Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 11

Usizo Esiluthola Ezingelosini ZikaNkulunkulu

Usizo Esiluthola Ezingelosini ZikaNkulunkulu

ABANYE abantu bathi bakholwa izinto abazibonayo kuphela. Kodwa lokho kuwubulima. Ziningi izinto ezikhona esingakaze sizibone ngamehlo. Njengani nje?—

Umoya esiwuhogelayo wona? Siyakwazi yini ukuwuzwa?— Phakamisa isandla sakho usiphephethe. Uzweni?— Yebo, kukhona okuzwile, kodwa angithi awuwuboni umoya?—

Sesixoxile ngabantu bomoya esingababoni. Sifundile ukuthi abanye bahle kodwa abanye babi. Awungitshele abanye abantu bomoya abahle esingababoni.— Yebo, uJehova uNkulunkulu, uJesu, nezingelosi ezinhle. Zikhona yini nezingelosi ezimbi?— IBhayibheli lithi zikhona. Awungixoxele ukuthi yini oyifundile ngazo.—

Siyazi ukuthi izingelosi ezinhle nezimbi zinamandla kakhulu kunathi. UMfundisi Omkhulu wayazi izinto eziningi ngezingelosi. Isizathu salokho ukuthi naye wayekade eyingelosi ngaphambi kokuba azalwe abe umntwana emhlabeni. Wayekade ehlala nezinye izingelosi ezulwini. Ziningi kakhulu izingelosi ayezazi. Ingabe zonke lezi zingelosi zinamagama?—

Sifundile ukuthi uNkulunkulu waqamba izinkanyezi amagama. Ngakho singaqiniseka ukuthi zonke izingelosi zinawo amagama. Siyazi nokuthi ziyaxoxa zodwa ngoba iBhayibheli lithi kukhona ‘ulimi lwezingelosi.’ (1 Korinte 13:1) Ucabanga ukuthi izingelosi zixoxa ngani? Ziyaxoxa yini ngathi esisemhlabeni?—

Siyazi ukuthi izingelosi zikaSathane, noma amademoni, zizama ukusenza singamlaleli uJehova. Ngakho kumelwe ukuba ziyaxoxa ngokuthi zingakwenza kanjani lokhu. Zifuna sifane nazo ukuze uJehova angasithandi nathi njengoba nazo engazithandi. Izingelosi zikaNkulunkulu ezithembekile zona? Ucabanga ukuthi nazo ziyaxoxa ngathi?— Ziyaxoxa ngempela. Zifuna ukusisiza. Ake ngikuxoxele ukuthi izingelosi zikaNkulunkulu ezithile zabasiza kanjani abantu ababethanda uJehova futhi bemkhonza.

Ngokwesibonelo, kwakunomuntu okwakuthiwa uDaniyeli owayehlala eBhabhiloni. Abantu abaningi kuleyo ndawo babengamthandi uJehova. Baze babeka nomthetho owawuthi makujeziswe noma ubani othandaza kuJehova uNkulunkulu. Kodwa uDaniyeli akazange ayeke ukuthandaza kuJehova. Uyazi ukuthi bamenzani uDaniyeli?—

Abantu ababi benza ukuba uDaniyeli aphonswe emgodini wamabhubesi. UDaniyeli wayeyedwa vó lapho kanye namabhubesi alambile. Uyazi ukuthi kwenzekani ngemva kwalokho?— UDaniyeli wathi: ‘UNkulunkulu uthumele ingelosi yakhe yavala umlomo wamabhubesi.’ Akazange alimale nakancane! Izingelosi zingabenzela izinto ezinhle kakhulu labo abakhonza uJehova.—Daniyeli 6:18-22.

Yini uNkulunkulu ayenza ukuze asindise uDaniyeli?

Ngesinye isikhathi uPetru wayesejele. Uzokhumbula ukuthi uPetru wayengumngane woMfundisi Omkhulu, uJesu Kristu. Abanye abantu bacasuka lapho uPetru ebatshela ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu. Babe sebemvalela ejele uPetru. Amasosha ayegade uPetru ukuze angabaleki. Ukhona yini umuntu owayengamsiza?—

UPetru wayelele egadwe onogada ababili, eboshwe nangamaketanga ezandleni. Kodwa iBhayibheli lithi: ‘Bheka! Kwafika ingelosi kaJehova, kwaqala ukukhanya esitokisini. Ingelosi yathinta uPetru ohlangothini, yamvusa, yathi, “Vuka masinyane!”’

