Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 25

Bangashintsha Yini Abantu Abenza Izinto Ezimbi?

Bangashintsha Yini Abantu Abenza Izinto Ezimbi?

BEKUNGEKE yini kube mnandi ukube bonke abantu bebenza izinto ezinhle?— Kodwa akekho umuntu owenza izinto ezinhle ngaso sonke isikhathi. Uyazi ukuthi kungani sonke senza izinto ezimbi ngezinye izikhathi, ngisho noma sifuna ukwenza izinto ezinhle?— Ngoba sonke sizalwa sinesono. Kodwa abanye abantu benza izinto eziningi ezimbi kakhulu. Bayabazonda abanye abantu futhi babalimaze ngamabomu. Ucabanga ukuthi bangashintsha bafunde ukwenza okuhle?—

Awubheke le nsizwa egade izingubo zalabo abajikijela uStefanu ngamatshe. Igama layo lesiHebheru uSawulu, kodwa elesiRoma uPawulu. Iyajabula ngokuthi kubulawa uStefanu, umfundi woMfundisi Omkhulu. Ake sibone ukuthi kungani uSawulu enza izinto ezimbi kanjalo.

USawulu uyilungu leqembu lenkolo yamaJuda okuthiwa abaFarisi. AbaFarisi banalo iZwi likaNkulunkulu, kodwa banaka kakhulu izimfundiso zabanye babaholi babo benkolo. Yilokhu okwenza uSawulu enze izinto ezimbi.

Ngesikhathi uStefanu eboshwa eJerusalema, uSawulu ukhona lapho. UStefanu uyiswa enkantolo, lapho amanye amajaji kungabaFarisi. UStefanu akesabi, yize kushiwo izinto ezimbi ngaye. Uqunga isibindi afakaze emajajini ngoJehova uNkulunkulu nangoJesu.

Kodwa lawo majaji awakuthandi akuzwayo. Kuningi kakhulu asekwazi ngoJesu. Eqinisweni, ngaphambidlana nje kwalokhu, yiwona enza ukuba uJesu abulawe! Kodwa ngemva kwalokho, uJehova wambuyisela ezulwini uJesu. Esikhundleni sokuba amajaji ashintshe izindlela zawo manje, alwa nabafundi bakaJesu.

Kungani uSawulu ecabanga ukuthi kulungile ukubulala uStefanu?

Amajaji ayambamba uStefanu amkhiphele ngaphandle komuzi. Amshaya amlahle phansi bese emjikijela ngamatshe. Futhi njengoba ubona esithombeni, uSawulu uyabukela. Ucabanga ukuthi kulungile ukubulala uStefanu.

Uyazi ukuthi kungani uSawulu ayecabanga kanjalo?— Selokhu azalwa uSawulu ubelokhu engumFarisi, futhi ekholelwa ukuthi izimfundiso zabaFarisi zilungile. Wayebheka lawo madoda njengayisibonelo, enza njengawo.—IzEnzo 7:54-60.

Ngemva kokubulawa kukaStefanu, wenzani uSawulu?— Phela, uzama ukubabulala bonke abafundi bakaJesu! Uqonda ngqo emizini yabo abahudulele ngaphandle, abesilisa nabesifazane. Ube eseyobafaka ejele. Abafundi abaningi bayahamba eJerusalema, kodwa abayeki ukushumayela ngoJesu.—IzEnzo 8:1-4.

Lokhu kwenza uSawulu abazonde nakakhulu abafundi bakaJesu. Ube eseya kumPristi Ophakeme uKhayafase athole imvume yokubopha amaKristu asemzini waseDamaseku. USawulu ufuna ukuwaletha eyiziboshwa eJerusalema ukuze ajeziswe. Kodwa ngesikhathi eya eDamaseku, kwenzeka isimanga.

Ubani okhuluma noSawulu futhi umthumani?

Kubaneka ukukhanya okuvela ezulwini, bese kuzwakala izwi lithi: “Sawulu, Sawulu, ungishushiselani na?” Kukhuluma uJesu esezulwini! Lokhu kukhanya kuxhopha kangangokuthi kwenza uSawulu abe impumputhe, bese kudingeka abantu ahamba nabo bamhole bamyise eDamaseku.

