Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 31

Lapho Singathola Khona Induduzo

Lapho Singathola Khona Induduzo

KUKE kwenzeke yini uzizwe udabukile futhi unesizungu?— Kuke kwenzeke uzibuze ukuthi ukhona yini umuntu okuthandayo?— Kwezinye izingane kuyenzeka. Kodwa uNkulunkulu uyathembisa: “Mina ngeke ngikukhohlwe.” (Isaya 49:15) Awujabuli yini uma uzwa lawo mazwi?— Yebo, uJehova uNkulunkulu uyasithanda ngempela!

Ucabanga ukuthi izizwa kanjani le mvu encane elahlekile?

Omunye umbhali weBhayibheli wathi: “Noma kungenzeka ubaba nomama bangishiye, yebo uJehova yena ubeyongamukela.” (IHubo 27:10) Ukwazi lokho kuyasiduduza ngempela, angithi?— Yebo, uJehova uthi: “Ungesabi, ngoba nginawe. . . . Impela ngizokusiza.”Isaya 41:10.

Kodwa ngezinye izikhathi uJehova uyamvumela uSathane asihluphe. UJehova uze avumele uSathane ukuba avivinye izinceku zaKhe. UDeveli wake wahlupha uJesu kangangokuba uJesu waze wakhala kuJehova wathi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni?” (Mathewu 27:46) Nakuba uJesu ayezwa ubuhlungu, wayazi ukuthi uJehova uyamthanda. (Johane 10:17) Kodwa uJesu wayazi nokuthi uNkulunkulu uyamvumela uSathane avivinye izinceku zaKhe futhi azizwise ubuhlungu. Kwesinye isahluko sizochaza ukuthi kungani uNkulunkulu emvumela uSathane enze lokhu.

Uma siseyizingane ziningi izinto esizesabayo. Ngokwesibonelo, wake walahleka wena?— Wawethukile?— Izingane eziningi zingethuka. UMfundisi Omkhulu wake waxoxa indaba ephathelene nokulahleka. Kodwa kwakungeyona ingane eyayilahlekile. Kwakuyimvu.

Nawe uyafana nemvu ngezindlela ezithile. Ufana kanjani nemvu? Phela, izimvu azizinkulu kakhulu futhi azinawo amandla. Futhi zidinga umuntu ozozinakekela nozozivikela. Umuntu onakekela izimvu kuthiwa umalusi.

UJesu waxoxa indaba kamalusi owayenezimvu eziyikhulu. Kodwa imvu eyodwa yalahleka. Kungenzeka yayifuna ukuyobona ukuthi kukhonani ngale kwegquma. Kodwa ngokushesha le mvu yayisikude nezinye. Ungacabanga ukuthi le mvu yazizwa kanjani lapho ithi iyaqalaza ithola ukuthi isisele yodwa?—

Wayezokwenzenjani umalusi lapho ethola ukuthi imvu eyodwa ilahlekile? Ingabe wayezothi yiphutha layo imvu, yena akanandaba nayo? Noma wayezoshiya izimvu ezingu-99 endaweni ephephile ahambe ayofuna le eyodwa? Ingabe kwakungadingeka azikhathaze kangaka ngemvu eyodwa?— Ukube wena wawuyileyo mvu elahlekile, wawuyothanda yini ukuba umalusi ayokufuna?—

Ubani ofana nalo malusi ohlenge imvu yakhe?

Umalusi wayezithanda kakhulu zonke izimvu zakhe, ngisho nale eyayilahlekile. Ngakho wahamba wayoyifuna. Cabanga ukuthi yajabula kanjani leyo mvu eyayilahlekile lapho ibona umalusi eqhamuka! Futhi uJesu wathi umalusi wathokoza ngokuthi wayeyitholile imvu yakhe. Wayijabulela kakhulu yona kunezimvu ezingu-99 ezazingazange zilahleke. Ubani-ke ofana nalo malusi kule ndaba kaJesu? Ubani osikhathalela kakhulu ngendlela lo malusi ayekhathalela ngayo izimvu zakhe?— UJesu wathi nguBaba wakhe osezulwini. UBaba wakhe nguJehova.