Ingelosi yamsiza kanjani uPetru ukuba aphume ejele?

Ngaleso sikhathi awa amaketanga ezandleni zikaPetru! Ingelosi yathi kuye: ‘Gqoka, ufake izimbadada zakho, ungilandele.’ Onogada abazange bakwazi ukubavimba ngoba uPetru wayesizwa yingelosi. Base befika esangweni lensimbi, kwavele kwenzeka into eyinqaba. Isango lazivulekela! Leyo ngelosi yayikhiphe uPetru ejele ukuze akwazi ukuqhubeka eshumayela.—IzEnzo 12:3-11.

Zingasisiza yini nathi izingelosi zikaNkulunkulu?— Yebo, zingasisiza. Ingabe kusho ukuthi ziyosivikela singehlelwa yizinto ezimbi?—Cha, izingelosi azisivikeli uma senza izinto eziwubulima. Kodwa ngisho noma singazenzi izinto eziwubulima, izinto ezimbi zingasehlela. Izingelosi azitshelwanga ukuba zivimbe izinto ezimbi. Kunalokho, uNkulunkulu uzinike umsebenzi okhethekile.

IBhayibheli likhuluma ngengelosi etshela abantu zonke izindawo ukuba bakhulekele uNkulunkulu. (IsAmbulo 14:6, 7) Ibatshela kanjani lokho le ngelosi? Imemeza isezulwini ukuze bonke abantu bayizwe?— Cha, abalandeli bakaJesu emhlabeni baxoxela abanye ngoNkulunkulu futhi izingelosi ziyabaqondisa emsebenzini wabo. Izingelosi zenza ukuba labo abafuna ngempela ukwazi ngoNkulunkulu bathole ithuba lokuzwa ngaye. Nathi singawenza lowo msebenzi wokushumayela, futhi izingelosi ziyosisiza.

Kodwa siyokwenzenjani uma abantu abangamthandi uNkulunkulu besihlupha? Uma besivalela ejele? Izingelosi ziyosikhulula yini?— Zingasikhulula. Kodwa azibakhululi abantu ngaso sonke isikhathi.

Ithini le ngelosi kuPawulu?

UPawulu, umlandeli kaJesu, wake waba sejele. Wayehamba ngomkhumbi ngesikhathi kunesiphepho esibi. Kodwa izingelosi azizange zimsize ngaleso sikhathi. Isizathu sasiwukuthi kwakunabanye abantu okwakufanele bezwe ngoNkulunkulu. Ingelosi yathi: “Ungesabi, Pawulu. Kumelwe ume phambi kukaKhesari.” Yebo, uPawulu wayezoyiswa kumbusi wezwe uKhesari ukuze ashumayele kuye. Ngaso sonke isikhathi izingelosi zazazi ukuthi uPawulu ukuphi futhi zazimsiza. Ziyosisiza nathi uma simkhonza ngeqiniso uNkulunkulu.—IzEnzo 27:23-25.

Izingelosi zizokwenza omunye umsebenzi omkhulu futhi sekuseduze ukuba ziwenze. Sesisondele kakhulu isikhathi sokuba uNkulunkulu abhubhise abantu ababi. Bonke labo abangamkhulekeli uNkulunkulu weqiniso bazobhujiswa. Labo abathi abakholwa ukuthi izingelosi zikhona ngoba abaziboni, bazobona ukuthi benza iphutha.—2 Thesalonika 1:6-8.

Kuyokwenzekani kithi?— Uma sisohlangothini olulodwa nezingelosi zikaNkulunkulu, ziyosisiza. Kodwa thina sisohlangothini lwazo yini?— Sisohlangothini lwazo uma sikhonza uJehova. Futhi uma sikhonza uJehova, sizotshela abanye abantu ukuba nabo bamkhonze.

Ukuze uzwe indlela izingelosi ezibasiza ngayo abantu, funda iHubo 34:7; Mathewu 4:11; 18:10; Luka 22:43; nezEnzo 8:26-31.