Ngemva kwezinsuku ezintathu omunye wabafundi bakaJesu waseDamaseku okuthiwa u-Ananiya ubona uJesu embonweni. UJesu uthi u-Ananiya makavakashele uSawulu, ayomvula amehlo axoxe naye. Lapho u-Ananiya ekhuluma naye, uSawulu uyalamukela iqiniso ngoJesu. Useyabona. Yonke indlela aphila ngayo iyashintsha, abe inceku kaNkulunkulu ethembekile.—IzEnzo 9:1-22.

Uyabona yini manje ukuthi kungani uSawulu ayenza izinto ezimbi?— Yingoba wayefundiswe izinto ezingalungile. Wayelandela abantu ababengathembekile kuNkulunkulu. Futhi wayeseqenjini labantu ababenaka kakhulu izimfundiso zabantu kuneZwi likaNkulunkulu. Kodwa kungani uSawulu ekushintsha ukuphila kwakhe aqale ukwenza okuhle, nakuba abanye abaFarisi besaqhubeka belwa noNkulunkulu?— Yingoba uSawulu akalizondi neze iqiniso. Ngakho lapho efundiswa okulungile, uyazimisela ukukwenza.

Uyazi yini ukuthi uSawulu washintsha waba ubani?— Waba umphostoli uPawulu, umphostoli kaJesu. Futhi khumbula, uPawulu wabhala izincwadi zeBhayibheli eziningi ukwedlula abanye.

Baningi abantu abanjengoSawulu abangashintsha. Kodwa akulula ngoba kukhona umuntu ozikhandlayo ukuze enze abantu benze izinto ezimbi. Uyazi ukuthi ubani lowo?— UJesu wakhuluma ngaye ngesikhathi ebonakala kuSawulu endleleni eya eDamaseku. Ngaleso sikhathi uJesu wakhuluma noSawulu esezulwini wathi: ‘Ngikuthuma ukuba uvule amehlo abantu, ubasuse ebumnyameni ubayise ekukhanyeni, ubasuse egunyeni likaSathane ubayise kuNkulunkulu.’—IzEnzo 26:17, 18.

Yebo, uSathane uDeveli nguye ozama ukwenza bonke abantu benze izinto ezimbi. Kuke kwenzeke yini kuwe kube nzima ukwenza okulungile?— Kuke kwenzeke kithi sonke. USathane nguye owenza kube nzima. Kodwa kukhona esinye isizathu esenza kungabi lula ngaso sonke isikhathi ukwenza okulungile. Uyasazi?— Yingoba sizalwa sinesono.

Yilesi sono esiye senze kube lula ukuba senze okungalungile kunokuba senze okulungile. Kufanele senzenjani-ke?— Kumelwe silwele ukwenza okulungile. Uma senza kanjalo, singaqiniseka ukuthi uJesu uyosisiza ngoba uyasithanda.

Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, wayebathanda abantu ababekade benze izinto ezimbi kodwa abase beshintshile. Wayazi ukuthi kwakunzima kanjani ukuba bashintshe. Ngokwesibonelo, kwakunabesifazane ababelala namadoda amaningi. Kwakukubi lokhu. IBhayibheli libabiza ngokuthi izifebe laba besifazane.

Kungani uJesu amthethelela lona wesifazane owayenze izinto ezimbi?

Kukhona owesifazane owayeyisifebe owezwa ngoJesu, wabe eseya lapho uJesu ayekhona, emzini womFarisi. Wagcoba izinyawo zikaJesu ngamafutha futhi wasula izinyembezi zakhe ezinyaweni zikaJesu ngezinwele zakhe. Wazisola kakhulu ngezono zakhe, ngakho uJesu wamthethelela. Kodwa lo mFarisi wayecabanga ukuthi akufanele athethelelwe.—Luka 7:36-50.

Uyazi ukuthi uJesu wathini kwabanye abaFarisi?— Wathi kubo: ‘Izifebe zingena ngaphambi kwenu embusweni kaNkulunkulu.’ (Mathewu 21:31) UJesu washo lokhu ngoba izifebe zaba nokholo kuye futhi zashintsha izindlela zazo ezimbi. Kodwa abaFarisi baqhubeka benza izinto ezimbi kubafundi bakaJesu.

Ngakho lapho iBhayibheli lisitshela ukuthi izinto esizenzayo zimbi, kufanele sizimisele ukushintsha. Futhi lapho sifunda ukuthi uJehova ufuna senzeni, kufanele sizimisele ukukwenza. Uma sikwenza, uJehova uyojabula ngathi asinike ukuphila okuphakade.

Ukuze sithole usizo lokugwema ukwenza okubi, masifunde ndawonye iHubo 119:9-11; izAga 3:5-7; no-12:15.