unenkumbulo ephelele.

7, 8. UJehova ukubonisa kanjani ukuqonda, ikhono lokwahlukanisa nokuhlakanipha?

7 UJehova akagcini ngokuba nolwazi. Ubona nendlela izinto ezihlobana ngayo, abe nombono ophelele owakhiwa imininingwane eminingi kakhulu. Uyahlaziya, ahlukanise phakathi kokuhle nokubi, okubalulekile nokuyize. Ngaphezu kwalokho, ubheka ngale kwalokho okusobala, ahlolisise inhliziyo. (1 Samuweli 16:7) Ngakho, uJehova unokuqonda nekhono lokwahlukanisa, okuyizimfanelo eziphakeme kunolwazi. Kodwa ukuhlakanipha kuphakeme nakakhulu kunalezi zimfanelo.

8 Ukuhlakanipha kuhilela ukusebenzisa ulwazi, ikhono lokwahlukanisa nokuqonda. Empeleni, amanye amagama okuqala eBhayibheli ahunyushwe ngokuthi “ukuhlakanipha,” ngokwezwi nezwi asho “ukusebenza ngempumelelo” noma “ukuhlakanipha okusebenzisekayo.” Ngakho ukuhlakanipha akuyona nje into uJehova agcina ngokuba nayo engqondweni. Kuyasebenziseka futhi kuyasebenza. Ngaso sonke isikhathi uJehova wenza izinqumo ezinhle kunazo zonke, azifeze ngendlela efaneleka kunazo zonke, esebenzisa ulwazi lwakhe olubanzi nokuqonda kwakhe okujulile. Ukuhlakanipha kweqiniso-ke loko! UJehova ubonisa ukuthi ayiqiniso la mazwi kaJesu: “Ukuhlakanipha kubonakaliswa kulungile yimisebenzi yako.” (Mathewu 11:19) Kuyo yonke indawo, imisebenzi kaJehova inikeza ubufakazi obunamandla bokuthi uhlakaniphile.

Ubufakazi Bokuhlakanipha KukaNkulunkulu

9, 10. (a) Hlobo luni lokuhlakanipha uJehova alubonisayo, futhi ukubonise kanjani? (b) Ingqamuzana libunikeza kanjani ubufakazi bokuhlakanipha kukaJehova?

9 Wake wamangazwa yini ukukhalipha komkhandi owenza izinto ezinhle ezisebenza kahle? Uhlobo lokuhlakanipha okunjalo luhlaba umxhwele. (Eksodusi 31:1-3) NguJehova onguMthombo walokho kuhlakanipha. INkosi uDavide yathi ngoJehova: “Ngiyakudumisa ngenxa yokuthi ngenziwe ngendlela emangalisayo. Imisebenzi yakho iyamangalisa, ngikwazi kahle lokhu.” (IHubo 139:14) Ngempela, lapho sifunda okwengeziwe ngomzimba womuntu, kusimangaza nakakhulu ukuhlakanipha kukaJehova.

10 Ngokwesibonelo: Wena waqala uyingqamuzana elilodwa—iqanda likamama elahlangana nesidoda sikababa. Leli ngqamuzana labe seliqala ukuhlukana. Wena, njengoba ungumphumela walokho, wenziwe ngamangqamuzana angaba yizigidi eziyizigidi eziyikhulu. Mancanyana. Amangqamuzana angaba ngu-10 000 anganela ekhandeni likakhanjana. Nokho, ngalinye liyinkimbinkimbi ngendlela edida ikhanda. Ingqamuzana liyinkimbinkimbi ngaphezu kwanoma imuphi umshini noma ifektri eyakhiwe umuntu. Ososayensi bathi ingqamuzana linjengedolobha elibiyiwe—elinezindawo zokuphuma nezokungena ezigadiwe, izinto zokuthutha, ezokuxhumana, izimboni zikagesi, amafektri, izindawo zokukhuculula nezokugaya kabusha udoti, ezokuvikela, nohulumeni ophethe kuyi-nucleus. Ngaphezu kwalokho, ingqamuzana likwazi ukuhlukana phakathi lenze elifana ncamashi nalo emahoreni ambalwa nje!

11, 12. (a) Yini eyenza amangqamuzana ombungu osakhula enze imisebenzi ehlukahlukene, futhi lokhu kuvumelana kanjani neHubo 139:16? (b) Ubuchopho bomuntu bubonisa kanjani ukuthi ‘senziwe ngokumangalisayo’?

