Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 1

Okwenza uJesu waba umfundisi omkhulu

Okwenza uJesu waba umfundisi omkhulu

EMINYAKENI engaphezu kuka-2 000 edlule, kwazalwa ingane ekhetheke kakhulu eyakhula yaba umuntu omkhulu kunabo bonke abake baphila. Ngaleso sikhathi akekho owayenamabhanoyi noma izimoto. Zazingekho izinto ezinjengamathelevishini, ama-computer, i-Internet, nemisakazo.

Le ngane yaqanjwa ngokuthi uJesu. Waba umuntu ohlakaniphe kunabo bonke emhlabeni. UJesu futhi waba umfundisi ofundisa kahle kakhulu. Wayechaza izinto ngendlela elula ukuba umuntu aziqonde.

Nomaphi lapho uJesu ayebona khona abantu, wayebafundisa. Wabafundisela ogwini lolwandle nasezikebheni. Wabafundisela emakhaya nasendleleni. UJesu wayengenayo imoto, futhi wayengahambi ngebhasi noma ngesitimela. UJesu wayehamba ngezinyawo efundisa abantu.

Ziningi izinto esizifunda kwabanye abantu. Kodwa izinto ezibaluleke kakhulu singazifunda kuMfundisi Omkhulu, uJesu. Amazwi kaJesu atholakala eBhayibhelini. Uma sizwa lawo mazwi avela eBhayibhelini, kuba sengathi uJesu ukhuluma nathi.

Yini eyenza uJesu waba uMfundisi Omkhulu kangaka? Wenziwa ukuthi naye wayefundisiwe. Futhi wayazi ukuthi kubaluleke kangakanani ukulalela. Kodwa wayelalela bani uJesu? Ubani owamfundisa? Wafundiswa uBaba wakhe. UBaba kaJesu uNkulunkulu.

Ngaphambi kokuba uJesu eze emhlabeni azoba umuntu, wayehlala ezulwini noNkulunkulu. Ngakho uJesu wayehlukile kwabanye abantu ngoba akekho omunye umuntu owahlala ezulwini ngaphambi kokuba azalwe emhlabeni. UJesu wayeyiNdodana elalelayo ezulwini, wayelalela uBaba wakhe. Ngakho uJesu wakwazi ukufundisa abantu izinto ayezifunde kuNkulunkulu. Nawe ungamlingisa uJesu ngokulalela ubaba nomama wakho.

Esinye isizathu esenza uJesu waba uMfundisi Omkhulu ukuthi wayebathanda abantu. Wayefuna ukusiza abantu bafunde ngoNkulunkulu. UJesu wayebathanda abantu abadala, kodwa futhi wayezithanda nezingane. Izingane nazo zazithanda ukuba noJesu ngoba wayexoxa nazo futhi azilalele.

Kungani izingane zazithanda ukuba noJesu?

Ngelinye ilanga abazali abathile baletha izingane zabo ezincane kuJesu. Kodwa abangane bakhe bacabanga ukuthi uMfundisi Omkhulu wayematasa kakhulu ukuba axoxe nezingane ezincane. Ngakho batshela abazali nezingane ukuba bahambe. Kodwa uJesu wathini?— UJesu wathi: “Bayekeni abantwana beze kimi; ningazami ukubavimba.” Yebo, uJesu wayefuna ukuba izingane ezincane zize kuye. Ngakho, nakuba uJesu ayengumuntu ohlakaniphe kakhulu nobalulekile, wazinika isikhathi sokufundisa izingane ezincane.—Marku 10:13, 14.

Uyazi yini ukuthi kungani uJesu afundisa izingane futhi wazilalela? Yingoba wayefuna ukuzenza zijabule ngokuzixoxela ngoNkulunkulu, uBaba wakhe wasezulwini. Wena ungabajabulisa kanjani abantu?— Ngokubaxoxela ngezinto ozifundile ngoNkulunkulu.

Ngesinye isikhathi uJesu wasebenzisa ingane encane ukuze afundise abangane bakhe isifundo esibalulekile. Wathatha ingane wayimisa phakathi kwabafundi bakhe, ababengabalandeli bakhe. UJesu wabe esethi la madoda kumelwe ashintshe izindlela zawo afane nale ngane encane.

Yisiphi isifundo izingane ezindadlana nabantu abadala abangasifunda enganeni encane?

Wayesho ukuthini uJesu ngalokho? Ingabe uyazi ukuthi indoda, noma ngisho ingane endadlana, ingafana kanjani nengane encane?— Phela ingane encane ayizazi izinto eziningi njengomuntu omdala futhi iyathanda ukufunda. Ngakho uJesu wayesho ukuthi abafundi bakhe kufanele bathobeke, njengoba nezingane ezincane zithobekile. Yebo, sonke singafunda izinto eziningi kwabanye abantu. Futhi sonke kufanele sazi ukuthi izimfundiso zikaJesu zibaluleke kakhulu kunemibono yethu.—Mathewu 18:1-5.

