Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 21

UJesu Wembula “Ukuhlakanipha Okuvela KuNkulunkulu”

UJesu Wembula “Ukuhlakanipha Okuvela KuNkulunkulu”

1-3. Omakhelwane bakaJesu bangaphambili bakwamukela kanjani ukufundisa kwakhe, futhi yini abahluleka ukuyiqonda ngaye?

 IZILALELI zazibambe ongezansi. Insizwa enguJesu yayimi phambi kwazo esinagogeni ifundisa. Zazingayiqabuki—yayikhulele phakathi kwazo, isisebenze iminyaka eminingi kuleyo ndawo ingumbazi. Mhlawumbe ezinye zazo zazihlala ezindlini uJesu ayebe nesandla ekuzakheni, noma kungenzeka ukuthi zazilima ngamageja namajoka ayewenze yena. a Kodwa zaziyokwamukela kanjani ukufundisa kwalo muntu owayengumbazi?

2 Abaningi balabo ababelalele bakhexa, babuza: “Lo muntu ukuthathephi lokhu kuhlakanipha?” Kodwa babuye bathi: “Lona umbazi, indodana kaMariya.” (Mathewu 13:54-58; Marku 6:1-3) Ngokudabukisayo, lab’ omakhelwane bakaJesu bangaphambili bacabanga, ‘Lo mbazi ungumuntu ovamile nje njengathi.’ Naphezu kwamazwi akhe okuhlakanipha, bamenqaba. Babengazi ukuthi ukuhlakanipha ayebanika kona kwakungekona okwakhe.

3 UJesu wayekuthathephi loku kuhlakanipha? Wathi: “Lokho engikufundisayo akukhona okwami, kodwa kungokwalowo ongithumile.” (Johane 7:16) Umphostoli uPawulu wachaza ukuthi uJesu ‘usewukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu kithi.’ (1 Korinte 1:30) Ukuhlakanipha kukaJehova kwembulwe eNdodaneni yakhe, uJesu. Ngempela, lokhu kwakunjalo kangangokuba uJesu wayengathi: “Mina noBaba simunye.” (Johane 10:30) Ake sihlole imikhakha emithathu uJesu abonisa kuyo “ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu.”

Lokho Akufundisa

4. (a) Wawukhuluma ngani umyalezo kaJesu futhi kungani wawubaluleke kakhulu kangaka? (b) Kungani iseluleko sikaJesu sasihlale sisebenza futhi sizisiza izilaleli zakhe?

4 Owokuqala, cabanga ngalokho uJesu akufundisa. Umyalezo wakhe wawukhuluma ‘ngezindaba ezinhle zoMbuso.’ (Luka 4:43) Wawubaluleke kakhulu ngenxa yendima uMbuso owawuzoba nayo ekungcweliseni igama likaJehova—elihlanganisa nedumela lakhe lokuba uMbusi olungile—nasekuletheleni isintu izibusiso zaphakade. Lapho efundisa, wanikeza nezeluleko ezihlakaniphile zokuphila kwansuku zonke. Wafakazela ukuthi ‘unguMeluleki Omangalisayo’ owayebikezelwe. (Isaya 9:6) Kwakungalani nje ukuba iseluleko sakhe simangalise? Wayenolwazi olujulile ngeZwi likaNkulunkulu nentando yakhe, eyiqonda kahle-hle indlela abakheke ngayo abantu, futhi ebathanda ngokujulile. Yingakho-ke iseluleko sakhe sasihlale sisebenza futhi sizisiza izilaleli zakhe. UJesu wayekhuluma “amazwi okuphila okuphakade.” Yebo, uma iseluleko sakhe silalelwa, siholela ensindisweni.—Johane 6:68.