11 Yebo, amangqamuzana awafani wonke. Njengoba amangqamuzana ombungu eqhubeka ehlukana phakathi, aba nemisebenzi ehlukahlukene. Amanye ayoba amangqamuzana ezinzwa; amanye abe awamathambo, awemisipha, awegazi, noma aweso. Yonke leyo misebenzi ehlukahlukene ifakwe eqoqweni leziqondiso zezakhi zengqamuzana, i-DNA. Ngokuthakazelisayo, uDavide waphefumulelwa ukuba athi kuJehova: “Amehlo akho angibona ngisho ngisewumbungu; zonke izitho zawo zazilotshiwe encwadini yakho.”—IHubo 139:16.

12 Ezinye izitho zomzimba ziyinkimbinkimbi ngendlela exakile. Ngokwesibonelo, cabanga ngobuchopho bomuntu. Abanye bathi buyinto eyinkimbinkimbi kunazo zonke ezisatholakele. Bunamangqamuzana ezinzwa angaba yizigidi eziyizinkulungwane eziyikhulu—acishe abe ngangezinkanyezi ezisemthaleni wethu. Ingqamuzana ngalinye lixhumana namanye amangqamuzana ngezinkulungwane zemizila. Ososayensi bathi ubuchopho bomuntu bungamumatha konke ukwaziswa okusemitatsheni yezincwadi esemhlabeni wonke, bathi futhi empeleni kungenzeka ukuthi izinto obukwazi ukuzimumatha azinakulinganiswa. Yize sebenamashumi eminyaka betadisha lesi sitho ‘esenziwe ngokumangalisayo,’ ososayensi bayavuma ukuthi cishe abasoze bayiqonda ngokugcwele indlela esisebenza ngayo.

13, 14. (a) Izintuthwane nezinye izilwane zibonisa kanjani ukuthi “zihlakaniphile ngokwemvelo,” futhi lokho kusifundisani ngoMdali wazo? (b) Kungani singase sithi indalo enjengolwembu yenziwe “ngokuhlakanipha”?

13 Nokho, abantu bayisibonelo esisodwa nje sokuhlakanipha kukaJehova kokudala. IHubo 104:24 lithi: “O Jehova, yeka ukuthi miningi kangakanani imisebenzi yakho! Yonke uyenze ngokuhlakanipha. Umhlaba ugcwele izinto ozidalile.” Ukuhlakanipha kukaJehova kubonakala kuyo yonke indalo. Ngokwesibonelo, intuthwane “ihlakaniphile ngokwemvelo.” (IzAga 30:24) Yebo, amaqulo ezintuthwane ahleleke ngendlela emangalisayo. Amanye ayelusa, avikele, athole ukudla ezinambuzaneni ezincela izitshalo njengokungathi ziyimfuyo. Ezinye izintuthwane zilingisa abalimi, ziyalima futhi zinakekele “izitshalo” eziyisikhunta. Nezinye izilwane eziningi zenziwe zakwazi ukwenza izimanga ngokwemvelo. Impukane yenza imigilingwane yasemoyeni ngisho nendiza yohlobo oluphambili engeke ikwazi ukuyilingisa. Izinyoni ezifudukayo zibona indlela ngezinkanyezi, ngokuma kukazibuthe womhlaba, noma ngohlobo oluthile lwebalazwe elisebuchosheni. Izazi zezinto eziphilayo zichitha iminyaka eminingi zitadisha imikhuba eyinkimbinkimbi eziklanywe zaba nayo lezi zilwane. Kumele ukuba uhlakaniphe kangakanani-ke uMklami waphezulu!

14 Kuningi ososayensi abakufundile ekuhlakanipheni kukaJehova kokudala. Kunanomkhakha wobunjiniyela obizwa ngokuthi i-biomimetics, okuzanywa kuwo ukulingisa imiklamo yendalo. Ngokwesibonelo, kungenzeka uye wabubona ubuhle bolwembu. Kodwa unjiniyela usuke ebona isimanga somklamo. Eminye imicu ebonakala intekenteke yakheke yaqina ngaphezu kwensimbi, ilukhuni ngaphezu kwezintambo zesivikelo sesifuba esingenakungenwa inhlamvu. Kuqine kangakanani loko? Cabanga ngolwembu olukhuliswe lwaba ngangenetha lokudoba. Lolo lwembu lungavimba indiza ethwele abagibeli isemoyeni! Yebo, konke lokhu uJehova ukwenze “ngokuhlakanipha.”

