Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 2

Incwadi Evela kuNkulunkulu

Incwadi Evela kuNkulunkulu

AWUNGITSHELE, iyiphi incwadi oyithanda kunazo zonke?— Ezinye izingane zingakhetha incwadi ekhuluma ngezilwane. Ezinye zingakhetha incwadi enezithombe eziningi. Kumnandi ukufunda lezo zincwadi.

Kodwa izincwadi ezingcono kakhulu emhlabeni yilezo ezisitshela iqiniso ngoNkulunkulu. Enye yalezo zincwadi iyigugu ngaphezu kwazo zonke ezinye. Iyiphi leyo ncwadi?— IBhayibheli.

Kungani iBhayibheli libaluleke kangaka?— Kungoba lavela kuNkulunkulu. Lisitshela ngaye nangezinto ezinhle azosenzela zona. Futhi lisibonisa ukuthi yini okufanele siyenze ukuze simjabulise. Linjengencwadi esiyibhalelwe uNkulunkulu.

UNkulunkulu wayengalibhala lonke iBhayibheli ezulwini abese elinika umuntu. Kodwa akenzanga kanjalo. Nakuba izinto eziseBhayibhelini zavela kuNkulunkulu, wasebenzisa izinceku zakhe emhlabeni ukuba zilibhale.

UNkulunkulu wakwenza kanjani lokho?— Ukuze uqonde ukuthi wakwenza kanjani, cabanga ngalokhu. Lapho sizwa izwi lomuntu emsakazweni, kungenzeka ukuthi lisuke livela kumuntu okude. Uma sibukele ithelevishini, sibona ngisho nezithombe zabantu abakwamanye amazwe, futhi sibezwe bekhuluma.

Abantu baze baye ngisho nakude enyangeni ngemikhumbi-mkhathi yabo, kuthi uma sebelapho bathumele imiyalezo emhlabeni. Ubukwazi lokho wena?— Uma abantu bekwazi ukwenza lokho, uNkulunkulu angakwazi yini ukuthumela imiyalezo esezulwini?— Yebo angakwazi! Futhi wayithumela kudalo, abantu bengakabi nemisakazo noma amathelevishini.

Sazi kanjani ukuthi uNkulunkulu angakhuluma nathi ekude?

Umuntu owezwa uNkulunkulu ekhuluma kwakunguMose. UMose akazange ambone uNkulunkulu, kodwa walizwa izwi likaNkulunkulu. Kwakunabantu abaningi ngesikhathi kwenzeka lokhu. Empeleni, ngalolo suku uNkulunkulu wenza intaba yanyakaza, kwaduma izulu kwaba khona nombani. Abantu babazi ukuthi bekukhuluma uNkulunkulu, kodwa babesaba kakhulu. Base bethi kuMose: “UNkulunkulu makangakhulumi nathi funa sife.” Kamuva, uMose wazibhala phansi izinto ezazishiwo uNkulunkulu. Izinto uMose azibhala ziseBhayibhelini.—Eksodusi 20:18-21.

UMose wabhala izincwadi ezinhlanu zokuqala zeBhayibheli. Kodwa akuyena yedwa owabhala izincwadi. UNkulunkulu wasebenzisa abantu abangaba ngu-40 ukuba babhale izincwadi zeBhayibheli. Laba bantu babephila kudalo, futhi kwathatha iminyaka eminingi ukuba iBhayibheli liphele. Yebo, kwathatha iminyaka engaba ngu-1 600! Okumangalisayo ukuthi nakuba abanye balaba bantu babengazani, konke abakubhala kuyavumelana.

Obani amagama alaba babhali beBhayibheli?

Abanye abantu uNkulunkulu abasebenzisa ukuba babhale iBhayibheli babedumile. Yize uMose ayekade engumalusi, waba umholi wesizwe sakwa-Israyeli. USolomoni wayeyinkosi eyayihlakaniphe kunabo bonke futhi icebe kunabo bonke abantu emhlabeni. Kodwa abanye ababhali babengadumile kangako. U-Amose wayetshala izihlahla zomkhiwane.

Kanti omunye umbhali weBhayibheli wayengudokotela. Kwakungubani igama lakhe?— ULuka. Omunye umbhali wayekade engumthelisi. Igama lakhe kwakunguMathewu. Kanti omunye wayekade engummeli, eyisazi somthetho wenkolo yamaJuda. Wabhala izincwadi zeBhayibheli eziningi kunabanye. Kwakungubani igama lakhe?— UPawulu. Abafundi bakaJesu uPetru noJohane, nabo ababengababhali beBhayibheli, babekade bengabadobi.