Okunye okwenza uJesu waba uMfundisi Omkhulu kangaka ukuthi wayekwazi ukwenza abantu bazijabulele izinto azishoyo. Wayechaza izinto ngendlela elula necacile. Wakhuluma ngezinyoni nezimbali nezinye izinto ezijwayelekile ukuze asize abantu baqonde uNkulunkulu.

Ngelinye ilanga ngesikhathi uJesu engasentabeni, abantu abaningi baya kuye. UJesu wahlala phansi wababekela inkulumo, noma intshumayelo, njengoba ubona lapha. Le nkulumo ibizwa ngokuthi iNtshumayelo YaseNtabeni. Wathi: ‘Bukani izinyoni zezulu. Azitshali mbewu. Azibeki ukudla ezinqolobaneni. Kodwa uNkulunkulu osezulwini uyazondla. Anibalulekile yini nina ngaphezu kwazo?’

UJesu wayefundisa siphi isifundo ngesikhathi ekhuluma ngezinyoni nezimbali?

UJesu futhi wathi: ‘Fundani eminduzeni yasendle. Ivele izikhulele nje. Kodwa bukani ukuthi mihle kangakanani! Ngisho nenkosi ecebile uSolomoni yayingayidluli iminduze yasendle ngokugqoka kahle. Ngakho uma uNkulunkulu enakekela izimbali, ngeke yini akunakekele nawe?’—Mathewu 6:25-33.

Uyasithola yini isifundo uJesu ayesifundisa?— Wayengafuni sikhathazeke ngokuthi sizokutholaphi ukudla esizokudla noma izingubo esizozigqoka. UNkulunkulu uyazi ukuthi siyazidinga zonke lezo zinto. UJesu wayengasho ukuthi singakusebenzeli ukudla nezingubo. Kodwa wayethi kufanele sibeke uNkulunkulu phambili. Uma senza kanjalo, uNkulunkulu uyosenza sithole ukudla esizokudla nezingubo zokugqoka. Uyakukholelwa lokho wena?—

Lapho uJesu eqeda ukukhuluma, bacabangani abantu?— IBhayibheli lithi bamangala uma bezwa indlela ayefundisa ngayo. Kwakumnandi kakhulu ukumlalela. Lokho akusho kwasiza abantu ukuba benze okulungile.—Mathewu 7:28.

Ngakho kubaluleke kakhulu ukufunda kuJesu. Uyazi yini ukuthi singakwenza kanjani lokho?— Izinto azisho zibhalwe encwadini. Iyiphi leyo ncwadi?— IBhayibheli Elingcwele. Lokhu kusho ukuthi singalalela uJesu ngokunaka izinto esizifunda eBhayibhelini. Eqinisweni, iBhayibheli linendaba emnandi ekhuluma ngendlela uNkulunkulu asitshela ngayo ukuba silalele uJesu. Ake siyizwe.

Ngelinye ilanga uJesu wathatha abangane bakhe abathathu wakhuphukela nabo entabeni. Amagama abo kwakunguJakobe, uJohane, noPetru. Sizobuye sizwe okuningi ngala madoda, ngoba womathathu ayengabangane abakhulu bakaJesu. Kodwa ngaleli langa ubuso bukaJesu baqala ukukhanya kakhulu. Izingubo zakhe zabenyezela njengokukhanya, njengoba ubona lapha.

“Lo yiNdodana yami . . . Mlaleleni”

Ngemva kwalokho, uJesu nabangane bakhe bezwa izwi livela ezulwini. Lathi: “Lo yiNdodana yami, ethandekayo, engiyamukele; mlaleleni.” (Mathewu 17:1-5) Kwakuyizwi likabani lelo?— Kwakuyizwi likaNkulunkulu! NguNkulunkulu uqobo lwakhe owathi kufanele balalele iNdodana yakhe.

Thina-ke namuhla? Sizokwenza yini lokhu uNkulunkulu akushoyo, silalele iNdodana yakhe, uMfundisi Omkhulu?— Yilokho okufanele sonke sikwenze. Uyakhumbula ukuthi singakwenza kanjani lokho?—

Yebo, singalalela iNdodana kaNkulunkulu ngokufunda izindaba eziseBhayibhelini zokuphila kwayo. Ziningi kakhulu izinto ezinhle uMfundisi Omkhulu asitshela zona. Kuzoba mnandi ukufunda lezi zinto ezibhalwe eBhayibhelini. Futhi uyojabula uma uxoxela abangane bakho izinto ezinhle ozifundayo.

Ukuze uzwe amanye amaphuzu amahle ngezinto ezinhle ozitholayo uma ulalela uJesu, vula iBhayibheli lakho ufunde uJohane 3:16; 8:28-30; nezEnzo 4:12.