Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 28

Indlela Ongazi Ngayo Ukuthi Kumelwe Ulalele Bani

Indlela Ongazi Ngayo Ukuthi Kumelwe Ulalele Bani

NGEZINYE izikhathi kunzima ukwazi ukuthi ubani okufanele simlalele. Umama wakho noma ubaba wakho angase athi yenza into ethile. Kodwa uthisha noma iphoyisa lingase likutshele ukuba wenze okuhlukile kulokho. Uma kwenzeka lokho, uyolalela bani?—

Ngasekuqaleni kwale ncwadi, eSahlukweni 7, safunda eyabase-Efesu 6:1-3 eBhayibhelini. Lawo mavesi athi abantwana kufanele balalele abazali babo. Lo mbhalo uthi: “Lalelani abazali benu abanobunye neNkosi.” Uyazi ukuthi kusho ukuthini ‘ukuba nobunye neNkosi’?— Abazali abanobunye neNkosi bafundisa abantwana babo ukulalela imithetho kaNkulunkulu.

Kodwa abanye abantu abadala abakholelwa kuJehova. Uyokwenzenjani-ke uma omunye wabo ethi kulungile ukukopela lapho nihlolwa esikoleni noma ukuthatha into esitolo ungayikhokhele? Kulungile-ke yini ukuba ingane ikopele noma intshontshe?—

Khumbula, iNkosi uNebukhadinezari yake yakhipha umyalo wokuba bonke abantu bakhothamele isithombe segolide eyayisimisile. Kodwa uShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego abazange basikhothamele. Uyazi ukuthi kungani?— Ngoba iBhayibheli lithi abantu kufanele bakhulekele uJehova kuphela.—Eksodusi 20:3; Mathewu 4:10.

Uthini uPetru kuKayafase?

Ngemva kokufa kukaJesu, abaphostoli bakhe bayiswa phambi kweSanhedrini, inkantolo enkulu yenkolo yamaJuda. UmPristi Ophakeme uKayafase wathi: “Siniyalé ngokucacile ukuba ningaqhubeki nifundisa ngaleli gama [likaJesu], kodwa, bhekani! senigcwalise iJerusalema ngemfundiso yenu.” Kungani abaphostoli bengayilalelanga iSanhedrini?— UPetru, ekhulumela bonke abaphostoli, waphendula uKayafase wathi: “Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.”—IzEnzo 5:27-29.

Ngaleso sikhathi abaholi benkolo bamaJuda babenegunya elikhulu. Kodwa izwe lawo lalibuswa uhulumeni wamaRoma. Umongameli walo hulumeni kwakuthiwa uKhesari. Yize amaJuda ayengafuni ukubuswa uKhesari, uhulumeni wamaRoma wawubenzela izinto eziningi ezinhle abantu. Futhi nohulumeni banamuhla bayazenzela izakhamuzi zabo izinto ezinhle. Uyazazi ezinye zalezi zinto?—

Ohulumeni bakha imigwaqo esihamba kuyo bakhokhele namaphoyisa nabacishi bemililo ukuze basivikele. Bangase bakhe nezikole zezingane banakekele nempilo yasebekhulile. Kudingeka imali ukuze uhulumeni wenze lezi zinto. Uyazi ukuthi uhulumeni uyithathaphi imali?— Kubantu. Imali ekhokhwa abantu kuhulumeni kuthiwa intela.

Ngesikhathi uMfundisi Omkhulu elapha emhlabeni, amaJuda amaningi ayengafuni ukukhokha izintela kuhulumeni wamaRoma. Ngakho ngelinye ilanga abapristi bathenga amadoda athile ukuba abuze uJesu umbuzo owawuzomfaka enkingeni. Umbuzo wawuthi, ‘Kufanele yini sikhokhe intela kuKhesari noma cha?’ Lo mbuzo wawungowobuqili. Ukube uJesu wayephendule wathi, ‘Yebo, kufanele nikhokhe intela,’ amaJuda amaningi ayengeke akuthande lokho. Kodwa futhi uJesu wayengeke athi, ‘Cha, akudingeki nikhokhe intela.’ Kwakuzoba iphutha ukusho kanjalo.