5. Iziphi ezinye zezihloko uJesu akhuluma ngazo eNtshumayelweni YaseNtabeni?

5 INtshumayelo YaseNtabeni ikubonisa kahle kakhulu ukuhlakanipha okungenakuqhathaniswa okutholakala ezimfundisweni zikaJesu. Le ntshumayelo ekuMathewu 5:3–7:27, cishe ungayinikeza ngemizuzu engu-20. Kodwa iseluleko sayo asiphelelwa isikhathi—sisasebenza nanamuhla njengoba sasinjalo lapho sinikezwa okokuqala. UJesu wakhuluma ngezihloko eziningi ezihlukahlukene, ezihlanganisa indlela yokuthuthukisa ubuhlobo bethu nabanye (5:23-26, 38-42; 7:1-5, 12), indlela yokuziphatha kahle (5:27-32), nendlela yokuphila ukuphila okunenjongo (6:19-24; 7:24-27). UJesu akagcinanga nje ngokuzitshela ngomlomo izilaleli zakhe ukuthi iyiphi inkambo yokuhlakanipha; kodwa wazikholisa ngokuzichazela, ngokubonisana nazo nangokuzinika ubufakazi.

6-8. (a) UJesu unikeza ziphi izizathu ezinamandla zokugwema ukukhathazeka? (b) Yini ebonisa ukuthi iseluleko sikaJesu sinokuhlakanipha okuvela phezulu?

6 Ngokwesibonelo, cabanga ngeseluleko sikaJesu esihlakaniphile sendlela yokunqoba ukukhathazwa yizinto ezibonakalayo, njengoba sishiwo kuMathewu isahluko 6. UJesu uyaseluleka: “Yekani ukukhathazeka ngokuphila kwenu ngokuqondene nokuthi niyodlani noma niyophuzani, noma ngemizimba yenu ngokuqondene nokuthi niyogqokani.” (Ivesi 25) Ukudla nokokugqoka kuyizidingo eziyisisekelo, futhi kulindelekile ukuba umuntu akhathazeke ngokuthola lezi zinto. Kodwa uJesu uthi ‘asiyeke ukukhathazeka’ ngalezi zinto. b Kungani?

7 Lalela njengoba uJesu ebonisana nabo ngendlela ekholisayo. Njengoba kunguJehova osinike ukuphila nemizimba, ngeke yini asinike ukudla kokusekela lokho kuphila nezingubo zokugqokisa leyo mizimba? (Ivesi 25) Uma uNkulunkulu epha izinyoni ukudla agqokise nezimbali zibe zinhle, angabondla kakhulu kangakanani-ke abakhulekeli bakhe abangabantu! (Amavesi 26, 28-30) Vele akusizi ngalutho ukukhathazeka ngokweqile. Ngeke kusandise nakancane isikhathi sokuphila kwethu. c (Ivesi  27) Singakugwema kanjani ukukhathazeka? UJesu uyaseluleka: Qhubekani nenza ukukhulekela uNkulunkulu kuze kuqala ekuphileni kwenu. Labo abenza kanjalo bangaqiniseka ukuthi uYise wasezulwini ‘uyokwenezela’ zonke izidingo zabo zansuku zonke. (Ivesi 33) Okokugcina, uJesu unikeza icebiso eliwusizo kunawo wonke—ungazikhathazi ngolwakusasa. Kungani kumele uzihluphe ngezinkinga zakusasa namuhla? (Ivesi 34) Ngaphandle nje kwalokho, kungani kumele ukhathazeke ngokungafanele ngezinto ezingase zingenzeki nokwenzeka? Ukusebenzisa iseluleko esihlakaniphe kanjalo kungasiphephisa ebuhlungwini benhliziyo kuleli zwe elicindezelayo.

8 Kusobala ukuthi iseluleko uJesu asinikeza sisasebenza nanamuhla njengoba nje sasisebenza ngesikhathi esinikeza eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule. Akubona yini ubufakazi bokuhlakanipha okuvela phezulu lobo? Ngisho nezeluleko ezinhle kakhulu ezivela kubeluleki abangabantu ziphelelwa isikhathi bese ngokushesha ziyashintshwa noma kube khona ezinye. Kodwa izimfundiso zikaJesu zona azishintshwa ukuhamba kwesikhathi. Akufanele kusimangaze lokho ngoba lo Meluleki Omangalisayo wayekhuluma “amazwi kaNkulunkulu.”—Johane 3:34.

