Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 35

Singavuka Uma Sifile!

Singavuka Uma Sifile!

UMA singafa, ingabe uNkulunkulu uyothanda ukusivusa, noma ukusenza sibuye siphile?— Indoda elungile uJobe yayikholelwa ukuthi uNkulunkulu uyathanda. Ngakho lapho uJobe ecabanga ukuthi usezokufa, wathi kuNkulunkulu: “Uyobiza, futhi mina ngiyokuphendula.” UJobe wathi uJehova uNkulunkulu wayeyokulangazelela, noma wayeyothanda kakhulu ukumvusa.—Jobe 14:14, 15.

UJesu ufana nse noJehova uNkulunkulu, uBaba wakhe. UJesu uyathanda ukusisiza. Ngesikhathi umuntu ogulayo onochoko ethi kuye, “uma nje uthanda, ungangenza ngihlanzeke,” uJesu waphendula wathi: “Ngiyathanda.” Wabe esemelapha lo muntu owayephethwe uchoko.—Marku 1:40-42.

UJehova wabonisa kanjani ukuthi uyazithanda izingane?

UJesu wafunda kuBaba wakhe ukuthanda izingane. Kwaze kwaba kabili endulo uJehova esebenzisa izinceku zakhe ukuba zivuse izingane. U-Eliya wancenga uJehova ukuba avuse indodana yowesifazane owayemphathe kahle u-Eliya. Futhi uJehova wayivusa. UJehova wasebenzisa nenceku yakhe u-Elisha ukuba ivuse umfana omncane.—1 AmaKhosi 17:17-24; 2 AmaKhosi 4:32-37.

Akukujabulisi yini ukwazi ukuthi uJehova usithanda kakhulu kangaka?— Akasikhumbuli nje kuphela uma sisaphila. Uyasikhumbula noma sesifile. UJesu wathi uBaba wakhe uze ababheke njengabaphilayo abantu abafile abathandayo! (Luka 20:38) IBhayibheli lithi ‘ukufa nokuphila nezinto ezikhona manje nezinto ezizayo ngeke kukwazi ukusihlukanisa nothando lukaNkulunkulu.’—Roma 8:38, 39.

Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, wabonisa ukuthi uJehova uyazithanda izingane ezincane. Uzokhumbula ukuthi uJesu wayezinika isikhathi sokuxoxa nezingane ngoNkulunkulu. Kodwa bewazi yini ukuthi uNkulunkulu wanikeza uJesu amandla okuvusa izingane ezifile?— Ake sixoxe ngesikhathi uJesu avusa ngaso indodakazi kaJayiru eyayineminyaka engu-12.

UJayiru uhlala nomkakhe nengane yabo eyodwa zwi eduze koLwandle LwaseGalile. Ngelinye ilanga le ntombazane encane igula kakhulu, futhi uJayiru uyabona ukuthi izokufa. Useqala ukucabanga ngoJesu, indoda eyisimanga uJayiru ezwe kuthiwa yelapha abantu. Ngakho uJayiru uyahamba ayomfuna uJesu. Umthola esogwini loLwandle LwaseGalile, efundisa abantu abaningi.

UJayiru uhamba phakathi kwabantu afike aguqe phambi kukaJesu. Uthi kuJesu: ‘Indodakazi yami encane igula kakhulu. Ungakwazi ukuza uzoyisiza? Ngicela uze.’ UJesu akachithi sikhathi, uhamba noJayiru. Isixuku ebesizobona uMfundisi Omkhulu naso siyabalandela. Kuthi lapho sebehambe ibanga elide, kuqhamuke amadoda avela emzini kaJayiru athi kuye: “Indodakazi yakho ifile! Usamhluphelani umfundisi?”

UJesu uyakuzwa akushoyo la madoda. Uyazi ukuthi uJayiru uzwa ubuhlungu obungakanani njengoba efelwe ingane yakhe okuwukuphela kwayo. Ngakho uthi kuye: ‘Ungesabi. Kuphela yiba nokholo kuNkulunkulu, indodakazi yakho izovuka.’ Bayahamba baze bafike emzini kaJayiru. Bafica abangane balo mkhaya bekhala. Izinhliziyo zabo zibuhlungu ngoba umngane wabo omncane ufile. Kodwa uJesu uthi kubo: ‘Yekani ukukhala. Umntwana akafile, kodwa ulele.’