Ngakho wenzani uJesu? Wathi: ‘Ngiboniseni imali.’ Lapho bemnika, uJesu wababuza: ‘Esikabani lesi sithombe negama elikule mali?’ Bathi: “ElikaKhesari.” UJesu wayesethi: “Ngakho-ke, buyiselani izinto zikaKhesari kuKhesari, kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.”—Luka 20:19-26.

UJesu wawuphendula kanjani umbuzo wobuqili walaba bantu?

Akekho owathola iphutha kuleyo mpendulo. Uma uKhesari enzela abantu izinto, kuyafaneleka-ke ukuzikhokhela lezi zinto ngemali eyenziwe uKhesari. Ngakho uJesu wayebonisa ukuthi kuyafaneleka ukukhokha intela kuhulumeni ngenxa yezinto asenzela zona.

Kungenzeka ukuthi usemncane ukuba ungakhokha intela. Kodwa ikhona into okufanele uyenzele uhulumeni. Uyazi ukuthi yini leyo?— Ukulalela imithetho kahulumeni. IBhayibheli lithi: ‘Lalela amagunya aphakeme.’ La magunya yilabo bantu abayiziphathimandla zikahulumeni. Ngakho uNkulunkulu uyena othi kufanele silalele imithetho kahulumeni.—Roma 13:1, 2.

Kungenzeka ukuthi kunomthetho othi akufanele ulahle amaphepha noma ezinye izinto emgwaqweni. Kufanele yini uwulalele lowo mthetho?— Yebo, uNkulunkulu ufuna uwulalele. Kufanele yini uwalalele namaphoyisa?— Uhulumeni uyawaholela amaphoyisa ukuze avikele abantu. Ukuwalalela kuyafana nokulalela uhulumeni.

Ngakho uma uthi weqa umgwaqo bese iphoyisa lithi “Yima!” kufanele wenzenjani?— Uma abanye begijima beqa, ingabe nawe kufanele ubalandele?— Kufanele ulinde, ngisho noma kunguwena wedwa olindayo. UNkulunkulu uthi lalela.

Kungase kube nesiphithiphithi endaweni yakini, bese iphoyisa lithi: “Ningayi emigwaqweni. Ningaphumeli phandle.” Kodwa ungase uzwe umsindo bese ufuna ukwazi ukuthi kwenzekani. Kufanele yini uphumele phandle uyobuka?— Uyobe uyawalalela yini “amagunya aphakeme” uma uphumela phandle?—

Ezindaweni eziningi uhulumeni wakha nezikole aholele nothisha. Ngakho ucabanga ukuthi uNkulunkulu uyafuna ulalele uthisha?— Cabanga ngalokhu. Uhulumeni uholela uthisha ukuze afundise, njengoba nje uholela nephoyisa ukuze livikele abantu. Ngakho ukulalela iphoyisa noma uthisha kufana nokulalela uhulumeni.

Kungani kufanele silalele iphoyisa?

Ake sithi uthisha uthi kumelwe ukhulekele isithombe esithile. Uyokwenzenjani-ke?— AmaHebheru amathathu awazange asikhothamele isithombe, yize kwakusho iNkosi uNebukhadinezari. Uyakhumbula ukuthi enqabelani?— Ngoba ayefuna ukulalela uNkulunkulu.

Umlobi womlando okuthiwa uWill Durant wabhala ngamaKristu akuqala wathi ‘ayengazinikele [noma ayengathembekile] kakhulu kuKhesari.’ Kodwa ayezinikele kakhulu kuJehova! Ubokhumbula njalo-ke ukuthi uNkulunkulu kufanele eze kuqala ekuphileni kwethu.

Silalela uhulumeni ngoba yilokho uNkulunkulu afuna sikwenze. Kodwa uma kuthiwa asenze into uNkulunkulu athi akufanele siyenze, kufanele sithini?— Kufanele sisho lokho abaphostoli abakusho kumpristi ophakeme: “Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.”—IzEnzo 5:29.

IBhayibheli lisifundisa ukuhlonipha umthetho. Funda lokho okubhalwe kuMathewu 5:41; Thithu 3:1; neyoku-1 Petru 2:12-14.