Ubani owenza izilwane ezisemhlabeni ‘zahlakanipha ngokwemvelo’?

Ukuhlakanipha Okungaphandle Komhlaba

15, 16. (a) Izinkanyezi ezisesibhakabhakeni zinikeza buphi ubufakazi bokuhlakanipha kukaJehova? (b) Isikhundla sikaJehova sokuba uMkhuzi Omkhulu wezingelosi eziningi sikufakazela kanjani ukuhlakanipha kwalo Mqondisi?

15 Ukuhlakanipha kukaJehova kubonakala emisebenzini yakhe kuyo yonke indawo. Izinkanyezi ezisesibhakabhakeni, esixoxe kabanzi ngazo eSahlukweni 5, azisaphazekile nje emkhathini. Ngenxa yokuhlakanipha ‘kwemithetho ebusa amazulu’ ebekwe nguJehova, amazulu ahlelwe kahle aba imithala, nayo yaba amaqulo emithala, wona abe eseba amaqulokazi emithala. (Jobe 38:33) Yingakho nje uJehova ebiza izinkanyezi ngokuthi “ibutho”! (Isaya 40:26) Nokho, kunelinye ibutho elikubonakalisa ngokucace nakakhulu ukuhlakanipha kukaJehova.

16 Njengoba sibonile eSahlukweni 4, uNkulunkulu unesiqu esithi “Jehova wamabutho” ngenxa yesikhundla sakhe sokuba uMkhuzi Omkhulu webutho elikhulu lezidalwa zomoya eziyizigidi ezingamakhulukhulu. Lokhu kuwubufakazi bamandla kaJehova. Kodwa kungena kanjani ukuhlakanipha kwakhe? Cabanga ngalokhu: UJehova noJesu abakaze bangabi namsebenzi. (Johane 5:17) Kunengqondo-ke ukuthi nezikhonzi zoPhezukonke eziyizingelosi nazo zihlale zimatasa. Khumbula futhi ukuthi ziphakeme kunomuntu, zihlakaniphe kakhulu zinamandla amakhulu. (Hebheru 1:7; 2:7) Yize kunjalo, sekuyizigidigidi zeminyaka uJehova elokhu ezigcine zimatasa zonke lezo zingelosi, zenza umsebenzi owanelisayo ngenjabulo—zifeza “izwi lakhe” futhi zenza “intando yakhe.” (IHubo 103:20, 21) Yeka ukuthi kumele ukuba kukhulu kangakanani ukuhlakanipha kwalo Mqondisi!

UJehova “Nguye Yedwa Ohlakaniphile”

17, 18. Kungani iBhayibheli lithi uJehova “nguye yedwa ohlakaniphile,” futhi kungani ukuhlakanipha kwakhe kusishiya simangele?

17 Uma sicabanga ngalobu bufakazi, kuyasimangaza yini ukuthi iBhayibheli liveza ukuhlakanipha kukaJehova njengokuphakeme? Ngokwesibonelo, lithi uJehova “nguye yedwa ohlakaniphile.” (Roma 16:27) NguJehova yedwa ohlakaniphe ngomqondo ophelele. UnguMthombo wako konke ukuhlakanipha kweqiniso. (IzAga 2:6) Yingakho uJesu, nakuba eyisidalwa sikaJehova esihlakaniphe ukuzedlula zonke, engazange athembele ekuhlakanipheni kwakhe kodwa akhuluma njengoba nje uYise ayemqondisa.—Johane 12:48-50.

18 Phawula indlela umphostoli uPawulu akuveza ngayo ukuba yingqayizivele kokuhlakanipha kukaJehova: “O ukujula kwengcebo nokuhlakanipha nolwazi lukaNkulunkulu! Yeka ukuthi aziphenyeki kanjani izahlulelo zakhe nokuthi azinakuthungathwa kanjani izindlela zakhe!” (Roma 11:33) Ngokuqala leli vesi ngesibabazo esithi “O,” uPawulu wayebonisa ukuthinteka okujulile—ukumangala okukhulu. Igama lesiGreki alikhetha elisho “ukujula” lihlobene eduze negama elisho “ulasha.” Ngakho, amazwi akhe akha umfanekiso ocacile engqondweni. Uma sihlola ukuhlakanipha kukaJehova, kuba njengokungathi sigqolozele umgodi ongenamkhawulo, indawo ejule nebanzi kangangokuthi asinakubuqonda ubukhulu bayo, ingasaphathwa eyokubona lapho igcina khona. (IHubo 92:5) Akufanele yini kusenze sithobeke lokho?

