Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 31

‘Sondela KuNkulunkulu, Naye Uyosondela Kuwe’

‘Sondela KuNkulunkulu, Naye Uyosondela Kuwe’

1-3. (a) Yini esingayifunda ngomuntu lapho sibheka okwenzeka phakathi kwabazali nomntanabo? (b) Yini eyenzeka ngokwemvelo lapho othile esibonisa uthando, futhi imuphi umbuzo obalulekile esingazibuza wona?

 ABAZALI bayathanda ukubona usana lwabo lumomotheka. Bavame ukuncikisa ubuso babo kobosana, baludlalise futhi bamomotheke. Basuke befuna ukubona ukuthi luzokwenzenjani. Khona manjalo, kuyenzeka abakufunayo—izihlathi zengane ziyafacaka, izindebe zinyakaze bese imomotheka ngokujabula. Lokho kumomotheka kusuke kubonisa uthando lwayo, ukuqala komntwana ukubonisa uthando ngenxa yothando aluboniswa abazali.

2 Ukumomotheka komntwana kusikhumbuza okuthile okubalulekile ngomuntu. Ngokwemvelo nje uthando silubuyisela ngothando. Sidalwe kanjalo nje. (IHubo 22:9) Lapho sikhula, liyakhula nekhono lethu lokubonisa uthando. Mhlawumbe uyakhumbula ukuthi lapho useyingane abazali bakho, izihlobo nabangani babekubonisa kanjani uthando. Enhliziyweni yakho kwakheka imizwa yothando, yakhula, yayisibonakala ngezenzo. Nawe wabe usubabonisa uthando. Ingabe kwenzeka okufanayo nasebuhlotsheni bakho noJehova uNkulunkulu?

3 IBhayibheli lithi: “Siyathanda ngoba yena wasithanda kuqala.” (1 Johane 4:19) ENgxenyeni 1 kuya ku-3 yale ncwadi, ukhunjuzwe ukuthi uJehova uNkulunkulu uye wabonisa amandla akhe, ubulungisa nokuhlakanipha kwakhe ngezindlela ezinothando ukuze uzuze. Kanti eNgxenyeni 4, ubonile ukuthi uthando lwakhe ulubonise ngezindlela ezivelele, elubonisa isintu ngokuqondile—kanye nawe uqobo. Kodwa umbuzo uyaphakama. Ngandlela-thile, uwumbuzo obaluleke kunayo yonke ongazibuza yona: ‘Ngizosabela kanjani othandweni lukaJehova?’

Lokho Okushiwo Ukuthanda UNkulunkulu

4. Abantu badideke kanjani ngokuthi kusho ukuthini ukuthanda uNkulunkulu?

4 UJehova, uMsunguli wothando, wazi kahle ukuthi uthando lunamandla amakhulu okuveza izimfanelo ezinhle kwabanye. Ngakho naphezu kokuphikelela kwesintu esingathembekile sihlubuka, ubelokhu enethemba lokuthi abanye abantu bayosabela othandweni lwakhe. Futhi izigidi zisabelile ngempela. Nokho, kuyadabukisa ukuthi izinkolo zaleli zwe elikhohlakele ziye zadida abantu ngalokho okushiwo ukuthanda uNkulunkulu. Abantu abaningi bathi bayamthanda uNkulunkulu kodwa kubonakala sengathi bacabanga ukuthi bangamane basho ngomlomo nje ukuthi bayamthanda. Ukuthanda uNkulunkulu kungaqala kanjalo, njengoba nje nomntwana engabonisa abazali bakhe uthando ngokuqale amomotheke. Kodwa kubantu abadala uthando luhilela okwengeziwe.

5. IBhayibheli liluchaza kanjani uthando ngoNkulunkulu, futhi kungani kufanele siyithande leyo ncazelo?

5 UJehova uyachaza ukuthi kusho ukuthini ukumthanda. IZwi lakhe lithi: “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe.” Ngakho-ke, ukuthanda uNkulunkulu kufanele kuboniswe ngezenzo. Kuyavunywa, abaningi abakuthandi ukulalela. Kodwa lona leli vesi liyanezela ngomusa: “Futhi imiyalo [kaNkulunkulu] ayiwona umthwalo.” (1 Johane 5:3) Imithetho nezimiso zikaJehova zenzelwe ukusizuzisa, hhayi ukusicindezela. (Isaya 48:17, 18) IZwi likaNkulunkulu ligcwele izimiso ezisisiza sisondele nakakhulu kuye. Kanjani? Ake sihlole izici ezintathu zobuhlobo bethu noNkulunkulu. Zihlanganisa ukuxhumana naye, ukumkhulekela nokumlingisa.

