Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 23

Isizathu Sokuba Abantu Bagule

Isizathu Sokuba Abantu Bagule

UKHONA yini umuntu omaziyo ogulayo?— Mhlawumbe nawe uye ugule ngezinye izikhathi. Ungase uphathwe umkhuhlane noma isisu. Abanye abantu bagula kakhulu. Abakwazi ngisho nokuzisukumela. Kuvamile lokhu uma abantu sebegugile.

Sonke siyagula ngezinye izikhathi. Uyazi ukuthi yini eyenza abantu bagule, baguge, futhi bafe?— Ngelinye ilanga kwalethwa umuntu owayengakwazi ukuhamba kuJesu, futhi uJesu wabe esebonisa ukuthi yini eyenza abantu bagule futhi bafe. Ake ngikuxoxele leyo ndaba.

UJesu wayehlala emzini owawusedolobheni elaliseduze noLwandle LwaseGalile. Kwafika isixuku sabantu sizombona. Kwafika abantu abaningi kangangokuba yayingasekho indawo yokuba abanye bangene endlini. Akukho muntu owayekwazi ukusondela ngisho nasemnyango. Kodwa abantu babelokhu betheleka! Elinye iqembu labantu laletha umuntu owayekhubazekile engakwazi ngisho nokuhamba. Kwakudingeka amadoda amane ukuze amthwale ngombhede omncane noma uhlaka.

Uyazi ukuthi kungani babefuna ukuletha lo muntu ogulayo kuJesu?— Babenokholo lokuthi uJesu angamsiza. Babenokholo lokuthi uJesu angamelapha leso sifo. Uyazi ukuthi bamyisa kanjani lo muntu okhubazekile kuJesu kube kugcwele abantu endlini?—

Lesi sithombe osibona lapha siyabonisa ukuthi bamyisa kanjani. Okokuqala, bamqukula bamgibelisa phezulu ophahleni. Uphahla lwaluyisicaba. Babe sebevula imbobo enkulu kulo. Ekugcineni, bamehlisa ngaleyo mbobo lo muntu ogulayo esohlakeni lwakhe bamehlisela phansi ekamelweni. Babenokholo ngempela!

Bonke abantu ababesendlini bamangala lapho bebona lokhu. Babona nje ngomuntu okhubazekile esehlela kubo ngohlaka. Wacasuka yini uJesu lapho ebona okwakwenziwe yilaba bantu?— Cha! Kwamjabulisa ukubona ukuthi babenokholo. Wathi kumuntu okhubazekile: “Izono zakho zithethelelwe.”

UJesu wathi umuntu okhubazekile makenzeni?

Abanye abantu ababelapho bacabanga ukuthi kwakungafanele ukuba uJesu asho kanjalo. Babengacabangi ukuthi uyakwazi ukuthethelela izono. Ngakho ukuze abonise ukuthi uyakwazi ngempela, uJesu wathi kulo muntu: “Vuka, thatha uhlaka lwakho, ugoduke.”

Kwathi angasho njalo uJesu, lo muntu welapheka! Wayengasakhubazekile. Manje wayesekwazi ukuzisukumela ahambe. Abantu ababona lesi simangaliso bamangala. Babengakaze basibone isimanga esinje selokhu bazalwa! Badumisa uJehova ngokubanika lo Mfundisi Omkhulu, owayekwazi ngisho nokwelapha izifo zabo.—Marku 2:1-12.

Sifundani kulesi simangaliso?

Sifundani kulesi simangaliso?— Sifunda ukuthi uJesu unamandla okuthethelela izono nokwelapha abantu abagulayo. Kodwa sifunda nokunye okubaluleke kakhulu. Sifunda ukuthi abantu bagula ngenxa yesono.