Indlela Yakhe Yokufundisa

9. Amanye amasosha athini ngokufundisa kukaJesu, futhi kungani kwakungelona ihaba lokho?

9 Umkhakha wesibili uJesu abonisa kuwo ukuhlakanipha kukaNkulunkulu yindlela yakhe yokufundisa. Ngesinye isikhathi, amasosha ayethunywe ukuyombopha abuya elambatha, athi: “Akekho omunye umuntu owake wakhuluma kanje.” (Johane 7:45, 46) Ayengenzi ihaba. Kubo bonke abantu abake baphila, uJesu owayevela “ezindaweni ezingaphezulu,” wayenenqolobane enkulu kakhulu yolwazi nokuhlangenwe nakho ayengatomula kuyo. (Johane 8:23) Ngempela wafundisa ngendlela okungekho muntu ongafundisa ngayo. Nazi ezinye izibonelo ezimbili zendlela yokufundisa yalo Thisha ohlakaniphile.

“Izixuku zakhexa ngenxa yendlela ayefundisa ngayo”

10, 11. (a) Kungani isimangaza indlela uJesu asebenzisa ngayo imifanekiso? (b) Iyini imifanekiso, futhi yisiphi isibonelo esibonisa isizathu sokuphumelela kwemifanekiso kaJesu?

10 Ukusebenzisa imifanekiso ngendlela ephumelelayo. Sitshelwa ukuthi: ‘UJesu wakhuluma ezixukwini ngemifanekiso. Ngempela, wayengakhulumi nazo ngaphandle komfanekiso.’ (Mathewu 13:34) Liyasimangaza ngempela ikhono lakhe elingenakuqhathaniswa lokufundisa amaqiniso ajulile esebenzisa izinto ezivamile. Abalimi abatshala imbewu, abesifazane abalungiselela ukubhaka isinkwa, izingane ezidlala emakethe, abadobi abahudula amanetha, abelusi abacinga izimvu ezilahlekile—lezi yizinto izilaleli zakhe ezazizibona njalo. Lapho amaqiniso abalulekile ehlanganiswa nezinto ezijwayelekile, asheshe agxile futhi ajule engqondweni nasenhliziyweni.—Mathewu 11:16-19; 13:3-8, 33, 47-50; 18:12-14.

11 UJesu wayevame ukusebenzisa imifanekiso, okuyizindatshana okutholakala kuzo amaqiniso aphathelene nokuziphatha naphathelene nezinto ezingokomoya. Njengoba kulula kakhudlwana ukuqonda nokukhumbula izindaba kunemiqondo engenasisekelo, le mifanekiso yasiza ekwenzeni ukuba izimfundiso zikaJesu zihlale engqondweni. Emifanekisweni eminingi, uJesu wachaza uYise ngamazwi acacile okungelula ukuwakhohlwa. Ngokwesibonelo, ubani ongeke aliqonde iphuzu lomfanekiso wendodana yolahleko—elithi, uma umuntu obechezukile ebonisa ukuphenduka okuqotho, uJehova uyomzwela futhi amamukele ngothando?—Luka 15:11-32.

12. (a) UJesu wayisebenzisa ngayiphi indlela imibuzo lapho efundisa? (b) UJesu wabavala kanjani umlomo labo ababephika igunya lakhe?