Ukuxhumana NoJehova

6-8. (a) Singamlalela kanjani uJehova? (b) Singayenza kanjani imiBhalo iphile lapho siyifunda?

6 ISahluko 1 saqala ngalo mbuzo, “Ungazibona yini ngeso lengqondo uxoxa noNkulunkulu?” Sabona ukuthi akuyona into ecatshangelwayo nje leyo. Empeleni uMose waxoxa noNkulunkulu. Thina-ke? Lesi akusona isikhathi sokuba uJehova athumele izingelosi zakhe zizoxoxa nabantu. Kodwa uJehova unazo izindlela ezinhle kakhulu zokuxhumana nathi namuhla. Singamlalela kanjani uJehova?

7 Ngenxa yokuthi “yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu,” silalela uJehova ngokufunda iZwi lakhe, iBhayibheli. (2 Thimothewu 3:16) Ngaleso sizathu umhubi wanxusa izinceku zikaJehova ukuba zilifunde “imini nobusuku.” (IHubo 1:1, 2) Ukwenzenjalo kudinga senze umzamo omkhulu. Kodwa yonke imizamo enjalo iyafaneleka. Njengoba sibonile eSahlukweni 18, iBhayibheli linjengencwadi yethu eyigugu evela kuBaba wethu wasezulwini. Ngakho ukulifunda akufanele kube isicefe. Kumele senze imiBhalo iphile lapho siyifunda. Singakwenza kanjani lokho?

8 Zibone ngeso lengqondo izindaba ozifunda eBhayibhelini. Zama ukubabona bengokoqobo abantu ofunda ngabo eBhayibhelini. Zama ukuqonda isizinda, izimo, nezisusa zabo. Yibe usucabanga ujule ngalokho okufundayo, uzibuze imibuzo enjengokuthi: ‘Le ndaba ingifundisani ngoJehova? Yiziphi izimfanelo zakhe eziqokonyiswayo? Yisiphi isimiso uJehova afuna ngisifunde, futhi ngingasisebenzisa kanjani ekuphileni kwami?’ Funda, zindla, futhi ukusebenzise okufundayo—uma wenzenjalo, iZwi likaNkulunkulu liyophila kuwe.—IHubo 77:12; Jakobe 1:23-25.

9. Ingubani “inceku ethembekile neqondayo,” futhi kungani kubalulekile ukuba siyilalelisise leyo “nceku”?

9 UJehova ubuye akhulume nathi ‘ngenceku ethembekile neqondayo.’ Njengoba uJesu abikezela, kuye kwamiswa iqembu elincane lamadoda angamaKristu agcotshiwe ukuba lisinike ‘ukudla [okungokomoya] ngesikhathi esifanele’ kulezi zinsuku zokugcina ezinezinkathazo. (Mathewu 24:45-47) Lapho sifunda izincwadi ezenzelwe ukusisiza sithole ulwazi olunembile lweBhayibheli, nalapho siya emihlanganweni yobuKristu emincane nemikhulu, sisuke sondliwa ngokomoya yileyo nceku. Ngenxa yokuthi leyo nceku ekaKristu, ngokuhlakanipha silalela la mazwi kaJesu: “Nakani indlela enilalela ngayo.” (Luka 8:18) Siyalalelisisa ngoba siyaqaphela ukuthi inceku ethembekile ingenye yezindlela zikaJehova zokuxhumana nathi.

10-12. (a) Kungani umthandazo uyisipho esihle kakhulu esivela kuJehova? (b) Singathandaza kanjani ngendlela ejabulisa uJehova, futhi kungani singaqiniseka ukuthi uyayazisa imithandazo yethu?

10 Kodwa kuthiwani ngokukhuluma noNkulunkulu? Singakhuluma yini naye? Kuyesabeka ukucabanga ngakho. Ukube ubungazama ukuya kumbusi onegunya elikhulu ezweni lakini uyoxoxa naye ngokuthile okukukhathazayo, ubungaphumelela yini? Kwezinye izindawo, kwawona lowo mzamo ungakufaka engozini! Ezinsukwini zika-Esteri noMoridekayi, umuntu wayengabulawa uma eya enkosini yasePheresiya ingambizanga. (Esteri 4:10, 11) Manje zicabange uya phambi kweNkosi EnguMbusi wendawo yonke, leyo ngisho nabantu abanegunya elikhulu ‘abanjengezintethe’ uma beqhathaniswa nayo. (Isaya 40:22) Ingabe kufanele sizizwe sesaba ngokweqile ukuya kuyo? Phinde!