19, 20. (a) Kungani ukhozi luwuphawu olufanelekayo lokuhlakanipha kukaNkulunkulu? (b) UJehova ubonise kanjani ukuthi uyakwazi ukubona isikhathi esizayo?

19 UJehova “nguye yedwa ohlakaniphile” nangomunye umqondo: Uyena yedwa okwazi ukubona okuzokwenzeka esikhathini esizayo. Khumbula ukuthi uJehova usebenzisa ukhozi olukwazi ukubona kude ukuze afanekisele ukuhlakanipha kwakhe. Ukhozi i-golden eagle lungase lube nesisindo esingamakhilogremu amahlanu kuphela, kodwa amehlo alo makhulu kunawomuntu omdala. Amehlo okhozi abukhali ngendlela emangalisayo, enza le nyoni ikwazi ukubona ukudla okuncane iqhele ngamamitha amaningi, mhlawumbe nangamakhilomitha imbala! UJehova wake wathi ngokhozi: “Amehlo alo abona emajukujukwini.” (Jobe 39:29) Ngokufanayo, uJehova ukwazi ukubheka “emajukujukwini” esikhathi esiseza!

20 IBhayibheli linobufakazi obuningi bokuthi lokhu kuyiqiniso. Lineziprofetho eziningi, noma umlando obhalwe ungakenzeki. EBhayibhelini kwabikezelwa umphumela wezimpi, ukudlondlobala nokuwa kwemibuso yezwe, ngisho namaqhinga okulwa abakhuzi bempi ababezowasebenzisa—ngezinye izikhathi kwakubikezelwa kusasele amakhulu eminyaka ukuba kwenzeke.—Isaya 44:25–45:4; Daniyeli 8:2-8, 20-22.

21, 22. (a) Kungani kungenasisekelo ukuphetha ngokuthi uJehova useyazazi zonke izinqumo oyozenza ekuphileni? Fanekisa. (b) Sazi kanjani ukuthi ukuhlakanipha kukaJehova akukhona okungenamizwelo noma okungenamizwa?

21 Kodwa ingabe lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu useyazazi izinqumo ozozenza ekuphileni? Abanye abafundisa imfundiso yokunqunyelwa kusengaphambili bagomela ngokuthi kunjalo. Nokho, lowo mqondo ululaza ukuhlakanipha kukaJehova, ngoba usikisela ukuthi akakwazi ukulawula ikhono lakhe lokubheka isikhathi esizayo. Ngokwesibonelo: Ukube ubunephimbo elimtoti, ingabe kusho ukuthi ubusuyohlale ucula njalo nje? Cha! Ngokufanayo, noJehova unalo ikhono lokubona isikhathi esizayo, kodwa akalisebenzisi ngaso sonke isikhathi. Ukube ubengenza kanjalo, lokho bekuyosiphuca inkululeko yethu yokuzikhethela, okuyisipho esiyigugu uJehova angasoze asiphuca sona.—Duteronomi 30:19, 20.

22 Okubi nakakhulu, lo mqondo wokunqunyelwa kusengaphambili usikisela ukuthi ukuhlakanipha kukaJehova akunamizwa, akunaluthando, akunamizwelo, futhi akunasihawu. Kodwa akunjalo neze! IBhayibheli lifundisa ukuthi uJehova “unenhliziyo ehlakaniphile.” (Jobe 9:4) Cha, akanayo inhliziyo engokoqobo, kodwa ngokuvamile iBhayibheli lisebenzisa lelo gama libe lisho lokho umuntu ayikho ngaphakathi, okuhlanganisa izisusa nemizwa, enjengothando. Ngakho, njengezinye izimfanelo zikaJehova, ukuhlakanipha kwakhe kubuswa uthando.—1 Johane 4:8.

23. Ukuphakama kokuhlakanipha kukaJehova kunokwethu kufanele kusenze senzeni?

23 Kusobala-ke ukuthi singathembela ngokuphelele ekuhlakanipheni kukaJehova. Kuphakeme kakhulu kunokwethu kangangokuthi iZwi likaNkulunkulu lisinxusa ngothando: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungathembeli kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.” (IzAga 3:5, 6) Ake sixoxe kabanzi ngokuhlakanipha kukaJehova ukuze sikwazi ukusondela kuNkulunkulu wethu onakho konke ukuhlakanipha.