12 Ukusebenzisa imibuzo ngobuciko. UJesu wasebenzisa imibuzo ukuze enze izilaleli zakhe zizenzele zona iziphetho, zihlole izisusa zazo, noma zenze izinqumo. (Mathewu 12:24-30; 17:24-27; 22:41-46) Ngesikhathi abaholi benkolo bemphikisa ukuthi unegunya alinikwa uNkulunkulu, uJesu wabaphendula: “Ubhapathizo lukaJohane lwaluvela ezulwini noma kubantu?” Bekhungathekiswe yilo mbuzo, babhunga bodwa: “Uma sithi, ‘Ezulwini,’ uzothi, ‘Pho, kungani ningamkholwanga?’ Kodwa singalokotha yini sithi, ‘Kubantu’?” Nokho, “babesaba isixuku, ngoba sonke sasikholelwa ukuthi uJohane ngempela wayengumprofethi.” Ekugcineni baphendula bathi: “Asazi.” (Marku 11:27-33; Mathewu 21:23-27) Ngombuzo olula, uJesu wabavala umlomo, wembula nobuqili obabusezinhliziyweni zabo.

13-15. Umfanekiso womSamariya ongumakhelwane ukubonisa kanjani ukuhlakanipha kukaJesu?

13 Ngezinye izikhathi uJesu wayezibhangqa izindlela zokufundisa ngokufaka imibuzo eyenza abantu bacabange emifanekisweni yakhe. Lapho ummeli ongumJuda ebuza uJesu ukuthi yini ayeyidinga ukuze athole ukuphila okuphakade, uJesu wamkhomba eMthethweni KaMose, othi makathande uNkulunkulu nomakhelwane. Njengoba yayifuna ukuziveza ilungile, le ndoda yabuza: “Ubani ngempela umakhelwane wami?” UJesu wayiphendula ngokuyixoxela indaba ethile. Indoda engumJuda yayihamba yodwa ngenkathi abaphangi beyishaya beyishiya isizoshona. Kwabe sekufika amaJuda amabili, owokuqala kwaba umpristi kwabe sekulandela umLevi. Womabili amshiya kanjalo. Kodwa kwabe sekuqhamuka umSamariya. Ngenxa yozwela, wabopha kahle amanxeba alo muntu, wambonisa uthando ngokumyisa endlini yezihambi evikelekile ukuze alulame. Ephetha le ndaba, uJesu wabuza indoda eyayimbuze umbuzo: “Ubani kulaba abathathu owenza njengomakhelwane walo muntu owabanjwa izigebengu?” Le ndoda yaphoqeleka ukuba ithi: “Yilowo owenza isenzo sesihe kuye.”—Luka 10:25-37.

14 Lo mfanekiso ukubonisa kanjani ukuhlakanipha kukaJesu? Ngosuku lukaJesu, amaJuda ayebiza labo ababegcina amasiko awo kuphela ngokuthi “makhelwane”—ayengalokothi abize amaSamariya kanjalo. (Johane 4:9) Ukube kule ndaba kaJesu umuntu owalinyazwa kwakungumSamariya, umsizi kungumJuda, ingabe yayiyoluqeda ubandlululo? UJesu wayakha ngokuhlakanipha le ndaba, kwaba umSamariya osiza umJuda ngothando. Phawula nombuzo uJesu awubuza esiphethweni sale ndaba. Walichaza ngenye indlela igama elithi “makhelwane.” Empeleni, lo mmeli wayebuze ukuthi: ‘Ubani okufanele ngimbonise uthando lukamakhelwane?’ Kodwa uJesu wabuza: “Ubani kulaba abathathu owenza njengomakhelwane?” UJesu akagxilanga kulowo owenzelwa umusa, lowo owalinyazwa, kodwa wagxila kulowo owabonisa umusa, umSamariya. Umakhelwane weqiniso uyena obonisa abanye uthando kuqala kungakhathaliseki ukuthi bangabasiphi isizwe. Ayikho indlela edlula lena uJesu ayengalicacisa ngayo leli phuzu.

15 Kuyamangaza yini ukuthi abantu bakhexa “ngenxa yendlela [uJesu] ayefundisa ngayo” nokuthi yabasondeza kuye? (Mathewu 7:28, 29) Ngesinye isikhathi ‘isixuku esikhulu’ sahlala naye izinsuku ezintathu, singadlile nakudla!—Marku 8:1, 2.