11 UJehova ulungiselele indlela yokuya kuye evulekele noma ubani kodwa elula—umthandazo. Ngisho nengane encane kakhulu ingathandaza kuJehova ngokholo, ithandaze ngegama likaJesu. (Johane 14:6; Hebheru 11:6) Noma kunjalo, umthandazo usenza sikwazi nokusho imicabango nemizwa ejulile nexaka kakhulu—ngisho nesizwisa ubuhlungu okunzima ukuyibeka ngamazwi. (Roma 8:26) Akusizi ukuzama ukuhlaba uJehova umxhwele ngokuqephuza nenkulumo ehlotshisiwe noma ngemithandazo emide enkantayo. (Mathewu 6:7, 8) Ngakolunye uhlangothi, uJehova akasibekeli mingcele yokuthi singakhuluma isikhathi eside kangakanani naye noma kaningi kangakanani. IZwi lakhe lize lisinxuse nokusinxusa ukuba ‘sithandaze njalo.’—1 Thesalonika 5:17.

12 Khumbula ukuthi nguJehova yedwa ochazwa ngokuthi ‘ulalela imithandazo’ futhi ulalela ngozwela lwangempela. (IHubo 65:2) Ingabe umane ayilalele ngendlela yokugcina icala imithandazo yezinceku zakhe ezithembekile? Cha, empeleni iyamjabulisa. IZwi lakhe lifanisa leyo mithandazo nempepho, ethi uma ishiswa kuphume intuthu enuka kamnandi nezolisayo yenyukele phezulu. (IHubo 141:2; IsAmbulo 5:8; 8:4) Akusijabulisi yini ukucabanga ukuthi imithandazo yethu eqotho nayo iyanyuka ijabulise iNkosi EnguMbusi? Ngakho uma ufuna ukusondela kuJehova, thandaza kuye ngokuthobeka njalo, mihla yonke. Thulula inhliziyo yakho kuye; ungamfihleli lutho. (IHubo 62:8) Mtshele izinto ezikukhathazayo, ezikujabulisayo, umbonge futhi umdumise uYihlo osezulwini. Umphumela uyoba ukuthi isibopho sakho naye siyolokhu siqina ngokwengeziwe.

Ukukhulekela UJehova

13, 14. Kusho ukuthini ukukhulekela uJehova, futhi kungani kufaneleka ukuba simkhulekele?

13 Lapho sixhumana noJehova uNkulunkulu, akukona nje kuphela ukuthi siyalalela bese siyakhuluma njengoba singase senze kumngani noma esihlotsheni. Empeleni sisuke simkhulekela uJehova, simnikeza udumo olunenhlonipho olumfanele kakhulu kangaka. Ukukhulekela kweqiniso kubusa ukuphila kwethu konke. Kuyindlela esibonisa ngayo uJehova uthando lwethu nokuzinikela kwethu ngomphefumulo wonke, futhi kwenza zonke izidalwa zikaJehova ezithembekile zibe nobunye kungakhathaliseki ukuthi zisezulwini noma emhlabeni. Embonweni, umphostoli uJohane wezwa ingelosi imemezela lo myalo: “Khulekelani Lowo owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.”—IsAmbulo 14:7.

14 Kungani kufanele sikhulekele uJehova? Cabanga ngezimfanelo esesixoxe ngazo ezinjengobungcwele, amandla, ukuzibamba, ubulungisa, isibindi, isihe, ukuhlakanipha, ukuthobeka, uthando, uzwela, ubuqotho nobuhle. Sibonile ukuthi uJehova unazo ngezinga eliphakeme, uyindinganiso ephakeme kunazo zonke yazo zonke izimfanelo eziyigugu. Uma sizama ukuqonda zonke izimfanelo zakhe, siyabona ukuthi akayena nje kuphela uMuntu omkhulu nobabazekayo. Ukhazimula ngokumangalisayo, uphakeme kunathi ngendlela engenakulinganiswa. (Isaya 55:9) Akungatshazwa ukuthi uJehova unguMbusi wethu ofanelekayo, futhi ukufanelekela ngempela ukuba simkhulekele. Kufanele simkhulekele kanjani-ke kodwa uJehova?