Abaningi balaba babhali beBhayibheli babhala ngezinto uNkulunkulu ayesazozenza esikhathini esizayo. Babezazi kanjani lezo zinto zingakenzeki?— UNkulunkulu wabatshela zona. Wabatshela ukuthi kuzokwenzekani.

Ngesikhathi uJesu, uMfundisi Omkhulu, esesemhlabeni, izincwadi eziningi zeBhayibheli zase zibhaliwe. Khumbula, uMfundisi Omkhulu wayekade esezulwini. Wayekwazi lokho okwakwenziwe uNkulunkulu. Wayekholelwa yini ukuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu?— Yebo, wayekholelwa.

Lapho uJesu exoxa nabantu ngemisebenzi kaNkulunkulu, wayefunda iBhayibheli. Ngezinye izikhathi wayebaxoxela engafundi phansi. UJesu wasitshela nezinye izinto eziningi ezivela kuNkulunkulu. UJesu wathi: “Zona kanye izinto engazizwa kuye ngiyazikhuluma ezweni.” (Johane 8:26) Ziningi izinto uJesu ayezizwe kuNkulunkulu ngoba wayekade ehlala noNkulunkulu. Singazifundaphi lezo zinto ezashiwo uJesu?— EBhayibhelini. Zonke zabhalwa phansi ukuze sizifunde.

Njengoba uNkulunkulu asebenzisa abantu ukuba babhale, babhala ngolimi ababelukhuluma zonke izinsuku. Yingakho izincwadi zeBhayibheli eziningi zibhalwe ngesiHebheru, ezinye zibhalwe ngesi-Aramu, eziningana zabhalwa ngesiGreki. Ngenxa yokuthi abantu abaningi namuhla abakwazi ukufunda lezo zilimi, iBhayibheli liye labhalwa ngezinye izilimi. Namuhla izincwadi ezithile zeBhayibheli zibhalwe ngezilimi ezingaphezu kuka-2 260. Cabanga nje! IBhayibheli liyincwadi uNkulunkulu ayibhalele abantu kuyo yonke indawo. Kodwa noma ngabe selikopishwe kaningi kangakanani, elikushoyo kuvela kuNkulunkulu.

Izinto ezishiwo iBhayibheli zibalulekile kithi. Kudala labhalwa. Kodwa likhuluma ngezinto ezenzekayo namuhla. Futhi lisitshela ukuthi yini uNkulunkulu azoyenza maduzane. Elikushoyo kusenza sijabule! Lisithembisa izinto ezinhle kakhulu.

Yiziphi izinto ongazithola ngokufunda iBhayibheli?

IBhayibheli lisitshela nokuthi uNkulunkulu ufuna siphile kanjani. Lisitshela ukuthi yini elungile nengalungile. Kudingeka wena ukwazi lokhu, nami futhi. Lisitshela ngabantu abenza izinto ezimbi nokuthi kwenzekani kubo, ukuze sigweme izinkinga abangena kuzo. Lisitshela nangabantu abenza okulungile nezinto ezinhle abazithola. Konke lokhu kwabhalwa phansi ukuze sisizakale.

Kodwa ukuze iBhayibheli lisisize kakhulu, kudingeka sithole impendulo yombuzo othile. Umbuzo othi: Ubani owasinika iBhayibheli? Ubungaphendula uthini?— Lonke iBhayibheli livela kuNkulunkulu. Singabonisa kanjani-ke ukuthi sihlakaniphe ngempela?— Ngokulalela uNkulunkulu nangokwenza akushoyo.

Ngakho kufanele sibe nesikhathi sokufunda iBhayibheli ndawonye. Uma sithola incwadi evela kumuntu esimthanda kakhulu, siyifunda kaningi. Iyigugu kithi. Kufanele libe njalo-ke neBhayibheli kithi ngoba liyincwadi evela kuMuntu osithanda kakhulu. Liyincwadi evela kuNkulunkulu onothando.

Manje ake uziphe isikhashana ufunde le miBhalo ebonisa ukuthi iBhayibheli ngempela liyiZwi likaNkulunkulu, libhalelwe ukuba lisisize: Roma 15:4; 2 Thimothewu 3:16, 17; neyesi-2 Petru 1:20, 21.