Indlela Yakhe Yokuphila

16. UJesu ‘wakufakazela’ ngayiphi indlela ukuthi wayebuswa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu?

16 Umkhakha wesithathu uJesu abonisa kuwo ukuhlakanipha kukaJehova yindlela yakhe yokuphila. Ukuhlakanipha kuyasebenziseka; kuyaphumelela. “Ubani ohlakaniphile phakathi kwenu?” kubuza umfundi uJakobe. Wabe eseziphendula: “Ukuziphatha kwakhe okulungile makukufakazele.” (Jakobe 3:13, The New English Bible) Indlela ayeziphatha ngayo uJesu ‘yafakazela’ ukuthi wayebuswa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu. Ake sifunde ngendlela abonisa ngayo ukwahlulela okunengqondo endleleni yakhe yokuphila nasendleleni aphatha ngayo abanye.

17. Yini ebonisa ukuthi uJesu wayelinganisela ngokuphelele ekuphileni kwakhe?

17 Uke waphawula yini ukuthi abantu abangakwazi ukwahlulela kahle bavame ukweqisa? Yebo, kudingeka ukuhlakanipha ukuze umuntu akwazi ukulinganisela. Njengoba uJesu ayenokuhlakanipha kukaNkulunkulu, wayekwazi ukulinganisela ngendlela ephelele. Izinto ezingokomoya wazibeka kuqala ekuphileni kwakhe ukwedlula konke okunye. Wayengene shi emsebenzini wokumemezela izindaba ezinhle. Wathi: “Ngizele lokho.” (Marku 1:38) Njengokulindelekile, izinto ezibonakalayo zazingabalulekile kunakho konke kuye; kubonakala kukuncane kakhulu ayenakho okuyizinto ezibonakalayo. (Mathewu 8:20) Kodwa wayengazincishi injabulo. NjengoYise, ‘uNkulunkulu ojabulayo,’ uJesu wayengumuntu ojabulayo, futhi eyandisa injabulo yabanye. (1 Thimothewu 1:11; 6:15) Ngenkathi esedilini lomshado—isikhathi ngokuvamile esiba nomculo, ukuhlabelela nokujabula—wayengayelanga ukuyoqeda injabulo. Lapho kuphela iwayini, waphendula amanzi aba iwayini elisezingeni eliphezulu, isiphuzo ‘esijabulisa inhliziyo yomuntu.’ (IHubo 104:15; Johane 2:1-11) UJesu wamukela izimemo eziningi zokuya ezidlweni, futhi lezo zikhathi wayevame ukuzisebenzisela ukufundisa.—Luka 10:38-42; 14:1-6.

18. UJesu wakubonisa kanjani ukwahlulela okungenaphutha endleleni ayephatha ngayo abafundi bakhe?

18 UJesu wabonisa ukwahlulela okungenaphutha endleleni ayephatha ngayo abanye. Ngenxa yokuthi wayekuqonda ukwakheka kwabantu, wayenombono oqondile ngabafundi bakhe. Wayazi kahle ukuthi banesono. Noma kunjalo, wazibona izimfanelo zabo ezinhle. Wakubona okuhle okwakungavela kulaba bantu ababedonswe nguJehova. (Johane 6:44) Nakuba babewenza amaphutha, uJesu wabonisa ukuthi uzimisele ukubethemba. Ebonisa lokho kubethemba, wabaphathisa umsebenzi onzima abafundi bakhe. Wabathuma ukuba bashumayele izindaba ezinhle, futhi wayeqiniseka ngokuthi bangakwazi ukufeza leso sabelo. (Mathewu 28:19, 20) Incwadi yezEnzo ifakazela ukuthi baqhubeka ngokwethembeka nalo msebenzi ayebayale ukuba bawenze. (IzEnzo 2:41, 42; 4:33; 5:27-32) Kusobala-ke ukuthi kwakuwukuhlakanipha ngoJesu ukuba abethembe.