Abantu baqala ukuhleka uma uJesu esho lokhu ngoba bayazi ukuthi intombazane ifile. Ucabanga ukuthi kungani pho uJesu ethi ilele?— Ucabanga ukuthi isiphi isifundo afuna ukusifundisa abantu?— Ufuna bazi ukuthi ukufa kufana nokulala zwi ubuthongo. Ufuna ukubafundisa ukuthi ngamandla kaNkulunkulu, angamvusa kalula umuntu ofile njengoba nje nathi singamvusa umuntu olele.

Yini esiyifundayo ngokuvusa kukaJesu indodakazi kaJayiru?

UJesu uthi bonke abantu abaphumele phandle kusale abaphostoli bakhe uPetru, uJakobe, noJohane kanye nobaba wentombazane nomama wayo. Ngemva kwalokho ungena lapho intombazane ikhona. Uyibamba ngesandla abese ethi: ‘Ntombazane encane, vuka!’ Ngaso leso sikhathi iyavuka bese iyahamba! Ubaba nomama wayo bajabula kakhulu.—Marku 5:21-24, 35-43; Luka 8:40-42, 49-56.

Awucabange ngalokhu-ke manje. Njengoba uJesu akwazi ukuvusa leya ntombazane encane, angakwazi yini ukuvusa nabanye?— Ucabanga ukuthi uyobavusa ngempela?— Uqinisile, uyobavusa. Uyena uJesu owathi: “Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni beyokhunjulwa futhi bayolizwa izwi [lami] baphume.”—Johane 5:28, 29.

Ucabanga ukuthi uJesu uyathanda ukuvusa abantu?— Esinye isibonelo esiseBhayibhelini siyasiza siwuphendule lowo mbuzo. Into eyenzeka ngelinye ilanga eduze kwedolobha laseNayini ibonisa ukuthi uJesu uzizwa kanjani ngabantu abakhalayo emingcwabeni.

Umama othile uhamba nabantu abeze emngcwabeni wendodana yakhe lapho besuka eNayini. Kwaqale kwafa umyeni wakhe, futhi manje sekufe ingane yakhe okuwukuphela kwayo. Inhliziyo yakhe ayive ibuhlungu! Abantu abaningi baseNayini balandela abantu abathwele isidumbu sendodana yakhe njengoba bephuma kuleli dolobha. Lo mama uyakhala, futhi akukho lutho abangamduduza ngalo abantu.

Ngalolu suku, uJesu nabafundi bakhe babeya edolobheni laseNayini. Eduze kwesango ledolobha, bahlangana nabantu abayongcwaba indodana yalo mama. Lapho uJesu ebona lo mama ekhala, uyamzwela. Inhliziyo yakhe iyathinteka njengoba embona edabuke kakhulu kangaka. Ufuna ukumsiza.

Ngakho ukhuluma ngezwi elinozwela kodwa eliqinile elimenza alalele, uthi: ‘Musa ukukhala.’ Indlela akhuluma ngayo nento ayenzayo yenza bonke abantu bambuke bemangele. Lapho uJesu eya esidunjini, kumelwe ukuba bonke bayazibuza ukuthi uzokwenzani. UJesu uyakhuluma, athi kuso: “Nsizwa, ngithi kuwe, Vuka!” Ngaso leso sikhathi, iyavuka ihlale! Bese iqala ukukhuluma.—Luka 7:11-17.

Cabanga nje ukuthi lo mama wazizwa kanjani! Ubungazizwa kanjani wena uma umuntu omthandayo ofile evuswa?— Ingabe lokhu akubonisi ukuthi uJesu uyabathanda ngempela abantu futhi uyathanda ukubasiza?— Cabanga ukuthi kuyoba mnandi kanjani ukuhlangabeza abantu abavusiwe ezweni elisha likaNkulunkulu!—2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:3, 4.

Ukuvuswa kwengane yalo mama okuwukuphela kwayo kubonisani?

Ngaleso sikhathi abanye babantu abayovuswa kuyoba abantu esibaziyo, kuhlanganise nezingane. Siyobe sibazi njengoba nje uJayiru ayeyazi indodakazi yakhe lapho uJesu eyivusa. Abanye kuyoba abantu abafa kudala. Kodwa uNkulunkulu ngeke abakhohlwe nakuba babephila kudala.

Awujabuli yini ukwazi ukuthi uJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe, uJesu, basithanda kangaka?— Bafuna siphile phakade, abafuni siphile iminyaka embalwa nje kuphela!

Sicela nifunde ngethemba leBhayibheli elihle kakhulu ngabantu abafile ku-Isaya 25:8; IzEnzo 24:15; neyoku-1 Korinte 15:20-22.