15. Singamkhulekela kanjani uJehova “ngomoya nangeqiniso,” futhi imihlangano yobuKristu isivulela liphi ithuba?

15 UJesu wathi: “UNkulunkulu unguMoya, futhi abamkhulekelayo kumele bamkhulekele ngomoya nangeqiniso.” (Johane 4:24) Ukuze sikhulekele uNkulunkulu ʼngomoya,ʼ kumele sibe nomoya wakhe futhi usiqondise. Ukukhulekela kwethu kumele futhi kuvumelane neqiniso, eliwulwazi olunembile olutholakala eZwini likaNkulunkulu. Sinethuba elihle kakhulu lokukhulekela uJehova “ngomoya nangeqiniso” njalo lapho sihlangana nabanye abakhulekeli. (Hebheru 10:24, 25) Lapho siculela uJehova izindumiso, sithandaza kuye, silalela izingxoxo zeZwi lakhe futhi siba nengxenye kuzo, sisuke sibonisa ukuthi siyamthanda ngokumkhulekela ngendlela ehlanzekile.

Imihlangano yobuKristu iyizikhathi ezimnandi zokukhulekela uJehova

16. Yimuphi omunye wemiyalo emikhulu kakhulu eyanikwa amaKristu eqiniso, futhi kungani sizizwa siphoqelekile ukuwulalela?

16 Siyamkhulekela uJehova nalapho sikhuluma ngaye nabanye, simdumisa obala. (Hebheru 13:15) Ngempela, ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaJehova kungomunye wemiyalo emikhulu kakhulu eyanikwa amaKristu eqiniso. (Mathewu 24:14) Silalela ngokuzimisela ngoba siyamthanda uJehova. Uma sicabanga indlela “unkulunkulu waleli zwe,” uSathane uDeveli, “aye waphuphuthekisa [ngayo] izingqondo zabangakholwa,” eqambela uJehova amanga aluhlaza, asifisi yini ukukhonza njengoFakazi bakaNkulunkulu wethu silungise lokho kunyundela? (2 Korinte 4:4; Isaya 43:10-12) Futhi uma sizindla ngezimfanelo zikaJehova ezimangalisayo, asizizwa yini sinogqozi lokutshela abanye ngaye? Ngempela, alikho ilungelo elidlula ukusiza abanye bazi uBaba wethu wasezulwini futhi bamthande njengoba simthanda.

17. Kuhlanganisani ukukhulekela kwethu uJehova, futhi kungani kumele simkhulekele ngobuqotho?

17 Ukukhulekela kwethu uJehova kuhlanganisa ngisho nokwengeziwe. Kuthinta yonke imikhakha yokuphila kwethu. (Kolose 3:23) Uma simamukela ngempela uJehova njengeNkosi yethu enguMbusi, siyofuna ukwenza intando yakhe kukho konke—ekuphileni komndeni, emsebenzini wokuziphilisa, endleleni esiphatha ngayo abanye, nasekuzijabuliseni. Siyofuna ukukhonza uJehova ngobuqotho “ngenhliziyo ephelele.” (1 IziKronike 28:9) Ukukhulekela okunjalo akumamukeli umuntu onenhliziyo ehlukene phakathi noma ophila ukuphila okumbaxa-mbili—ozenzisayo enze sengathi ukhonza uJehova kodwa ebe enza izono ezimbi kakhulu ngasese. Ubuqotho benza ubuzenzisi obunjalo bungamukeleki; uthando lubenza benyanyeke. Ukwesaba uNkulunkulu nako kuyosiza. IBhayibheli lihlobanisa inhlonipho enjalo nokuqhubeka sisondelene noJehova.—IHubo 25:14.

Lingisa UJehova

18, 19. Kungani siqinisile uma sicabanga ukuthi abantu abanesono bangamlingisa uJehova uNkulunkulu?

18 Ingxenye ngayinye yale ncwadi iphetha ngesahluko esibonisa ukuthi singaba kanjani “abalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo.” (Efesu 5:1) Kubalulekile ukukhumbula ukuthi yize sinesono, singayilingisa ngempela indlela kaJehova ephelele yokusebenzisa amandla, yokwenza ubulungisa, yokwenza ngokuhlakanipha, neyokubonisa uthando. Sazi kanjani ukuthi singakwazi ngempela ukulingisa uMninimandla Onke? Khumbula, incazelo yegama likaJehova isifundisa ukuthi angaba yinoma yini ayifunayo ukuze afeze izinjongo zakhe. Liyasimangalisa lelo khono futhi kube kufanele, kodwa ingabe kungasehlula ngempela ukumlingisa? Ngeke.