UJehova uNkulunkulu unguMalusi Omkhulu wabantu bakhe. Uyabathanda bonke abamkhonzayo, kuhlanganise nabancane njengawe. Akafuni namunye kithi alimale noma abhujiswe. Kumnandi ngempela ukwazi ukuthi uNkulunkulu usikhathalela kangako!—Mathewu 18:12-14.

Ingabe uJehova ungumuntu wangempela kuwe, njengoba enjalo ubaba wakho noma omunye umuntu?

Uyakholwa ngempela ukuthi uJehova uNkulunkulu ukhona?— Ucabanga ukuthi ungumuntu wangempela?— Yiqiniso ukuthi asimboni uJehova. Isizathu siwukuthi unguMoya. Unomzimba esingeke sikwazi ukuwubona ngamehlo ethu. Kodwa ungumuntu wangempela, futhi yena uyasibona. Uyabona uma sidinga usizo. Futhi singakhuluma naye ngomthandazo, njengoba nje siye sikhulume nomunye umuntu lapha emhlabeni. UJehova uyafuna sikhulume naye.

Ngakho-ke uma kwenzeka uzizwa udabukile noma uzizwa sengathi ulahliwe, yini okufanele uyenze?— Khuluma noJehova. Sondela kuye, uyokududuza futhi akusize. Khumbula ukuthi uJehova uyakuthanda, ngisho noma uzizwa sengathi ulahliwe. Ake sithathe amaBhayibheli ethu. Lapha kumaHubo 23, uma siqala evesini 1, kuthiwa: “UJehova unguMalusi wami. Ngeke ngintule lutho. Ungilalisa emadlelweni anotshani; ungihola ngasezindaweni zokuphumula ezithola amanzi anele.”

Nakhu okunye okushiwo umbhali evesini 4: “Ngisho noma ngihamba esigodini sethunzi elimnyama, angesabi lutho olubi, ngoba wena unami; induku yakho nodondolo lwakho yikho okungiduduzayo.” Bazizwa kanjalo abantu uma uNkulunkulu wabo kunguJehova. Bathola induduzo lapho bekhathazekile. Uzizwa kanjalo yini nawe?—

Njengoba nje umalusi onothando ezinakekela izimvu zakhe, noJehova uyabanakekela abantu bakhe. Ubabonisa indlela eqondile okufanele bahambe kuyo, bese bemlandela ngenjabulo. Ngisho noma kukhona izinkinga ngapha nangapha, akudingeki besabe. Umalusi usebenzisa induku noma udondolo lwakhe ukuze avikele izimvu ezilwaneni ezingase zizilimaze. IBhayibheli lisitshela ngendlela umalusi osemncane uDavide avikela ngayo izimvu zakhe ebhubesini nasebhereni. (1 Samuweli 17:34-36) Futhi abantu bakaNkulunkulu bayazi ukuthi uJehova uyobavikela nabo. Bazizwa bephephile ngoba uNkulunkulu unabo.

Njengomalusi evikela izimvu zakhe, ubani ongasisiza thina uma sisenkingeni?

UJehova uzithanda ngempela izimvu zakhe, futhi uzinakekela ngomusa. IBhayibheli lithi: ‘Uyokwelusa izimvu zakhe njengomalusi. Ngezingalo zakhe uyoziqoqela ndawonye izimvu ezincane.’—Isaya 40:11.

Akukujabulisi yini ukwazi ukuthi uJehova unjalo?— Uyafuna ukuba ngenye yezimvu zakhe?— Izimvu zilalela izwi likamalusi wazo. Zihlala ziseduze kwakhe. Uyamlalela yini wena uJehova?— Ingabe uhlala useduze kwakhe?— Uma ukwenza lokhu, akudingeki-ke wesabe. UJehova uzoba nawe.

UJehova ubakhathalela ngothando labo abamkhonzayo. Masifunde ukuthi iBhayibheli lithini ngalokhu kumaHubo 37:25; 55:22; nakuLuka 12:29-31.