19. UJesu wabonisa kanjani ukuthi ‘umnene futhi ethobekile’?

19 Njengoba siphawulile eSahlukweni 20, iBhayibheli likuhlobanisa nokuhlakanipha ukuthobeka nobumnene. UJehova nguye obeka isibonelo esihle kunazo zonke kulokhu. Kodwa uJesu yena? Kuyajabulisa ukubona ukuthobeka uJesu akubonisa endleleni ayephatha ngayo abafundi bakhe. Njengoba ayengenasono, wayephakeme kunabo. Kodwa akazange ababukele phansi abafundi bakhe. Akakaze afune ukubenza bazizwe bephansi noma beyizehluleki. Kunalokho, wayekhumbula ukuthi balinganiselwe futhi ekubekezelela ukushiyeka kwabo. (Marku 14:34-38; Johane 16:12) Akuyona yini into ephawulekayo ukuthi ngisho nezingane zazikhululeka uma zinoJesu? Ngokuqinisekile zazithanda ukusondela kuye ngoba zazibona ukuthi ‘umnene futhi uthobekile.’—Mathewu 11:29; Marku 10:13-16.

20. UJesu wakubonisa kanjani ukucabangela endleleni aphatha ngayo owesifazane weZizwe owayenendodakazi ehlushwa idemoni?

20 UJesu wabonisa ukuthobeka kukaNkulunkulu nangenye indlela ebalulekile. Wayecabangela, noma ebonelela, uma kufaneleka ukuba abonise isihe. Ngokwesibonelo, khumbula ngesikhathi owesifazane weZizwe emncenga ukuba elaphe indodakazi yakhe eyayihlushwa idemoni. UJesu wabonisa ngezindlela ezintathu ezihlukene ukuthi wayengeke amsize—eyokuqala, ngokungamphenduli; eyesibili, ngokumtshela ngokuqondile ukuthi wayethunyelwe kumaJuda, hhayi kwabeZizwe; eyesithathu, ngokulandisa umfanekiso owaligcizelela ngomusa leli phuzu. Noma kunjalo, lona wesifazane waphikelela, ebonisa ukholo olungavamile. UJesu wenzenjani kulesi simo esingavamile? Wenza kona kanye lokho ayethe ngeke akwenze. Wayelapha indodakazi yale nkosikazi. (Mathewu 15:21-28) Ukuthobeka okungavamile lokhu, akunjalo? Futhi khumbula ukuthi ukuthobeka kuyisisekelo sokuhlakanipha kwangempela.

21. Kungani kufanele sizame ukulingisa ubuntu bukaJesu, lokho akusho, nendlela ayenza ngayo izinto?

21 Asive sibonga ngokuthi amaVangeli asembulela amazwi nezenzo zomuntu ohlakaniphe kunabo bonke abake baphila! Masikhumbule ukuthi uJesu wabonisa ngokuphelele ukuthi uYise unjani. Ngokulingisa ubuntu bukaJesu, lokho akusho, nendlela ayenza ngayo izinto, siyobe sihlakulela ukuhlakanipha okuvela phezulu. Esahlukweni esilandelayo sizobona ukuthi singakusebenzisa kanjani ukuhlakanipha kukaNkulunkulu ekuphileni kwethu.

a Ezikhathini zeBhayibheli, ababazi babeqashwa bakhe izindlu, ifenisha namathuluzi okulima. UJustin Martyr, wekhulu lesibili C.E., wabhala ngoJesu wathi: “Wayejwayele ukusebenza nabantu, abaze, akhe amageja namajoka.”

b Isenzo sesiGreki esihunyushwe ngokuthi “khathazeka” sisho “ukuthikamezeka kwengqondo.” Indlela esisetshenziswe ngayo kuMathewu 6:25, sibhekisela ekwesabeni okubangwa ukukhathazeka okuthikameza noma kuphazamise ingqondo, kusiphuce injabulo.

c Eqinisweni, ukucwaninga kososayensi kubonise ukuthi ukukhathazeka nokucindezeleka ngokweqile kungasibeka engozini yokuthola izifo eziphathelene nenhliziyo nezinye izifo eziningi ezingasheshe zisibulale.