19 Senziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu. (Genesise 1:26) Ngakho, abantu abafani nanoma yiziphi ezinye izidalwa emhlabeni. Asiqhutshwa nje imizwelo, izakhi zofuzo, noma izinto ezithile endaweni esikuyo. UJehova usinike isipho esiyigugu—inkululeko yokuzikhethela. Naphezu kokulinganiselwa nokuba nesono, sikhululekile ukuzikhethela lokho esiyoba yikho. Ngaphezu kwalokho, khumbula ukuthi igama likaNkulunkulu lisho nokuthi angenza izikhonzi zakhe zibe yinoma yini ayikhethayo. Uyafuna yini ukuba ngumuntu onothando, ohlakaniphile, olungile nolisebenzisa kahle igunya? Ngosizo lomoya kaJehova ungaba njalo ngempela! Cabanga ngobuhle oyobufeza uma usunjalo.

20. Buhle buni esibufezayo lapho silingisa uJehova?

20 Uyothokozisa uYihlo wasezulwini, wenze inhliziyo yakhe ijabule. (IzAga 27:11) ‘Ungamjabulisa ngokugcwele’ uJehova ngoba uyakuqonda ukulinganiselwa kwakho. (Kolose 1:9, 10) Futhi njengoba uqhubeka wakha izimfanelo ezinhle ulingisa uYihlo omthandayo, uyobusiswa ngelungelo elikhulu. Ezweni elimnyama elihlukanisiwe noNkulunkulu, uyoba umphathi wokukhanya. (Mathewu 5:1, 2, 14) Uyosiza ekusabalaliseni emhlabeni ukukhanya kobuntu bukaJehova obukhazimulayo. Yeka ilungelo!

‘Sondela KuNkulunkulu, Naye Uyosondela Kuwe’

Kwangathi ungalokhu usondela kuJehova

21, 22. Iyiphi into engapheli elindele bonke abantu abathanda uJehova?

21 Lesi sikhuthazo esilula esikuJakobe 4:8 singaphezu kokuba umgomo. Siyinto eqhubekayo. Uma nje sisalokhu sithembekile, naso sisayolokhu siqhubeka. Asisoze sayeka ukusondela nakakhulu kuJehova. Phela, kuyohlale kunokuningi kakhulu esingakufunda ngaye. Akufanele sicabange ukuthi le ncwadi isisifundise konke ngoJehova. Angithi asikaqali nakuqala ukuxoxa ngazo zonke izinto iBhayibheli elizishoyo ngoNkulunkulu wethu! Futhi ngisho neBhayibheli ngokwalo alisitsheli konke ngoJehova. Umphostoli uJohane wathi ukube konke uJesu akwenza phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni bekungabhalwa phansi, “izwe ngokwalo belingeke likwazi ukuyiqukatha imiqulu ebiyolotshwa.” (Johane 21:25) Uma kwashiwo kanjalo ngeNdodana, kangakanani-ke ngoYise!

22 Ngisho noma sesiphila phakade ngeke siqede ukufunda ngoJehova. (UmShumayeli 3:11) Cabanga-ke ukuthi singalindelani esikhathini esizayo. Uma sesiphile iminyaka engamakhulu, eyizinkulungwane, eyizigidi, ngisho neyizigidi eziyizinkulungwane, siyobe sesazi okuningi kakhulu ngoJehova uNkulunkulu kunamanje. Kodwa siyobe sisenomuzwa wokuthi kusenenqwaba yezinto ezimangalisayo okusamele sizifunde. Siyobe simagange ukufunda okwengeziwe, ngoba siyohlale sinesizathu sokuzizwa njengomhubi, owahlabelela: “Ukusondela kuNkulunkulu kuhle kimi.” (IHubo 73:28) Ukuphila okuphakade kuyoba okucebile nokunezinto ezihlukahlukene ngendlela esingenakuyicabanga—futhi ukusondela kakhulu kuJehova yikona okuyosizuzisa kakhulu ngaso sonke isikhathi.

23. Ukhuthazwa ukuba wenzeni?

23 Kwangathi ungasabela manje othandweni lukaJehova, ngokumthanda ngayo yonke inhliziyo yakho, umphefumulo, ingqondo namandla. (Marku 12:29, 30) Kwangathi uthando lwakho lungaba qotho futhi lunganyakaziswa. Kwangathi zonke izinqumo ozenza nsuku zonke, kusukela kwezincane kakhulu kuya kwezinkulu kakhulu, zingabonisa ukuthi ziqondiswa isimiso esisodwa—sokuthi ngaso sonke isikhathi ukhetha indlela ekuholela ebuhlotsheni obuqine nakakhulu noYihlo wasezulwini. Ngaphezu kwakho konke, kwangathi ungalokhu usondela kuJehova, futhi kwangathi naye angalokhu esondela kuwe—kuze kube phakade naphakade!