Njengoba sonke siye sigule ngezinye izikhathi, ingabe kusho ukuthi sonke siyizoni?— Yebo, iBhayibheli lithi sonke sizalwa sinesono. Uyazi ukuthi kusho ukuthini ukuzalwa unesono?— Kusho ukuthi sizalwa singaphelele. Ngezinye izikhathi senza izinto ezingafanele ngisho noma singaqondile. Uyazi ukuthi kwenzeka kanjani ukuba sonke sibe nesono?—

Saba nesono ngoba umuntu wokuqala, u-Adamu, akazange amlalele uNkulunkulu. Wenza isono lapho ephula umthetho kaNkulunkulu. Sonke sabe sesithola isono ku-Adamu. Uyazi ukuthi sasithola kanjani isono kuye? Ake ngizame ukukuchazela ngendlela ozoyizwa.

Kwenzeka kanjani ukuba sonke sibe nesono?

Kungenzeka ukuthi uke wasiza umuntu ebhaka isinkwa ngepani lokubhaka. Uyazi ukuthi siyoba njani isinkwa uma ipani linesifaca?— Zonke izinkwa ozibhaka ngalelo pani ziyoba nalolo phawu, noma isifaca, angithi?—

U-Adamu wayefana nalelo pani, thina sifana nesinkwa. Wathola ukungapheleli lapho ephula umthetho kaNkulunkulu. Kwaba sengathi uthole isifaca, noma uphawu olubi. Ngakho lapho eba nezingane, zazizoba njani?— Zonke izingane zakhe zazizothola lolu phawu oluwukungapheleli.

Izingane eziningi azizalwa zinezici ezinkulu zokungapheleli ezibonakalayo. Azizalwa zingenangalo noma zingenamlenze. Kodwa ukungapheleli ezinako kubi kangangokuba ziye zigule, ngokuhamba kwesikhathi zife.

Njengoba sazi, abanye abantu bagula njalo kunabanye. Kubangelwa yini lokho? Ingabe kubangelwa ukuthi bazalwa benesono esikhulu kunabanye?— Cha, sonke sizalwa sinesono esilinganayo. Sonke sizalwa singaphelele. Ngenxa yalokho, bonke abantu bagcina bephethwe isifo esithile. Ngisho nabantu abazama ukulalela yonke imithetho kaNkulunkulu futhi bangenzi lutho olubi bayagula.

Siyoba nempilo enjani lapho isono sethu sesisusiwe?

Pho kungani abanye abantu begula kaningi kunabanye?— Ziningi izizathu. Kungaba ukuthi abanako ukudla okwanele. Noma kungaba ukuthi abadli ukudla okufanele. Kungenzeka ukuthi badla kakhulu amakhekhe namaswidi. Esinye isizathu kungaba ukuthi bayephuza kakhulu ukulala ebusuku bese bengalali ngokwanele. Noma bangase bangagqoki bafudumale uma kubanda. Imizimba yabanye abantu ayinawo amandla, ayikwazi ukulwa nezifo, ngisho noma bezama ukuzinakekela.

Kuyoke kwenzeke yini singaguli? Siyoke sikhululeke yini esonweni?— UJesu wamenzelani lowaya muntu owayekhubazekile?— Wamthethelela izono wamelapha. Ngokwenza kanjalo, uJesu wabonisa loko ayobenzela kona ngelinye ilanga bonke abazama ukwenza okulungile.

Uma sibonisa ukuthi asifuni ukwenza isono nokuthi siyakuzonda okubi, uJesu uyoselapha. Esikhathini esizayo uyosusa ukungapheleli esinako manje. Uyokwenza lokhu njengoba eyiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. Isono ngeke nje sivele sisuswe ngesikhathi esisodwa. Siyosuswa kancane kancane. Kuyothi lapho isono sethu sesisuswe unomphela, singaphinde sigule. Sonke siyoba nempilo ephelele. Akuve kuyoba isibusiso lokho!

Ukuze nithole amanye amaphuzu ngokuthi isono sibenza babe njani abantu, fundani uJobe 14:4; iHubo 51:5; Roma 3:23; 5:12; no-6:23.