Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 14

Isizathu Sokuba Sixolele Abanye

Isizathu Sokuba Sixolele Abanye

UKHONA yini umuntu owake wenza into embi kuwe?— Ingabe wakuzwisa ubuhlungu noma wakudelela?— Kufanele yini nawe umphathe kabi njengoba naye akuphatha kabi?—

Abantu abaningi baye baziphindiselele kumuntu obaphathe kabi, bamphathe kabi naye. Kodwa uJesu wasifundisa ukuthi kufanele sibaxolele abenza izinto ezimbi kithina. (Mathewu 6:12) Kufanele senzenjani uma umuntu esiphatha kabi kaningi? Kufanele simxolele kangaki?—

Yilokho uPetru ayefuna ukukwazi. Ngakho ngelinye ilanga wabuza uJesu: ‘Ingabe kufanele ngimxolele izikhathi eziyisikhombisa?’ Izikhathi eziyisikhombisa azanele. UJesu wathi: ‘Kumelwe umxolele izikhathi ezingu-77’ uma ekona izikhathi ezingako.

Yini uPetru ayefuna ukuyazi ngokuxolela abanye?

Ziningi lezo zikhathi! Ngeke size siwakhumbule amaphutha noma izinto ezimbi eziningi kangako umuntu asenze zona, angithi? Futhi yilokho uJesu ayekusho: Akufanele sizame ukukhumbula ukuthi zingaki izinto ezimbi abanye abasenze zona. Uma bexolisa, kufanele sibaxolele.

UJesu wayefuna ukubonisa abafundi bakhe ukuthi kubaluleke kakhulu kangakanani ukuxolela abanye. Ngakho esewuphendulile umbuzo kaPetru, waxoxela abafundi bakhe indaba. Ungathanda ngikuxoxele yona?—

Kwake kwaba khona inkosi elungile. Yayinomusa kakhulu. Yayize iziboleke nemali izinceku zayo uma zidinga usizo. Kodwa ngolunye usuku inkosi yafuna ukuba izinceku eziyikweletayo ziyikhokhele. Kwabe sekulethwa inceku eyayikweleta inkosi izinhlamvu zemali eziyizigidi ezingu-60. Imali eningi leyo!

Kwenzekani lapho inceku incenga inkosi ukuba iyimele ize ikhokhe?

Kodwa le nceku yase iyisebenzise yonke imali yenkosi futhi ingasakwazi ukukhokhela inkosi. Ngakho inkosi yathi mayidayiswe. Inkosi yathi makudayiswe nenkosikazi yale nceku kanye nezingane zayo, nakho konke eyayinakho. Imali etholakele lapho bedayiswa yayizokhokhelwa ngayo-ke inkosi. Ucabanga ukuthi yazizwa kanjani le nceku?—

Yaguqa phansi phambi kwenkosi yayincenga: ‘Ngicela ungimele ngizokubuyisela konke engikukweleta kona.’ Ukube wawuyinkosi, wawuyoyenzenjani le nceku?— Inkosi yayidabukela inceku yayo. Yayixolela. Yathi ingabe isayikhokha le mali, ingakhokhi ngisho nohlamvu olulodwa kweziyizigidi ezingu-60. Kumelwe ukuba yajabula kakhulu le nceku!

Kodwa leyo nceku yabe seyenzenjani? Yaphuma yathola enye inceku eyayiyikweleta izinhlamvu zemali eziyikhulu nje kuphela. Yayidumela yayibamba intamo yayiklinya, yathi: ‘Buyisa izinhlamvu eziyikhulu ongikweleta zona!’ Ungamcabanga nje umuntu enza into enjalo, ikakhulukazi ngemva kokuba inkosi isanda kumxolela yathi akangabe esayikhokha imali engaka?—

Inceku ethile yayenzani enye eyahluleka ukukhokha imali yayo?

Inceku eyayikweleta izinhlamvu zemali eziyikhulu yayihlupheka. Yayingenayo imali yokukhokha ngaleso sikhathi. Ngakho yaguqa ezinyaweni zalena enye inceku yayincenga: ‘Ngicela ungimele ngizokukhokhela imali yakho.’ Ingabe le ndoda kwakufanele iyimele le nceku?— Wawuyokwenzenjani wena?—

Le ndoda yayingenamusa, yayingafani nenkosi. Yayiyifuna ngaleso sikhathi imali yayo. Futhi ngenxa yokuthi le nceku yahluleka ukuyikhokha, yayifaka ejele. Ezinye izinceku zakubona konke lokhu, zangakuthanda. Zayidabukela inceku eyayisejele. Zabe seziyotshela inkosi ngokwakwenzekile.

Inkosi nayo ayikuthandanga lokho okwakwenzekile. Yayisiyithukuthelela kakhulu le nceku engaxoleli. Yayibiza yathi: ‘Nceku embi, angikuxolelanga yini mina njengoba ungikweleta? Bekungafanele yini nawe uyixolele lena enye inceku?’

Inkosi yayenzani inceku engayixolelanga enye?

Inceku engaxoleli kwakufanele ifunde isifundo enkosini elungile. Kodwa ayizange. Ngakho inkosi yathi leyo nceku ayifakwe ejele ize ikhokhe izinhlamvu zemali eziyizigidi ezingu-60. Kodwa-ke njengoba yayisejele yayingeke iyithole imali yokukhokhela inkosi. Yayiyohlala khona ize ife.

Lapho uJesu eqeda ukuxoxa le ndaba, wathi kubalandeli bakhe: “UBaba osezulwini naye uyosebenzelana nani ngendlela efanayo uma ningathetheleli yilowo nalowo umfowabo ngokusuka enhliziyweni.”—Mathewu 18:21-35.

Uyabona, sonke simkweleta kakhulu uNkulunkulu. Eqinisweni, kona kanye ukuphila kwethu kuvela kuNkulunkulu! Ngakho uma siqhathanisa nalokho thina esikukweleta uNkulunkulu, abanye abantu basikweleta okuncane. Abasikweleta kona kufana nezinhlamvu zemali eziyikhulu enye inceku eyayizikweleta enye. Kodwa esikukweleta uNkulunkulu ngenxa yezinto ezimbi esizenzayo kufana nezinhlamvu eziyizigidi ezingu-60 inceku eyayizikweleta inkosi.

UNkulunkulu unomusa kakhulu. Nakuba senze izinto ezimbi, uyosixolela. Akasikhokhisi ngokusephuca ukuphila kwethu unomphela. Kodwa nasi isifundo okudingeka sisikhumbule: UNkulunkulu usixolela kuphela uma nathi sibaxolela abantu abasenze izinto ezimbi. Awucabangi ukuthi yisifundo esibalulekile leso?—

Uyokwenzenjani uma umuntu ecela ukuba umxolele?

Ngakho uma umuntu ekuphatha kabi abese ethi uyaxolisa, uyokwenzenjani? Uyomxolela?— Uma ekuphatha kabi kaningi? Usayomxolela?—

Uma kuyithi esicela ukuxolelwa, angithi siyofuna ukuba lowo muntu asixolele?— Ngakho nathi kufanele simxolele. Akufanele sisho ngomlomo nje kuphela sithi siyamxolela kodwa kufanele simxolele ngenhliziyo yethu yonke. Uma senza lokho, sibonisa ukuthi siyafuna ngempela ukuba abalandeli boMfundisi Omkhulu.

Ukuze siqonde ukubaluleka kokuxolela abanye, masifunde nezAga 19:11; Mathewu 6:14, 15; noLuka 17:3, 4.